ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 48
INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela
Incwadi KaJobe Ingakusiza Lapho Ubhekene Nobunzima
“Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akenzi okubi.”—JOBE 34:12.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngalokho esingakufunda encwadini kaJobe ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi singakhuthazela kanjani lapho sibhekene nobunzima.
1-2. Yiziphi ezinye izizathu ezenza incwadi kaJobe ikufanelekele ukufundwa?
INGABE usanda kujabulela ukufunda incwadi kaJobe? Nakuba yabhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, le ncwadi yasendulo ibalwa phakathi kwezincwadi ezibhalwe ngobuciko emhlabeni. Enye incwadi encoma indlela ebhalwe ngayo ngendlela elula, amazwi ayo amnandi nanamandla, ithi umbhali wale ncwadi “uhlakaniphe ngempela.” UMose nguye owabhala le ncwadi emangalisayo, kodwa uMbhali wayo wangempela uJehova uNkulunkulu.—2 Thim. 3:16.
2 Incwadi kaJobe iyingxenye yeBhayibheli ebaluleke kakhulu. Kungani? Esinye isizathu ukuthi iyiveza ngokucacile impikiswano enkulu zonke izidalwa ezihlakaniphile ezibhekene nayo—ukungcweliswa kwegama likaJehova. Isifundisa nangezimfanelo zikaJehova ezimangalisayo, ezinjengothando, ukuhlakanipha, ubulungisa namandla akhe. Ngokwesibonelo, incwadi kaJobe ibiza uJehova ngokuthi “uMninimandla Onke” izikhathi eziningi. Incwadi kaJobe iphendula nemibuzo eminingi emayelana nokuphila, nalowo ohlupha abantu abaningi, othi: Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?
3. Kungasizuzisa ngani ukutadisha incwadi kaJobe?
3 Njengalapho sisuke sigibele phezu kwentaba ukuze sikwazi ukubona kahle izindawo ezisizungezile, incwadi kaJobe isisiza ukuba sibheke izinkinga zokuphila ngendlela ecacile—okuyindlela uJehova azibheka ngayo. Ake sibone ukuthi incwadi kaJobe ingasisiza kanjani lapho sibhekene nobunzima. Sizofunda ngokuthi ama-Israyeli ayengazuza kanjani endabeni kaJobe nokuthi singazuza kanjani kuyo namuhla. Sizofunda nangokuthi singayisebenzisa kanjani le ndaba eseBhayibhelini ukuze sisize abanye.
UNKULUNKULU WAVUMELA UJOBE UKUBA AHLUPHEKE
4. UJobe wayehluke kanjani ngokuphelele kuma-Israyeli aseGibhithe?
4 Ngesikhathi ama-Israyeli ehlupheka eyizigqila eGibhithe, kwakukhona umuntu okuthiwa uJobe owayehlala ezweni lase-Uzi, cishe elalisempumalanga yeZwe Lesithembiso, enyakatho ye-Arabhiya. Ngokuhluke ngokuphelele kuma-Israyeli ayeseqala ukukhonza izithombe eGibhithe, uJobe wakhonza uJehova ngokwethembeka. (Josh. 24:14; Hez. 20:8) UJehova wathi ngoJobe: ‘Akekho ofana naye emhlabeni.’ a (Jobe 1:8) UJobe wayecebe kakhulu futhi ehlonishwa kakhulu—emkhulu kunabo bonke abantu baseMpumalanga. (Jobe 1:3) Kumele ukuba kwakumcasula uSathane ukubona le ndoda evelele nenethonya ikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka!
5. Kungani uJehova avumela uJobe ukuba ahlupheke? (Jobe 1:20-22; 2:9, 10)
5 USathane wathi uJobe wayezoyeka ukukhonza uJehova uma ehlupheka. (Jobe 1:7-11; 2:2-5) Nakuba uJehova ayemthanda kakhulu uJobe, ukumangalela okungamanga kukaSathane kwaphakamisa imibuzo eminingi ebalulekile. Ngakho, uJehova wanikeza uSathane ithuba lokuba azame ukubonisa ukuthi lokho ayekusho ngoJobe kwakuyiqiniso yini. (Jobe 1:12-19; 2:6-8) USathane wathatha imfuyo kaJobe, wabulala nezingane zakhe eziyishumi, washaya uJobe ngamathumba abuhlungu kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. Kodwa le mizamo yakhe enonya ayizange yenze uJobe aphule ubuqotho bakhe. (Funda uJobe 1:20-22; 2:9, 10.) Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wamelapha uJobe, wambuyisela ingcebo yakhe, wamenza waphinde wahlonishwa, wamupha nabanye abantwana abayishumi. Ngokuyisimangaliso wenezela neminyaka engu-140 ekuphileni kukaJobe, kangangokuba wabona izizukulwane ezine zenzalo yakhe. (Jobe 42:10-13, 16) Le ndaba yayingazizuzisa kanjani izinceku zikaNkulunkulu zangesikhathi esidlule futhi ingasizuzisa kanjani namuhla?
6. Ukwazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka kwakungawazuzisa kanjani ama-Israyeli? (Bheka nesithombe.)
6 Indlela ama-Israyeli ayengazuza ngayo. Ukuphila kwama-Israyeli eGibhithe kwakungelula. Ngokwesibonelo, uJoshuwa noKalebi bachitha iminyaka eminingi yobusha babo beyizigqila. Nakuba kwakungelona iphutha labo, bachitha iminyaka engu-40 besehlane. Uma ama-Israyeli ayeyazi indaba yokuvivinywa kukaJobe nalokho okwagcina kwenzekile ekuphileni kwakhe, akungabazeki ukuthi lokho kwawasiza wona kanye nezizukulwane zawo ezazisazozalwa ukuba baqonde ukuthi ubani ngempela oyimbangela yokuhlupheka. Ayengakuqonda kangcono nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi kubaluleke kangakanani kuye ukuba qotho kwabantu nokwethembeka kwabo.
Ekugcineni, ama-Israyeli ayeyizigqila eGibhithe iminyaka eminingi ayengazuza ekwazini lokho okwenzeka kuJobe, njengoba nathi singazuza kukho (Bheka isigaba 6)
7-8. Incwadi kaJobe ingabasiza kanjani labo ababhekene nobunzima? Nikeza isibonelo.
7 Indlela esingazuza ngayo. Ngokudabukisayo, abantu abaningi namuhla abasakholelwa kuNkulunkulu ngoba abaqondi ukuthi kungani izinto ezimbi zenzeka kubantu abalungile. Cabanga ngesibonelo sikaHazel b waseRwanda. Ngesikhathi esemncane wayekholelwa kuNkulunkulu. Kodwa izinto zashintsha. Abazali bakhe badivosa futhi ngenxa yalokho wakhuliswa usingababa wakhe owayemhlukumeza. Ngesikhathi uHazel esemusha, wadlwengulwa. Lapho eya esontweni ayesonta kulo ukuze ayothola induduzo, akazange ayithole. Kamuva, wabhalela uNkulunkulu incwadi. Kuleyo ncwadi wathi: “Nkulunkulu, ngithandazile kuwe, ngizamile ukwenza okuhle, kodwa wena wenze okubi kimi. Manje ngiyayeka ukukukhonza futhi ngihlele ukwenza noma yini engenza ngijabule.” Kusizwisa ubuhlungu ngempela ukuthi abantu abanjengoHazel benziwe bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyimbangela yokuhlupheka kwabo!
8 Nokho, thina sifundile encwadini kaJobe ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela yokuhlupheka—uSathane oyimbangela yokuhlupheka! Sifunde nokuthi akufanele sicabange ukuthi labo abahluphekayo bahlupheka ngoba kukhona okubi abakwenzile. ImiBhalo isitshela ukuthi “isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile” zingehlela noma ubani noma nini. (UmSh. 9:11; Jobe 4:1, 8) Sifunde nokuthi ngokukhuthazelela uvivinyo ngokwethembeka, sinikeza uJehova ithuba lokubonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga. Lokho kuyasiza ekulweleni idumela likaJehova. (Jobe 2:3; IzAga 27:11) Asizithathi kalula izinto esizifundile—zisenza sazi iqiniso ngokuthi kungani thina nabantu esibathandayo sihlupheka. Kamuva, uHazel wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi waqonda ukuthi uNkulunkulu akayona imbangela yokuhlupheka kwakhe. Wathi: “Ngaphinde ngathandaza kuNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni. Ngamtshela ukuthi nakuba ngangithe ngiyayeka ukumkhonza, ngangingafuni ngempela ukukwenza lokho. Empeleni ngangingamazi kahle. Manje sengiyaqonda ukuthi uJehova uyangithanda. Sengijabule kakhulu futhi nganelisekile.” Sibonga ngempela ngokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka! Manje, ake sixoxe ngokuthi indaba kaJobe ingasisiza kanjani ngabanye lapho sibhekene novivinyo.
