ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 50
INGOMA 48 Ukuhamba NoJehova Nsuku Zonke
Lingisa Ukuthobeka KukaJehova
“Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.”—EFE. 5:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngezindlela ezine esingalingisa ngazo ukuthobeka kukaJehova.
1. Kungani kumangalisa ukuthobeka kukaJehova?
UMA ubheka abantu abasezikhundleni namuhla, ungasho yini ukuthi bathobekile? Cishe abanjalo. Kodwa uJehova, onguMninimandla Onke, yena uthobekile. (IHu. 113:5-8) Ubuntu bukaJehova bubonisa ukuthi uthobekile kukho konke akwenzayo; akukho nokuncane ukuzikhukhumeza kuye. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinto ezine esizibona ebuntwini bukaJehova obuhle, sizothola nokuthi ngayinye yalezi zinto ikubonisa kanjani ukuthobeka kwakhe. Sizoxoxa nangendlela uJesu akulingisa ngayo ukuthobeka kukaBaba wakhe. Ukuxoxa ngalezi zinto kuzosisiza ukuba sisondelane nakakhulu noJehova nokuba sikulingise nakakhulu ukuthobeka kwakhe.
KULULA UKUKHULUMA NOJEHOVA
2. IHubo 62:8 lisitshelani ngoJehova? (Bheka esisekhasini 1.)
2 Ngokuvamile akulula ukukhuluma nabantu abaqhoshayo. Ukuzikhukhumeza kubenza baziphathe ngendlela eyenza abanye banqikaze ukuya kubo noma babagweme ngokuphelele. UJehova uhluke ngokuphelele kulabo bantu! Ngenxa yokuthi uBaba wethu osezulwini uthobekile, usicela ukuba sikhulume naye, simtshele izinto ezisikhathazayo ezingqondweni zethu nasezinhliziyweni zethu. (Funda iHubo 62:8.) Njengoba nje ubaba okhathalelayo ehlale ekulungele ukuzwa ukuthi yini ekhathaza izingane zakhe, noJehova uyayamukela futhi ayilalele imithandazo yabakhulekeli bakhe. Empeleni wenze ukuba eminingi yaleyo mithandazo ibhalwe eBhayibhelini. Lokho kubonisa ukuthi kulula kangakanani ukukhuluma naye. (Josh. 10:12-14; 1 Sam. 1:10-18) Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi ngenxa yezizathu ezithile sizizwa singakufanelekeli ukukhuluma noJehova?
Elingisa uJehova, ngokuthobeka ubaba ulalela indodana yakhe ephule ivazi ngesikhathi idlala (Bheka isigaba 2)
3. Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova ufuna uthandaze kuye njalo?
3 Singathandaza kuJehova ngisho noma sizizwa singalufanelekeli uthando lwakhe. Kungani sisho kanjalo? Emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko, wafanisa uJehova nobaba onomusa owayenendodana eyayisiphendukile eyayizizwa ingakufanelekeli ukuphinde yamukelwe ekhaya. Yini lo baba ayenza lapho indodana yakhe ibuya ekhaya? UJesu wathi lapho nje ubaba ebona indodana yakhe, “wagijima wayanga ngothando wayiqabula.” (Luka 15:17-20) UJehova unjengalowo baba. Lapho nje ezwa imithandazo yabantu abanezinhliziyo eziphukile nezichobozekile ngenxa yokuhlushwa umuzwa wecala noma ngenxa yokukhathazeka, ukuthobeka kwakhe kumenza abalalelisise labo bantu. (IsiL. 3:19, 20) UJehova uyabazwela, kunjengokungathi ugijimela kubo ukuze abaduduze, abaqinisekise ukuthi uzwelana nabo futhi uyabathanda. (Isaya 57:15) UJehova “ugijimela” kanjani kithi namuhla? Ngokuvamile usebenzisa abadala, amalungu omndeni esikholwa nawo, nabanye esikholwa nabo. (Jak. 5:14, 15) UJehova usisiza ngale ndlela ngoba ufuna sisondelane naye.
