ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 49
INGOMA 44 Umthandazo Womuntu Ophansi
Incwadi KaJobe Ingakusiza Lapho Unikeza Iseluleko
“Manje Jobe, ngicela uzwe amazwi ami.”—JOBE 33:1.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela incwadi kaJobe esisiza ngayo ukuba sinikeze iseluleko esiwusizo.
1-2. Iyiphi inselele abangani bakaJobe abathathu no-Elihu ababhekene nayo?
INDABA isakazeka njengomlilo wequbula kubantu baseMpumalanga. UJobe, indoda eyaziwa nasezindaweni ezikude ukuthi icebile, ilahlekelwe yiyo yonke into. Lapho abangani bakaJobe abathathu—u-Elifazi, uBhilidadi, uSofari—bezwa ngalokho okwenzeke kuJobe, baya e-Uze ukuze bayomduduza. Kodwa abakulindele lokho abakubonayo lapho befika khona.
2 Kubone ngeso lengqondo lokho okwenzekayo. Ngomqondo othile, uJobe ulahlekelwe yiyo yonke into abenayo. Imfuyo yakhe eningi yezimvu, izinkomo, amakamela nezimbongolo akusekho. Izingane zakhe zibulewe, nezinceku zakhe eziningi zibulawe ngenkemba. Indlu izingane zikaJobe ezifele kuyo iwele kuzo. Kuthe sekwenzeke konke lokhu, uJobe wagula kakhulu. Manje umzimba wakhe ugcwele amathumba abuhlungu. Njengoba abangani bakhe abathathu beza kuye besekude, babona uJobe edabuke kakhulu ehlezi emlotheni. Yini abayenzayo njengoba bembona? Kuphela izinsuku eziyisikhombisa zonke bengasho lutho kule ndoda ezwa ubuhlungu. (Jobe 2:12, 13) Njengoba isikhathi siqhubeka kufika indoda okuthiwa u-Elihu, encane ngeminyaka kunabangani bakaJobe, ifike ihlale eduze kwabo. Ekugcineni uJobe uyakhuluma, uqalekisa usuku azalwa ngalo futhi ufisa ukufa. (Jobe 3:1-3, 11) Kusobala ukuthi uJobe udinga usizo! Lokho la madoda akushoyo nendlela akusho ngayo kuzobonisa ukuthi angabangani bakaJobe ngempela yini nokuthi anendaba ngempela yini nenhlalakahle yakhe.
3. Yini esizogxila kuyo manje?
3 UJehova wayala uMose ukuba abhale lokho abangani bakaJobe abathathu no-Elihu abakusho nalokho abakwenza. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ezinye izinto ezashiwo u-Elifazi kubonakala sengathi zaziphefumulelwe isidalwa somoya esibi. Ngokuphambene nalokho, izinto ezashiwo u-Elihu zaziphefumulelwe uJehova. (Jobe 4:12-16; 33:24, 25) Akumangazi ukuthi nakuba incwadi kaJobe inezinye zezeluleko ezinhle kakhulu, inazo nezeluleko ezimbi kakhulu. Into eyinhloko ewusizo esingayithola encwadini kaJobe yindlela le ncwadi engasisiza ngayo lapho kudingeka seluleke othile. Okokuqala, sizoxoxa ngezibonelo ezimbi zabangani bakaJobe abathathu. Sizobe sesixoxa ngesibonelo esihle sika-Elihu. Esimweni ngasinye, sizofunda ngendlela ama-Israyeli ayengazuza ngayo encwadini kaJobe nangendlela thina esingazuza ngayo namuhla.