INDLELA INDABA KAJOBE ESISIZA NGAYO SIKHUTHAZELE
9. Sasinjani isimo sikaJobe njengoba ayehleli emlotheni? (Jakobe 5:11)
9 Mbone ngeso lengqondo uJobe ehleli yedwa emlotheni, egcwele amathumba umzimba wonke futhi ezwa ubuhlungu obukhulu. Isikhumba sakhe esasimnyama ngenxa yokugula sasixebuka emzimbeni wakhe owohlokile. UJobe wayengenamandla, kubonakala sengathi ayekwazi ukukwenza nje ukuzinwaya ngezingcezu zezitsha zobumba eziphukile nokubalisa ngosizi lwakhe. Akukhona nje ukuthi uJobe wayemane ephila, kodwa wayekhuthazela. (Funda uJakobe 5:11.) Yini eyasiza uJobe ukuba akhuthazele?
10. Babunjani ubuhlobo bukaJobe noJehova? Chaza.
10 UJobe watshela uJehova indlela ayezizwa ngayo. (Jobe 10:1, 2; 16:20) Ngokwesibonelo, isahluko 3 sisitshela ukuthi uJobe wakhononda kalusizi ngezinhlekelele ezazimehlele, ayecabanga ukuthi zazibangelwe uJehova. Ngakho, empikiswaneni aba nayo nabangani bakhe abathathu, uJobe wabulwela ngokuqinile ubuqotho bakhe, elokhu ethi yena wayethembekile kuJehova. Ezinye zezinto ezazishiwo uJobe zibonisa ukuthi kukhona isikhathi la ayezibona khona elunge ngaphezu kukaNkulunkulu. (Jobe 10:1-3; 32:1, 2; 35:1, 2) Nokho, wavuma ukuthi ngezinye izikhathi imizamo yakhe yokulwela ubuqotho bakhe ‘yayingamazwi angasho lutho.’ (Jobe 6:3, 26) Esahlukweni 31, sifunda ukuthi uJobe wayefuna uNkulunkulu aphendule, aveze ukuthi kwakungafanele ajeziswe. (Jobe 31:35) Yiqiniso ukuthi kwakungafanele uJobe alokhu ethi uNkulunkulu akamtshele ukuthi kungani ayehlupheka.
11. UJehova wasabela kanjani kulokho okwashiwo uJobe ngokuphathelene nobuqotho bakhe?
11 Uma sibheka indaba kaJobe, singabona ukuthi indlela ayekhuluma ngayo noJehova yayibonisa ukuthi wayezinikele ngokuphelele kuye futhi wayengangabazi ukuthi ngandlela-thile wayezobuqaphela ubuqotho bakhe. Lapho ekugcineni uJehova ephendula uJobe esivunguvungwini, akazange amchazele izizathu ezazimenza ahlupheke. Akazange amgxeke nangokukhononda kwakhe noma ngokuthi athi wayemsulwa. Kunalokho, uJehova wameluleka ngendlela ubaba angeluleka ngayo indodana yakhe. Leyo kwakuyindlela ekahle yokusiza uJobe. Ngenxa yalokho, ngokuthobeka uJobe wavuma ukuthi ngempela kuncane kakhulu ayekwazi futhi wawahoxisa amazwi akhe awasho engacabanganga. (Jobe 31:6; 40:4, 5; 42:1-6) Le ndaba yayingawasiza kanjani ama-Israyeli futhi ingasisiza kanjani namuhla?