4. UJesu wabonisa kanjani ukuthi kwakulula ukukhuluma naye?
4 UJesu ulingisa uBaba wakhe. NjengoBaba wakhe, uJesu uthobekile. Ngenxa yalokho, ngesikhathi esemhlabeni, abantu babezizwa bekhululekile ukuya kuye. Babengasabi ukumbuza imibuzo. (Marku 4:10, 11) Ngakho lapho ebacela ukuba basho abakucabangayo ngendaba ethile, babemtshela indlela abazizwa ngayo ngempela. (Math. 16:13-16) Lapho benza amaphutha, babengabi novalo lokuthi uJesu wayezobathukuthelela; babazi ukuthi uJesu wayenomusa, enesihe nesineke. (Math. 17:24-27) Kuyaphawuleka ukuthi ngenxa yendlela amlingisa kahle ngayo uBaba wakhe, abalandeli bakaJesu bamazi kangcono uJehova. (Joh. 14:9) Bafunda ukuthi uJehova wayengafani nhlobo nabaholi benkolo bangaleso sikhathi ababenokhahlo, beqhosha, bezibona bengcono kunabanye abantu. Kunalokho, wayethobekile futhi kulula ukukhuluma naye.
5. Ukuthobeka kungasisiza kanjani ukuba sikwenze kube lula ngabanye ukuba bakhulume nathi?
5 Singamlingisa kanjani uJehova? Ngokufunda ukuba abantu abathobekile, siyokwenza kube lula ngabanye ukuba beze kithi. Ukuthobeka kuyosenza singabi abantu abanomona, abaqhoshayo nabangathetheleli—okuyizinto ezenza abantu baqhele kithi. Kodwa kuyosisiza sibe nomusa nesineke futhi sithethelele—okuyizinto ezenza abantu basondele kithi. (Kol. 3:12-14) Abadala ngokukhethekile kumele baqikelele ukuthi benza abantu bazizwe bekhululekile ukuza kubo bakhulume nabo. Yiqiniso ukuthi ukuze abanye bazizwe bekhululekile ukukhuluma nabo, kudingeka bachithe isikhathi esiningi nabo. Lokho kusho ukuthi benza konke abangakwenza ukuze babe khona ngokoqobo emihlanganweni yebandla, kunokuba bayithamele ngevidiyo ngokungenasidingo. Noma nini lapho kungenzeka, bazama ukushumayela nabafowabo nodadewabo endlini ngendlu. Njengoba labo abasebandleni bebajwayela abadala, bayozizwa bekhululekile ukubathululela isifuba lapho kudingeka benze kanjalo.
UJEHOVA UYACABANGELA
6-7. Nikeza izibonelo ezibonisa ukuthi uJehova wayekulungele ukulalela izicelo zezinceku zakhe ashintshe isinqumo sakhe.
6 Abantu abaningi abaqhoshayo abacabangeli lapho besebenzelana nabanye. Kodwa ngenxa yokuthi uJehova uthobekile, uyacabangela futhi uzimisele ukulalela okushiwo abanye ngisho nokushintsha isinqumo sakhe—ngisho noma ephakeme kakhulu kunawo wonke umuntu ngazo zonke izindlela. Cabanga ngendlela asebenzelana ngayo nodadewabo kaMose, uMiriyamu. Yena no-Aroni bakhononda ngoMose, owayengummeleli kaJehova. Ngakho, empeleni uMiriyamu wayedelela uJehova. Ngenxa yalokho, uJehova wamthukuthelela uMiriyamu, wamshaya ngochoko. Kodwa lapho u-Aroni encenga uMose ukuba asize udadewabo noMose encenga uJehova ukuba amphulukise, yini uNkulunkulu ayenza? UNkulunkulu akazange aqhoshe enqabe ukushintsha isahlulelo sakhe ngoMiriyamu. Ngenxa yokuthi uthobekile, wamlalela uMose, waphulukisa uMiriyamu.—Num. 12:1-15.
