ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 51
INGOMA 132 Sesimunye
Eningakwenza Ukuze Nilungiselele Umshado Odumisa UJehova
“Zonke izinto mazenzeke ngendlela efanele nangokuhleleka.”—1 KOR. 14:40.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela amaKristu ashadayo angambonisa ngayo udumo uJehova ngosuku lwawo lomshado.
1-2. UJehova uyibheka kanjani imishado?
INGABE uthembisene nothile umshado? Uma kunjalo, siyakuhalalisela! Cishe nimatasa nilungiselela umshado wenu. UJehova unendaba nomshado wenu. Ufuna nilujabulele usuku lwenu lomshado a futhi niphile kamnandi ndawonye.—IzAga 5:18; IsiHl. 3:11.
2 UJehova uyakufanelekela ukuba nimbonise udumo emshadweni wenu. Kungani sisho kanjalo futhi ningakwenza kanjani lokho? Nakuba lesi sihloko silungiselelwe abashadayo abalungiselela umshado wabo, izimiso okukhulunywe ngazo zingasisiza sonke ukuba sidumise uJehova uma sizoba khona emshadweni noma uma labo abashadayo becela umbono wethu mayelana nezinhlelo zomshado.
KUNGANI UMSHADO WENU KUFANELE UDUMISE UJEHOVA?
3. Lapho elungiselela umshado, amaKristu ashadayo yini okufanele acabange ngayo, futhi kungani?
3 AmaKristu ashadayo alungiselela umshado wawo kufanele awulungiselele esebenzisa izimiso uJehova asinike zona eZwini lakhe. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova unguMsunguli womshado. Nguye owahlela umshado wokuqala ngqa—umshado ka-Adamu no-Eva. (Gen. 1:28; 2:24) Ngakho, indlela uNkulunkulu acabanga ngayo iyona okufanele ize kuqala kulabo abalungiselela umshado.
4. Abashadayo banisiphi isizathu sokumbonisa udumo uJehova ngosuku lwabo lomshado?
4 Ninesizathu esibalulekile sokucabanga ngendlela uJehova acabanga ngayo ngosuku lwenu lomshado: UnguBaba wenu osezulwini noMngani wenu omkhulu. (Heb. 12:9) Akungabazeki ukuthi nifuna buqhubeke lobo bungani. Anisoze nafuna ukuba kwenzeke noma yini eyomzwisa ubuhlungu uMngani wenu ngosuku lomshado noma ngolunye usuku. (IHu. 25:14) Lapho nicabanga ngakho konke uJehova asenenzele kona nasazonenzela kona, anivumi yini ukuthi uyakufanelekela ukuba nimbonise udumo emshadweni wenu?—IHu. 116:12.
NINGAMDUMISA KANJANI UJEHOVA?
5. IBhayibheli lingabasiza kanjani abashadayo lapho belungiselela umshado wabo?
5 IBhayibheli alisiniki uhlu lwemithetho yokuthi kufanele ube njani umshado wamaKristu noma idili lomshado elingase lenziwe ngemva komshado. Ngakho singawuhlela ngokuvumelana nezimo zethu, amasiko ethu nalokho esikuthandayo. AmaKristu eqiniso ayazihlonipha nezimfuneko ezingokomthetho zikaKhesari. (Math. 22:21) Noma kunjalo, umshado ohlelwe ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli uyodumisa uJehova, umenze ajabule. Ngakho, yiziphi izimiso okufanele nicabange ngazo?
6. Kungani kubalulekile ngalabo abashadayo ukuba bahloniphe izimfuneko zomshado ezingokomthetho?
6 Hloniphani izimfuneko ezingokomthetho. (Roma 13:1, 2) Emazweni amaningi, labo abashadayo kumele bagcine izimfuneko ezithile ezingokomthetho ngaphambi kokuba bashade. Kufanele bathole ukuthi endaweni abahlala kuyo yiziphi izimfuneko ezilindelekile. Uma nidinga usizo lokuthi ningakuthola kanjani lokho kwaziswa, zizweni nikhululekile ukucela usizo kubadala. b