INDLELA ABANGANI BAKAJOBE ABATHATHU ABAMELULEKA NGAYO
4. Kungani abangani bakaJobe abathathu behluleka ukumduduza? (Bheka nesithombe.)
4 IBhayibheli lithi ngemva kokuba abangani bakaJobe abathathu bezwe ngezinhlekelele ezazimehlele baya kuye “ukuze bayozwelana noJobe bamduduze.” (Jobe 2:11) Nokho, bahluleka ukumduduza. Kungani? Okungenani ngenxa yezizathu ezintathu. Esokuqala, bashesha ukufinyelela iziphetho okungezona. Ngokwesibonelo, babecabanga ukuthi uJobe wayejeziselwa izono ayezenzile, okwakuyinto engelona iqiniso. a (Jobe 4:7; 11:14) Esesibili, izeluleko eziningi la madoda azinika uJobe zazingelona usizo, zazingenamusa futhi zazimzwisa ubuhlungu. Ngokwesibonelo, wonke la madoda amathathu asho izinto ezazizwakala zizinhle kodwa ezazingasekelwe emaqinisweni. (Jobe 13:12) Kabili uBhilidadi washo amazwi angenamusa kuJobe, wathi uJobe ukhuluma kakhulu. (Jobe 8:2; 18:2) USofari washo amazwi abuhlungu ayesikisela ukuthi uJobe ‘akanangqondo.’ (Jobe 11:12) Esesithathu ukuthi nakuba babengathethi lapho bekhuluma noJobe, izikhathi eziningi indlela ababekhuluma ngayo yayibonisa ukuthi babembukela phansi, bembhuqa, bemsola nangokuthi kukhona okubi akwenzile. (Jobe 15:7-11) Empeleni la madoda ayekhathazeke kakhulu ngokufakazela ukuthi uJobe wayonile kunokuba apholise inhliziyo yakhe noma akhe ukholo lwakhe.
Lapho weluleka othile yenza konke ongakwenza ukuze ugweme ukukhuluma ngendlela ebonisa ukuthi umbukela phansi umuntu omelulekayo. Umgomo wakho kufanele ube ukumsiza lowo muntu (Bheka isigaba 4)
5. Saba namuphi umphumela iseluleko sabangani bakaJobe?
5 Akumangazi ukuthi iseluleko sabangani bakaJobe asibanga nemiphumela emihle. Amazwi abo amzwisa ubuhlungu obukhulu uJobe. (Jobe 19:2) Ungaqonda ukuthi kungani aba nomuzwa wokuthi kwakudingeka alwele idumela lakhe. Lokho kwamenza wacabanga izinto ezingelona iqiniso futhi wakhuluma amazwi angahlakaniphile. (Jobe 6:3, 26) Izinto ezazishiwo abangani bakaJobe zazingahambisani nokucabanga kukaJehova; futhi abazange bambonise uzwela uJobe. Ngenxa yalokho baba amathuluzi kaSathane bengahlosile. (Jobe 2:4, 6) Le ndaba yayingawazuzisa kanjani ama-Israyeli futhi thina ingasizuzisa kanjani namuhla?
6. Yini abadala bakwa-Israyeli ababengayifunda esibonelweni esibi sabangani bakaJobe abathathu?
6 Indlela ama-Israyeli ayengazuza ngayo. Ngemva kokuba uJehova emise isizwe sakwa-Israyeli wasinika imithetho yakhe, wakhetha amadoda afanelekayo, abadala, ukuba ahlulele leso sizwe ngokuvumelana nemithetho yakhe yokulunga. (Dut. 1:15-18; 27:1) Lawo madoda kwakudingeka alalele ngokucophelela ngaphambi kokuba anikeze iseluleko noma akhiphe isahlulelo. (2 IziKr. 19:6) Kwakudingeka abuze nemibuzo kunokuba azitshele ukuthi awazi wonke amaqiniso. (Dut. 19:18) Labo beluleki bakwa-Israyeli kwakudingeka bagweme ukukhuluma ngokhahlo nalabo ababezocela usizo kubo. Kungani? Kungenxa yokuthi ukucasuka kwakungamdikibalisa umuntu kumenze angabe esakhuluma ngokusuka enhliziyweni. (Eks. 22:22-24) Abadala bakwa-Israyeli babengafunda okuthile endabeni kaJobe.