7 UJehova wabonisa ukuthi uthobekile nalapho esebenzelana neNkosi uHezekiya. Ngomprofethi wakhe, uJehova watshela le nkosi ukuthi yayizofa. UHezekiya wakhala, wancenga uJehova ukuba amphulukise. Lapho uJehova emphendula, ngesihe wenezela iminyaka engu-15 ekuphileni kwenkosi. (2 AmaKh. 20:1, 5, 6) Ngempela, ukuthobeka kwenza uJehova abe nozwela futhi akulungele ukulalela abantu.
8. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu uyacabangela? (Marku 3:1-6)
8 UJesu ulingisa uBaba wakhe. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu akazange abagodlele okuhle abanye lapho kwakunesidingo sokuba abasize. Ngokwesibonelo, welapha abantu ngeSabatha nakuba kwakunabantu abanezinhliziyo ezilukhuni ababephikisa lokho ayekwenza. (Funda uMarku 3:1-6.) Nanamuhla uJesu uyaqhubeka ecabangela njengoba eyinhloko yebandla lobuKristu. Ngokwesibonelo, lapho othile ebandleni enza isono esikhulu, uyambekezelela, emnika ithuba elanele lokuba alungise izindlela zakhe.—IsAm. 2:2-5.
9. Singaba kanjani abantu abacabangelayo futhi singakubonisa kanjani lokho endleleni esenza ngayo? (Bheka nezithombe.)
9 Singamlingisa kanjani uJehova? Ngokuzithoba kumele sizame ukulingisa indlela uJehova acabanga ngayo nenza ngayo izinto ngendlela ebonisa ukucabangela. (Jak. 3:17) Ngokwesibonelo, abazali abacabangelayo, nakuba bengayekeleli, abalindeli ukuba izingane zabo zenze okungaphezu kwamandla azo. Lokho sikubona kahle endabeni kaJakobe, njengoba ilandiswa kuGenesise 33:12-14. Abazali abathobekile nabacabangelayo kufanele bazame nokugwema ukuqhathanisa ingane nenye ingane. Abadala abangamaKristu nabo kumele bacabangele. Enye indlela abangakwenza ngayo lokho ukuba bahambisane nalokho iningi labadala abasendikimbeni elivumelene ngakho lapho ukwenza kanjalo kungangqubuzani nezimiso zeBhayibheli. (1 Thim. 3:2, 3) Sonke singazama ukuqonda imibono yabanye ngisho noma thina sibona izinto ngendlela ehlukile. (Roma 14:1) Ngempela, wonke umuntu ebandleni kufanele alwele ukuba ‘ukucabangela kwakhe kwaziwe yibo bonke abantu.’—Fil. 4:5.
Ubaba uyacabangela uma kuziwa kulokho alindele ukuba izingane zakhe zikwenze enkonzweni yasensimini (Bheka isigaba 9)
UJEHOVA UYABEKEZELA
10. UJehova ubonise ngaziphi izindlela ukuthi uyabekezela?
10 Cishe usubonile ukuthi abantu abaqhoshayo abathandi ukulindiswa. Ukuqhosha kubenza bangabi naso isineke. Akunjalo neze ngoJehova, oyisibonelo esizedlula zonke sokubekezela! Ngokwesibonelo, ngesikhathi sikaNowa, uJehova wathi wayezolinda iminyaka engu-120 ngaphambi kokuba abhubhise abantu ababi. (Gen. 6:3) UNowa wayenesikhathi sokukhulisa izingane zakhe nesokwakha umkhumbi esizwa umndeni wakhe. Kamuva, ingelosi kaJehova engummeleli wakhe yamlalela ngesineke u-Abrahama njengoba ayebuza imibuzo ngokubhujiswa kweSodoma neGomora. Umuntu oqhoshayo wayengathi, ‘Ungangibuza kanjani leyo mibuzo!’ Kodwa ilingisa uJehova, leyo ngelosi yambekezelela u-Abrahama.—Gen. 18:20-33.