7. Umshado kufanele ube yisenzakalo esinjani?
7 Yenzani umshado ube yisenzakalo esihloniphekile. (1 Kor. 10:31, 32) Lwelani ukwenza umshado ube yisenzakalo esibonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu kunokuba ubonise umoya wezwe. (Gal. 5:19-26) Ngokuvumelana nesimiso esingokomBhalo sobunhloko, kuwumsebenzi womkhwenyana ukuqiniseka ukuthi umshado uyisenzakalo esijabulisayo nesihloniphekile. Yini engasiza ukuba lokho kwenzeke? Inkulumo yomshado esekelwe eBhayibhelini ebekwa ngendlela enothando, umusa nezisotha, yenza labo abayilalele balazise ilungiselelo likaNkulunkulu lomshado. Bonke abamenyiwe bangazuza ngenxa yokuthi inkulumo iyogcizelela ukubaluleka kwalesi senzakalo. Ngenxa yalokho, amaKristu amaningi ashadayo akhetha ukuba umshado wawo ube seHholo LoMbuso, uma kungenzeka. Uma nifisa ukusebenzisa iHholo LoMbuso, kufanele nifake isicelo ngokubhalela indikimba yabadala incwadi kusenesikhathi.
8. Yini enganisiza ukuba nigcine idili lomshado wenu lihloniphekile? (Roma 13:13)
8 Funda eyabaseRoma 13:13. Uma nikhetha ukuba nedili lomshado, yini eningayenza ukuze nigweme ukuba libonise umoya wezwe? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “imicimbi exokozelayo” lalibhekisela emibuthanweni eyayinabantu ababephuza ngokweqile neyayidlala umculo kuze kube sebusuku kakhulu. (Roma 13:13) Uma nikhetha ukuthi kube notshwala emshadweni wenu, cabangani kusengaphambili ngokuthi yini eningayenza ukuze niqikelele ukuthi akekho ophuza ngokweqile. c Uma kuzobe kunomculo, qikelelani ukuthi awukhaleli phezulu ukuze izimenywa zenu zizokwazi ukuzwana lapho zixoxa. Lukhetheni ngokucophelela uhlobo lomculo oluzobe ludlala namagama asetshenziswe kuwo ukuze kungabi bikho muntu ozokhubeka.
9. Yini abashadayo okufanele bayikhumbule ngalabo abazosho okuthile noma ngezinye izinhlobo zokunandisa eziyokwenziwa edilini labo lomshado?
9 Edilini lenu lomshado, bakhona yini abazokhulumela umakoti nomkhwenyana, zikhona yini izithombe noma amavidiyo azodlalwa noma ezinye izinhlobo zokunandisa ezizobe zikhona? Ngokuvamile lezi zinto zenza usuku lomshado lube mnandi. Nokho, qikelelani ukuthi izinto eziyobe zenziwa kuyoba yizinto ezakhayo. (Fil. 4:8) Zibuze: ‘Ingabe ziyoyibonisa yini inhlonipho kwabanye? Ziyoyibonisa yini inhlonipho ngelungiselelo lomshado?’ Umbuzo obaluleke nakakhulu, othi: ‘Ziyomdumisa yini uJehova?’ Ngisho noma kungase kube kuhle ukusho into ehlekisayo, gwemani noma yini engafaneleki, njengokusho into engafanele engenza abantu bacabange ngocansi. (Efe. 5:3) Qikelelani ukuthi amalungu omndeni nabangani abazosho okuthile bayaziqonda izifiso zenu futhi bayazihlonipha.
10. Kungani labo abashadayo kufanele babe nesizotha lapho belungiselela umshado wabo? (1 Johane 2:15-17)
10 Yibani nesizotha. (Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) UJehova uyajabula lapho abakhulekeli bakhe befuna ukumdumisa kunokuba benze izinto ezenza kunakwe bona kakhulu. Ngakho, amaKristu anesizotha ayokugwema ukuchitha imali eningi ngokweqile “nokugabisa.” Kuyonizuzisa kanjani ukugcina umshado wenu ungenamicikilisho? Mhlawumbe kuyokwenzeka ngendlela okwenzeka ngayo emshadweni kaMike, umzalwane waseNorway. Uthi: “Asizange sibe nazo izikweletu futhi sakwazi ukuqhubeka siphayona. Umshado wethu wawungenamicikilisho kodwa umuhle futhi namanje awukalibaleki.” UTabitha, udade waseNdiya, uthi: “Sakwazi ukugwema ukucindezeleka. Ngokwenza umshado wethu ungabi nayo imicikilisho, zazimbalwa izinto okwakumele sizenze nesasiphikisana ngazo.”
Kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, umshado wamaKristu ungaba nesizotha, ube muhle futhi ungalibaleki (Bheka izigaba 10-11)
11. Umakoti nomkhwenyana bangasibonisa kanjani isizotha ngalokho abakugqokayo nangendlela abazilungisa ngayo? (Bheka nezithombe.)