7. Ngaphandle kwabadala bakwa-Israyeli, ubani omunye owayenganikeza iseluleko futhi yayingabazuzisa kanjani indaba kaJobe? (IzAga 27:9)
7 Yiqiniso ukuthi akuwona amadoda avuthiwe kuphela ayenganikeza abanye iseluleko kwa-Israyeli. Ngempela, noma yimuphi umIsrayeli—omncane noma omdala, owesilisa noma owesifazane—wayengameluleka umngani wakhe owayedinga usizo ukuze athuthuke ekukhonzeni uJehova noma ukuze alungise indlela aziphatha ngayo. (IHu. 141:5) Leso seluleko esiqotho sasibonisa ukuthi umuntu ungumngani weqiniso. (Funda izAga 27:9.) Isibonelo esibi sabangani bakaJobe abathathu sasingabonisa ama-Israyeli ukuthi yini okungafanele ayisho nokungafanele ayenze lapho enikeza iseluleko.
8. Yiziphi izinto okudingeka sizigweme lapho sinikeza iseluleko? (Bheka nezithombe.)
8 Indlela esingazuza ngayo. NjengamaKristu sifuna ukusiza abafowethu nodadewethu lapho bebhekene novivinyo. Kodwa, ukuze senze kanjalo kumele sigweme ukwenza lokho okwenziwa abangani bakaJobe abathathu. Okokuqala, kufanele sigweme ukufinyelela iziphetho ezingafanele, siqikelele nokuthi lokho esikushoyo kusekelwe emaqinisweni. Okwesibili, iseluleko sethu akufanele sisisekele kakhulu kulokho thina esidlule kukho, okuyinto engesona isisekelo esiqinile, njengoba kwenza u-Elifazi, kunalokho kufanele sisisekele eZwini likaNkulunkulu eliyisisekelo esiqinile. (Jobe 4:8; 5:3, 27) Okwesithathu, kudingeka sigweme ukusho amazwi anokhahlo noma agxekayo. Khumbula ukuthi, ezinye izinto u-Elifazi nabangani bakhe abakhuluma ngazo zaziyiqiniso; enye yazo yaze yacashunwa omunye umbhali weBhayibheli ophefumulelwe. (Qhathanisa uJobe 5:13 neyoku-1 Korinte 3:19.) Noma kunjalo, izinto eziningi abazisho ngoNkulunkulu zazingelona iqiniso futhi zamzwisa ubuhlungu uJobe, ngakho uJehova wahlulela lokho abakusho ngokuthi kwakungamanga. (Jobe 42:7, 8) Iseluleko esihle asilokothi senze uJehova abonakale engacabangeli noma senze izinceku zakhe zibonakale njengabantu abangathandeki. Manje ake sixoxe ngokuthi yini esingayifunda esibonelweni sika-Elihu.
Lapho unikeza iseluleko, (1) kusekele emaqinisweni lokho okushoyo (2) Sebenzisa iZwi likaNkulunkulu (3) ukhulume ngendlela ebonisa uthando (Bheka isigaba 8)
INDLELA U-ELIHU AMELULEKA NGAYO UJOBE
9. Chaza ukuthi kungani uJobe ayedinga usizo ngemva kokuba abangani bakhe sebeyekile ukukhuluma nokuthi uJehova wamsiza kanjani.
9 Ngesikhathi uJobe nabangani bakhe beyeka ukuphikisana, kumele ukuba isimo sase sishubile. Lawo madoda akhuluma kakhulu kangangokuba amazwi awo aba yizahluko zeBhayibheli ezingu-28 futhi eziningi zezinto azisho ayezisho ecasukile noma ethukuthele. Akumangazi ukuthi kungani uJobe ayesalokhu ezwa ubuhlungu! Wayesadinga induduzo nokulungiswa. UJehova wamsiza kanjani uJobe? Wasebenzisa u-Elihu ukuba ameluleke. Kungani u-Elihu engasheshanga ukukhuluma? Wathi, “Mina ngimncane, nina madoda nibadala. Ngenxa yalokho nginihloniphile ngazibamba.” (Jobe 32:6, 7) U-Elihu omncane ngeminyaka waqaphela into abaningi abayiqaphelayo namuhla: Abantu abadala sebephile isikhathi eside futhi sebefunde izinto eziningi, bahlakaniphile futhi sebehlangabezane nezinto eziningi ekuphileni kunabantu abasebasha. Kodwa ngemva kokulalela uJobe nabangani bakhe ngesineke, u-Elihu kwakungasavumi ukuba athule. Wathi: “Iminyaka nje iyodwa ayimenzi umuntu ahlakaniphe, futhi akubona abantu abadala kuphela abaqonda ukuthi yini elungile.” (Jobe 32:9) Yini u-Elihu abe eseyisho futhi wayisho kanjani?