11. Njengoba kuboniswe kweyesi-2 Petru 3:9, kungani uJehova ebekezela esikhathini sethu?
11 Ngokuthobeka uJehova ubonisa isineke nasesikhathini sethu. Ulinde ukuqeda leli zwe ngesikhathi asesinqumile. Kungani ebekezela? “Ngoba akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (Funda eyesi-2 Petru 3:9.) Ingabe ukubekezela kukaJehova kube yize? Cha! Izigidi zabantu abalungile ziye zasondela kuye. Izigidi zabantu eziningi ezengeziwe zisazosondela kuye. Noma kunjalo, uJehova ngeke abekezele unomphela. UJehova uyabathanda abantu, kodwa akayekeleli. Ngeke avumele ukuba ububi bulokhu bukhona unomphela.—Hab. 2:3.
12. UJesu ukulingisa kanjani ukubekezela kukaJehova?
12 UJesu ulingisa uBaba wakhe. Sekuphele izinkulungwane zeminyaka uJesu elingisa ukubekezela kukaJehova. Ubone uSathane enyundela uJehova nabantu abathembekile. (Gen. 3:4, 5; Jobe 1:11; IsAm. 12:10) Ubone nabantu bebhekana nezinto ezibuhlungu kakhulu. Cabanga indlela okumele ukuba ufisa ngayo ‘ukubhidliza imisebenzi kaDeveli’! (1 Joh. 3:8) Yini esiza uJesu ukuba alinde ngesineke kuze kube yilapho uJehova emtshela ukuthi sekuyisikhathi sokuba ayibhidlize ngokuphelele imisebenzi kaDeveli? Esinye isizathu ukuthi ukuthobeka kukaJesu kumenza ashiyele kuJehova ukuba kube nguye onqumayo ukuthi izinto zenzeka ngasiphi isikhathi—okunguye onelungelo lokwenza kanjalo.—IzE. 1:7.
13. UJesu wababekezelela kanjani abaphostoli bakhe futhi kungani ayebabekezelela?
13 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wababekezelela nabaphostoli bakhe. Ngokwesibonelo, ngesikhathi abaphostoli belokhu bephikisana ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo, uJesu akazange alilahle ithemba ngabo. Kunalokho waqhubeka ebabekezelela. (Luka 9:46; 22:24-27) Wayeqiniseka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babezozenza izinguquko ezidingekayo. Kwake kwenzeka yini wenza iphutha elifanayo izikhathi eziningi? Uma kunjalo, awujabuli yini ngokuba neNkosi ethobekile nenesineke?
14. Yini engasisiza ukuba sibe nesineke kakhudlwana?
14 Singamlingisa kanjani uJehova? Lapho sizama kakhudlwana ukuba ‘nomqondo kaKristu,’ sizibeka esimweni esingcono kakhulu sokucabanga nokwenza njengoJehova. (1 Kor. 2:16) Yini engasisiza ukuba siwuqonde kangcono umqondo kaKristu? Ayikho indlela enqamulelayo yokwenza kanjalo. Kumele sifunde amaVangeli. Lapho sesiwafundile, kudingeka sizinike isikhathi sokuzindla ngokuthi lezo zindaba esizifundayo ziyiveza kanjani indlela uJesu acabanga ngayo ngezinto. Akungabazeki nokuthi kumele sicele uJehova asisize sicabange njengoJesu sithobeke njengaye. Njengoba sizama ukuba nomqondo kaKristu, siyomlingisa kakhudlwana uNkulunkulu ngokuba nesineke kakhudlwana kithi nakwesikholwa nabo.—Math. 18:26-30, 35.