11 Seninqumile yini ukuthi yini enizoyigqoka emshadweni wenu? Akungabazeki ukuthi nifuna ukuba bahle. Ngisho nangezikhathi zeBhayibheli, umakoti nomkhwenyana babeyinakisisa indlela ababukeka ngayo. (Isaya 61:10) Yiqiniso ukuthi lokho enikugqoka emshadweni wenu kungase kungafani nalokho ebeningakugqoka kwezinye izenzakalo, kodwa nakho kufanele kube nesizotha. (1 Thim. 2:9) Ningenzi ukuba izimpahla enizozigqoka—nanoma yini enye ezobe ikhona emshadweni—kube iyona nto ebaluleke kakhulu emshadweni wenu.—1 Pet. 3:3, 4.
12. Kungani abashadayo kufanele baqikelele ukuthi benqaba noma yimaphi amasiko angahambisani nemiBhalo avame ukwenziwa endaweni yangakubo?
12 Wenqabeni amasiko angahambisani nemiBhalo. (IsAm. 18:4) Izwe likaSathane lingcolise amasiko emishado ngemikhuba yobuqaba, eyokusebenzelana nemimoya nangezinkolelo ezingamanga. UJehova usixwayisa ngokucacile ukuba siziqhelelanise nalezo zinto ezingahlanzekile. (2 Kor. 6:14-17) Uma ekhona amasiko athile angabazisayo enziwa endaweni yangakini, cabangani ngomsuka wawo nangezimiso zeBhayibheli ezinganisiza ngaphambi kokuba ninqume ukuthi yini ezokwenziwa emshadweni wenu.
13. Abashadayo bangamlingisa kanjani uJehova endabeni yokuphiwa izipho?
13 Kuyinto evamile yini lapho enihlala khona ukuba izimenywa ziphe abashadayo izipho? Izimo zezimali zezinye izimenywa zingase zithonye uhlobo lwesipho ezikhetha ukusipha abashadayo. Yiqiniso ukuthi amaKristu akhuthazwa ukuba aphe futhi ukwenza kanjalo kuyawajabulisa. (IzAga 11:25; IzE. 20:35) Noma kunjalo, ngeke sifune ukwenza izimenywa zethu zizizwe zibophekile ukuba zisiphe isipho; asifuni nokuzenza zicabange ukuthi ngeke sijabule uma zisipha izipho ezingabizi. Silingisa uJehova, silwela ukuba nombono wakhe ngezipho ngokuvumela abanye ukuba baphe ngokwamandla abo nangokusuka enhliziyweni.—2 Kor. 9:7.
UKUGWEMA NOKUNQOBA IZINSELELE
14. Yiziphi izinselele abanye abashadayo ababhekana nazo?
14 Ningase nibhekane nezinselele njengoba nizama ukulungiselela umshado oletha udumo kuJehova. Ngokwesibonelo, ningase nikuthole kunzima ukuhlela umshado ongenayo imicikilisho eminingi. UCharlie waseSolomon Islands, uthi: “Kwakunzima kakhulu ukunquma ukuthi ubani esizommema edilini lomshado. Sinabangani abaningi futhi ngokwesiko lethu wonke umuntu ulindele ukuba amenywe!” UTabitha, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Endaweni engihlala kuyo, kuyinto evamile ukuba nedili elikhulu lomshado. Kwathatha isikhathi ukuba abazali bethu bamukele isinqumo sethu sokumema abantu abangu-100 kuphela.” USarah waseNdiya, uthi: “Abanye abantu bakhathazeka kakhulu ngokuthi babhekwa kanjani emphakathini. Abazala bami baba nemishado emikhulu nebizayo, ngakho ngazizwa nginengcindezi yokuba nomshado omkhulu kuneyabo.” Yini enganisiza ukuba ninqobe lezi zinselele nezinye?
15. Kungani kubalulekile ukuba nithandaze njalo lapho nenza izinhlelo zomshado?
15 Thandazani njalo njengoba nenza izinhlelo zomshado. Ningatshela uJehova nganoma iyiphi inkinga enibhekene nayo noma ngendlela enizizwa ngayo. (Fil. 4:6, 7) Ningamcela anisize nenze izinqumo ezihlakaniphile, nihlale nizolile lapho kukhona okunikhathazayo nokuba nibonise isibindi lapho kudingeka nenze kanjalo. (1 Pet. 5:7) Niyomethemba nakakhulu uJehova njengoba nimbona enisiza. UTabitha okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Mina nengangizoshada naye sasikhathazekile ngokuthi thina sobabili nemindeni yethu sasingeke sivumelana ezintweni ezithile. Ngakho njalo lapho sizoxoxa ngezinhlelo zomshado, sasiqala ngokuthandaza. Sambona ngempela uJehova esisiza futhi kwaba nokuthula phakathi kwethu nemindeni yethu.”