12. Ama-Israyeli ayengazuza kanjani endabeni kaJobe?
12 Indlela ama-Israyeli ayengazuza ngayo. Ama-Israyeli ayengafunda kulokho okwenzeka kuJobe. Cabanga ngesibonelo sikaMose. Kwakudingeka akhuthazelele ubunzima obukhulu, ukudumazeka nokudikibala njengoba ayehola isizwe sama-Israyeli. Ngokungafani nama-Israyeli angalaleli, ayevame ukukhononda ngoJehova, uMose watshela uJehova izinto ezazimkhathaza. (Eks. 16:6-8; Num. 11:10-14; 14:1-4, 11; 16:41, 49; 17:5) UMose kwadingeka akhuthazele nalapho uJehova emlungisa. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ama-Israyeli emise amatende eKadeshi, cishe phakathi nonyaka ka-40 ezulazula ehlane, uMose “waphahluka ngezindebe zakhe,” wahluleka ukudumisa igama likaJehova. (IHu. 106:32, 33) Ngenxa yalokho, uJehova akamvumelanga uMose ukuba angene eZweni Lesithembiso. (Dut. 32:50-52) Kumele ukuba leso siyalo samzwisa ubuhlungu uMose; noma kunjalo, wathobeka wasamukela. Indaba kaJobe yayingasiza nezizukulwane ezizayo zama-Israyeli ukuba zikhuthazelele uvivinyo ezazibhekene nalo. Ngokuzindla ngale ndaba, ama-Israyeli athembekile ayengafunda ukuthi angayiveza kanjani indlela azizwa ngayo kuJehova nokuthi angakugwema kanjani ukuzithethelela. Ayengafunda nokuthi angasamukela kanjani isiyalo sikaJehova ngokuthobeka.
13. Indaba kaJobe ingasisiza kanjani ukuba sikhuthazele? (Hebheru 10:36)
13 Indlela esingazuza ngayo. NjengamaKristu, nathi kudingeka sikhuthazele. (Funda eyamaHebheru 10:36.) Ngokwesibonelo, kungenzeka siyagula noma sihlushwa ukucindezeleka, sinezinkinga emndenini, sishonelwe umuntu esimthandayo noma sibhekene nenye inkinga enkulu. Ngezinye izikhathi, abanye bangasho noma benze izinto ezingenza kube nzima nakakhulu ukukhuthazelela isimo esibhekene naso. (IzAga 12:18) Nokho, incwadi kaJobe isifundisa ukuthi singakwazi ukutshela uJehova lokho okusekujuleni kwezinhliziyo zethu, siqiniseka ukuthi uzosizwa. (1 Joh. 5:14) Ngeke asithukuthelele uma ngezinye izikhathi ukunxusa kwethu okusuka enhliziyweni kuba ‘amazwi angasho lutho,’ njengoba kwenzeka kuJobe. Kunalokho, uNkulunkulu uyosinika amandla nokuhlakanipha esikudingayo ukuze sikhuthazele. (2 IziKr. 16:9; Jak. 1:5) Angase asisize uma kudingeka silungise indlela esicabanga ngayo, njengoba enza nakuJobe. Incwadi kaJobe isifundisa nokuthi singakhuthazela kanjani lapho sithola iseluleko noma isiyalo esivela eZwini likaJehova, enhlanganweni yakhe noma kubangani abavuthiwe. (Heb. 12:5-7) Njengoba nje kwamzuzisa uJobe ukuzithoba amukele isiyalo, nathi singazuza uma samukela isiyalo. (2 Kor. 13:11) Lezi yizifundo eziwusizo ngempela esizifunda encwadini kaJobe! Manje, ake sixoxe ngokuthi singayisebenzisa kanjani indaba kaJobe ukuze sisize abanye.
SEBENZISA INCWADI KAJOBE UKUZE USIZE ABANYE
14. Enkonzweni yasensimini, iyiphi enye indlela esingachazela ngayo umuntu ukuthi kungani abantu behlupheka?
14 Wake wahlangana yini nomuntu enkonzweni yasensimini owakubuza ukuthi kungani abantu behlupheka? Wawuphendula kanjani lowo mbuzo? Kungenzeka wakhuluma ngalokho iBhayibheli elithi kwenzeka ensimini yase-Edene. Kungenzeka waqale wamtshela ukuthi uSathane, isidalwa esibi, watshela u-Adamu no-Eva amanga abangela ukuba bavukele uNkulunkulu. (Gen. 3:1-6) Kungenzeka wabe usumchazela ukuthi ngemva kokuba u-Adamu no-Eva bevukele uNkulunkulu, umhlaba wagcwala ukuhlupheka nokufa. (Roma 5:12) Ekugcineni, kungenzeka wamchazela ukuthi uNkulunkulu uvumele ukuba kudlule isikhathi esanele ukuze abonise ukuthi lokho okwashiwo uSathane kungamanga nesokuba kumenyezelwe izindaba ezinhle zokuthi esikhathini esizayo abantu bayophinde bangabi naso isono. (IsAm. 21:3, 4) Lena yindlela ekahle kakhulu yokuphendula lowo mbuzo futhi ingaba nemiphumela emihle.