UJEHOVA UYABAPHAKAMISA LABO ABABUKELWA PHANSI
15. UJehova ubonise kanjani ukuthi uyakwenza lokho okushiwo kumaHubo 138:6?
15 Funda iHubo 138:6. Kuyilungelo ngempela ngabantu abathobekile ukuba baqashelwe uMbusi wendawo yonke! Cabanga ngezibonelo ezimbalwa nje zabantu ababukelwa phansi uJehova aye wabaphakamisa kula makhulu eminyaka adlule. Kungenzeka abanye babo abasheshi ukufika engqondweni yakho, kodwa iBhayibheli liyakhuluma ngabo. UJehova waphefumulela uMose ukuba abhale igama lomzanyana okuthiwa uDebora, owayephila ngesikhathi sezinzalamizi. Wawusebenzela ngokwethembeka umndeni ka-Isaka nokaJakobe iminyaka engaba ngu-125! Nakuba kungekuningi okushiwo ngalona wesifazane oqotho, uJehova waqikelela ukuba eZwini lakhe kubhalwe indlela lona wesifazane ayethandwa ngayo. (Gen. 24:59; 35:8, mbhw.) Emakhulwini eminyaka kamuva, uJehova wakhetha uDavide, umfana ongumalusi, wamenza inkosi yesizwe sakwa-Israyeli. (2 Sam. 22:1, 36) Ngokushesha ngemva kokuzalwa kukaJesu, uNkulunkulu wathumela izingelosi kubelusi abathobekile ukuze ziyobabonisa udumo ngokutshela bona kuqala ukuthi eduze kwalapho ababekhona eBhetlehema kwakuzalwe uMesiya othenjisiwe. (Luka 2:8-11) Ngesikhathi uJosefa noMariya beletha uJesu ethempelini, uJehova wababonisa udumo uSimeyoni no-Ana asebekhulile ngokubenza babone iNdodana yakhe. (Luka 2:25-30, 36-38) Ngempela, “nakuba uJehova ephakeme, uyamqaphela othobekile”!
16. UJesu wayilingisa kanjani indlela uBaba wakhe ayephatha ngayo abanye?
16 UJesu ulingisa uBaba wakhe. NjengoBaba wakhe, uJesu wayebathanda abantu abathobekile. Wafundisa abantu “abangafundile nabavamile” amaqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu. (IzE. 4:13; Math. 11:25) UJesu welapha nabagulayo, wabaphatha ngendlela engagcinanga nje ngokubenza bazizwe beyimiqemane, kodwa neyabenza bazizwa bethandwa futhi behlonishwa. (Luka 5:13) Ngobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wageza izinyawo zabaphostoli bakhe, okuwumsebenzi owawenziwa yizinceku. (Joh. 13:5) Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, wanikeza bonke abalandeli bakhe abathobekile, ababekhona ngaleso sikhathi nababesazoba khona, ilungelo lokwenza umsebenzi obaluleke kunayo yonke—ukusiza abanye bathole ukuphila okuphakade.—Math. 28:19, 20.
17. Singababonisa kanjani abanye ukuthi siyabathanda futhi siyabahlonipha? (Bheka nesithombe.)
17 Singamlingisa kanjani uJehova? Sibonisa ukuthi siyabathanda abantu futhi siyabahlonipha lapho sishumayela izindaba ezinhle kubo bonke abasilalelayo, kungakhathaliseki ukuthi bavela kusiphi isizinda, linjani ibala labo lesikhumba, noma ukuthi bafunde kangakanani. Sibonisa nokuthi siyabathanda futhi siyabahlonipha abafowethu nodadewethu lapho sibabheka njengabakhulu kunathi, kungakhathaliseki ukuthi sinamaphi amakhono noma amalungelo. (Fil. 2:3) UJehova uyajabula lapho ngokuzithoba ‘sihola’ ekubonisaneni udumo ngalezi zindlela nangezinye izindlela.—Roma 12:10; Zef. 3:12.
Silingisa ukuthobeka kukaJehova lapho sishumayela izindaba ezinhle kuzo zonke izinhlobo zabantu (Bheka isigaba 17) a
18. Kungani ufuna ukulingisa ukuthobeka kukaJehova?
18 Njengoba senza konke esingakwenza ukuze silingise ukuthobeka kukaBaba wethu osezulwini onothando, siyokwenza kube lula nakakhulu ngabanye ukuba bakhulume nathi, siyocabangela kakhudlwana, sibekezele kakhudlwana. Siyothanda abanye futhi sibahloniphe njengoJehova. Kwangathi imizamo yethu yokusondela kakhudlwana kuNkulunkulu wethu othobekile ingenza ngamunye wethu abe yigugu nakakhulu kuye!—Isaya 43:4.
INGOMA 159 Nikani UJehova Inkazimulo
a INCAZELO YEZITHOMBE: Ngokuzithoba abanye odade balingisa uJehova njengoba befundisa iziboshwa iBhayibheli.