10. Yini u-Elihu ayenza ngaphambi kokweluleka uJobe? (Jobe 33:6, 7)
10 Ngaphambi kokuba u-Elihu anikeze uJobe noma yisiphi iseluleko, wayefuna abe sesimweni esikahle futhi akulungele ukulalela lokho ayezokusho. Wakwenza kanjani lokho u-Elihu? Okokuqala, wehlisa umoya. Lokho sikwazi ngoba iBhayibheli lithi u-Elihu wayethukuthele. (Jobe 32:2-5) Kodwa, akakaze nakanye amhlasele uJobe ngoba nakhu ayecasukile. Kunalokho, wakhuluma naye ngendlela eduduzayo. Ngokwesibonelo, wathi kuJobe: “Bheka! Ngiyafana nje nawe kuNkulunkulu weqiniso.” (Funda uJobe 33:6, 7.) U-Elihu wakwenza kwacaca ukuthi wayemlalele ngokucophelela uJobe. Empeleni, wafingqa lokho okungamaphuzu ayinhloko ezintweni ezazishiwo uJobe. (Jobe 32:11; 33:8-11) U-Elihu wenza okufanayo nalapho ephinda eluleka uJobe.—Jobe 34:5, 6, 9; 35:1-4.
11. U-Elihu wameluleka kanjani uJobe? (Jobe 33:1)
11 Ngesikhathi u-Elihu eluleka uJobe, wameluleka ngendlela ebonisa ukuthi wayeyihlonipha le ndoda ethembekile. Ngokwesibonelo, u-Elihu wasebenzisa igama likaJobe, okuyinto lawa amanye amadoda amathathu okungenzeka awazange ayenze. (Funda uJobe 33:1.) Mhlawumbe ekhumbula indlela ayefisa ngayo ukukhuluma ngesikhathi uJobe nabangani bakhe bephikisana, ngesineke u-Elihu wanika uJobe ithuba lokukhuluma njengoba ayemeluleka. (Jobe 32:4; 33:32) Kusobala nokuthi u-Elihu waxwayisa uJobe ngobungozi bezinye zezinto ayezisho nayezenza, ngomusa wamkhumbuza ngokuhlakanipha kukaJehova, amandla akhe, ubulungisa nothando lwakhe oluqotho. (Jobe 36:18, 21-26; 37:23, 24) Akungabazeki ukuthi iseluleko esihle sika-Elihu sasiza uJobe wakulungela ukwamukela esinye iseluleko, kulokhu esivela kuMdali wakhe. (Jobe 38:1-3) Isibonelo sika-Elihu sasingabazuzisa kanjani labo ababephila esikhathini esidlule futhi thina singasizuzisa kanjani namuhla?
12. UJehova wabasebenzisa kanjani abaprofethi ukuba basize abantu bakhe, futhi ama-Israyeli ayengazuza kanjani esibonelweni esihle sika-Elihu?
12 Indlela ama-Israyeli ayengazuza ngayo. Kuwo wonke umlando wakwa-Israyeli, uJehova wamisa abaprofethi ukuze bazise ama-Israyeli injongo yakhe. Ngokwesibonelo, phakathi nesikhathi sabaHluleli, uDebora njengomama wayenikeza isizwe sama-Israyeli isiqondiso esivela kuJehova, uSamuweli yena wayengumkhulumeli kaJehova, esebenza ngokuzikhandla kusukela esemncane. (AbaHl. 4:4-7; 5:7; 1 Sam. 3:19, 20) Phakathi nesikhathi samakhosi, uJehova wayelokhu esebenzisa abaprofethi ukuze aqinise abantu bakhe ngokomoya futhi eluleke labo abase bechezukile ekumkhonzeni ngendlela emsulwa. (2 Sam. 12:1-4; IzE. 3:24) Isibonelo sika-Elihu esisencwadini kaJobe sasingasiza amadoda nabesifazane abathembekile ukuba baqonde ukuthi lapho benikeza iseluleko yini okufanele bayisho nokuthi kufanele bayisho kanjani.