15. Singayisebenzisa kanjani incwadi kaJobe ukuze sisize umuntu osibuza ukuthi kungani abantu behlupheka? (Bheka nezithombe.)
15 Cabanga ngenye indlela ongase uthande ukuyisebenzisa lapho uchazela abantu ukuthi kungani sihlupheka, usebenzisa incwadi kaJobe. Ungaqala ngokumncoma umuntu ngokubuza lowo mbuzo obalulekile. Ngemva kwalokho, mxoxele ukuthi uJobe, indoda ethembekile eyahlupheka kakhulu nayo yabuza umbuzo ofanayo. Wayekholelwa nawukuthi ngandlela-thile nguNkulunkulu owayebangele ukuhlupheka kwakhe. (Jobe 7:17-21) Umuntu oxoxa naye kungase kumthinte inhliziyo ukwazi ukuthi ngisho kwakudala nabanye abantu babefisa ukwazi impendulo yalo mbuzo. Ngemva kwalokho, ngendlela engacunuli ungamchazela ukuthi kwakungeyena uNkulunkulu owayebangele ukuhlupheka kukaJobe, kodwa kwakunguDeveli. UDeveli wenza kanjalo ngoba ezama ukufakazela ukuthi abantu bakhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu nje kuphela. Ungase wenezele ukuthi nakuba uNkulunkulu engakubangelanga ukuhlupheka kukaJobe, wakuvumela, ngaleyo ndlela ebonisa ukuthi uyabethemba abantu abathembekile ukuthi bazofakazela ukuthi uSathane ungumqambimanga. Ekugcineni, ungamchazela ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uNkulunkulu wambusisa uJobe ngokuhlala ethembekile. Ngakho, singaduduza abanye ngokubaqinisekisa ukuthi uJehova akayona imbangela yokuhlupheka.
Ungayisebenzisa kanjani incwadi kaJobe ukuze uqinisekise abanye ukuthi uNkulunkulu akakwenzi okubi? (Bheka isigaba 15)
16. Incwadi kaJobe ingamsiza kanjani umuntu obhekene nobunzima? Nikeza isibonelo.
16 Cabanga ngendlela incwadi kaJobe eyamsiza ngayo uMario. Ngolunye usuku ngo-2021, omunye udade wayeshumayela ngocingo. Umuntu wokuqala akhuluma naye kwakunguMario. Wamfundela ivesi leBhayibheli wabe esemchazela ukuthi uNkulunkulu akagcini nje ngokulalela imithandazo yethu, kodwa uthembisa nokusenzela izinto ezinhle esikhathini esizayo. Lapho lo dade ebuza uMario ukuthi wayecabangani ngalelo vesi, uMario wamtshela ukuthi njengoba nje ekhuluma naye ubekade ehlela ukuzibulala futhi ubebhalela umndeni wakhe incwadi bese ngemva kwalokho eyazibulala. Wathi, “Ngiyakholelwa kuNkulunkulu, kodwa namuhla ekuseni bengizibuza ukuthi ingabe usenendaba yini nami.” Lapho lo dade emfonela okwesibili, baxoxa ngoJobe nangezinto ezibuhlungu abhekana nazo. UMario wanquma ukuthi kwakudingeka ayifunde yonke incwadi kaJobe. Ngakho, udadewethu wamthumelela ilinki yeBhayibheli. Yini eyabe seyenzeka? UMario wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli futhi wayekujabulela ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu onothando obonisile ukuthi unendaba naye.
17. Kungani umbonga uJehova ngokufaka incwadi kaJobe eZwini lakhe eliphefumulelwe? (Jobe 34:12)
17 Kusobala ukuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla amakhulu okusiza abantu, kuhlanganise nalabo ababhekene nobunzima. (Heb. 4:12) Sibonga kakhulu ngokuthi uJehova wafaka indaba kaJobe eZwini lakhe eliphefumulelwe! (Jobe 19:23, 24) Incwadi kaJobe isiqinisekisa ngokuthi “ngokuqinisekile, uNkulunkulu akenzi okubi.” (Funda uJobe 34:12.) Isifundisa nokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi singakukhuthazelela kanjani. Isisiza nokuba siduduze labo ababhekene nobunzima. Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngokuhlakanipha esikuthola encwadini kaJobe, njengokuthi singasinikeza kanjani iseluleko esiwusizo.
INGOMA 156 Nginokholo