13. AmaKristu angabakhuthaza kanjani abantu akholwa nabo namuhla?
13 Indlela esingazuza ngayo. NjengamaKristu, nathi senza intando kaNkulunkulu yaziwe ngokumemezela lokho okuseZwini lakhe iBhayibheli. Enye indlela esikwenza ngayo lokho ukusebenzisa amazwi akhayo nakhuthazayo lapho sikhuluma nesikholwa nabo. (1 Kor. 14:3) Abadala kudingeka basiqaphe ngokukhethekile isidingo sokukhuluma ngendlela ‘eduduzayo’ nabafowabo nodadewabo, ngisho nalabo okungenzeka bacasukile noma abavame ukusho izinto okungafanele bazisho.—1 Thes. 5:14; Jobe 6:3.
14-15. Nikeza isibonelo sendlela umdala angamlingisa ngayo u-Elihu lapho enikeza iseluleko.
14 Cabanga ngalesi simo: Umdala uthola ukuthi omunye udade osebandleni akulo ucindezelekile. Lo mdala nomunye umzalwane bavakashela lo dade ukuze bazame ukumkhuthaza, okuyinto enhle. Njengoba bemvakashele lo dade usho izinto ezingezinhle. Ubatshela ukuthi nakuba eya emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini, akajabule. Yini azoyenza lo mdala?
15 Okokuqala, cishe uzozama ukuthola ukuthi yiziphi izizathu ezenza lo dade acindezeleke. Ukuze enze kanjalo, kuyodingeka amlalele ngesineke. Ingabe lo dade uzizwa engalufanelekele uthando lukaNkulunkulu? Ingabe ‘izinkathazo zokuphila’ zimqeda amandla? (Luka 21:34) Okwesibili, lo mdala uyobheka izinto angamncoma kuzo lo dade. Ngokwesibonelo, lo dade usaya emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini ngisho noma ezizwa ecindezelekile. Okwesithathu, lapho lo mdala esesiqonda kangcono isimo lo dade abhekene naso nokuthi yini emenza adikibale, uyosebenzisa iBhayibheli ukuze amenze aqiniseke ukuthi uNkulunkulu uyamthanda.—Gal. 2:20.
QHUBEKA UZUZA ENCWADINI KAJOBE
16. Yini esingayenza ukuze siqhubeke sizuza encwadini kaJobe?
16 Sizuza ngempela ngokutadisha incwadi kaJobe! Njengoba sifundile esihlokweni esidlule, le ndaba ephefumulelwe ayigcini nje ngokusifundisa ukuthi kungani uNkulunkulu uvumela ukuhlupheka, kodwa isifundisa nokuthi singakukhuthazelela kanjani. Njengoba sifundile kulesi sihloko, sonke singayifunda indlela esinganikeza ngayo iseluleko esiwusizo ngokuthi singalingisi isibonelo esibi sabangani bakaJobe abathathu, kunalokho silingise isibonelo esihle sika-Elihu. Kunganjani uphinde uhlole izifundo ozithole encwadini kaJobe ngaphambi kokuba weluleke abanye esikhathini esizayo? Uma sekuyisikhathi eside wagcina ukufunda le ncwadi kaJobe emnandi, zibekele umgomo wokuphinde uyifunde le ncwadi emangalisayo. Uyothola ukuthi nanamuhla isewusizo njengoba yayiwusizo nangesikhathi eyabhalwa ngaso.
INGOMA 125 “Bayajabula Abanesihe!”
a Kubonakala sengathi isidalwa somoya esibi senza u-Elifazi waphetha ngokuthi akekho umuntu uJehova ambheka njengolungile, ngakho akekho umuntu oyoke akwazi ukujabulisa uNkulunkulu. Lo mbono osontekile yiwona owawubusa ukucabanga kuka-Elifazi. Wayelokhu ewuphinda ngazo zontathu izikhathi ayekhuluma ngazo noJobe.—Jobe 4:17; 15:15, 16; 22:2.