16-17. Ukukhulumisana okuhle kunganisiza kanjani lapho nenza izinhlelo zomshado?
16 Khulumisanani kahle nangenhlonipho. (IzAga 15:22) Njengoba nizoshada, kuzodingeka nenze izinqumo eziningi ezimayelana nomshado wenu. Lokho kuhlanganisa ukunquma usuku enizoshada ngalo, ukuthi nizosebenzisa malini, obani enizobamema nokunye okuningi. Ngaphambi kokuba nenze isinqumo, xoxani ndawonye ngalokho enizokhetha ukukwenza, nixoxe nangezimiso zeBhayibheli ezinganisiza nanganoma yisiphi iseluleko enisithola kumKristu ovuthiwe. Lapho niveza lokho eningathanda ukukwenza, yibani nomusa, nicabangele futhi nivumelane nezimo. Uma amalungu omndeni—njengabazali benu—enicela ukuba nenze izinto eninamandla okuzenza, zamani ukuzihlonipha izicelo zawo. Umshado wenu uyisenzakalo esikhethekile nakuwo. Uma ningeke nikwazi ukwenza lokho akucelayo, wachazeleni ngendlela enomusa izizathu zenu. (Kol. 4:6) Kwenzeni kucace emalungwini emindeni yenu ukuthi umgomo wenu oyinhloko ukuba nomshado omnandi nodumisa uJehova.
17 Kungaba nzima nakakhulu ukuchazela abazali benu lokho enikhethe ukukwenza uma bengebona oFakazi, kodwa ningakwazi ukukwenza lokho. USanthosh, umzalwane waseNdiya, uthi: “Imindeni yethu yayifuna senze namasiko obuHindu ahlukahlukene emshadweni wethu. Mina nengoduso yami kwasithatha isikhathi eside ukuyichazela ngalokho esasikunqumile. Savuma ukwenza ezinye zezinto eyayizifuna esasinomuzwa wokuthi ukuzenza kwakungeke kumdumaze uJehova. Ngokwesibonelo, sashintsha ukudla okwakuzodliwa, sakhetha ukudla okwakufunwa yimindeni yethu, sanquma nokuba kungaculwa noma kudanswe ngoba yayingazijwayele lezo zinto.”
18. Yini eningayenza ukuze niqikelele ukuthi zonke izinto zihamba kahle ngosuku lomshado? (1 Korinte 14:40) (Bheka nesithombe.)
18 Zihleleni kahle izinto zenu. Uma nihlelekile, cishe ayoba mancane amathuba okuba nicindezeleke ngosuku lomshado. (Funda eyoku-1 Korinte 14:40.) UWayne waseTaiwan, uthi: “Ngesikhathi kusele izinsuku ezimbalwa kube usuku lomshado, saba nomhlangano omfushane nalabo ababevolontiyele ukusisiza. Saxoxa nabo, sabatshela izinto ezazizokwenziwa ngosuku lomshado, saprakthiza nabo ezinye izinto ezazizokwenziwa ukuze siqikelele ukuthi konke kuhamba kahle.” Ukuze nibonise ukuthi niyazihlonipha izimenywa zenu, yenzani konke eningakwenza ukuze nigcine isikhathi.
Ukuhlela kahle izinto zenu ngaphambi kokuba kufike usuku lomshado kungaqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle (Bheka isigaba 18)
19. Yini enganisiza ukuba nihlale nazi ukuthi yini eyenzekayo edilini lomshado wenu?
19 Ningakwazi ukugwema izinkinga eziningi ngokucabanga ngazo kusengaphambili. (IzAga 22:3) Ngokwesibonelo, uma nihlala endaweni lapho kuyinto evamile khona ukuba abantu bavele bafike bengamenyiwe edilini lomshado, cabangani ngokuthi yini eningayenza ukuze nigweme lokho. Qikelelani ukuthi izihlobo zenu ezingebona oFakazi ziyazi ukuthi yini okumele ziyilindele, nizichazele nombono wenu ngamasiko omshado athile. Ningazibonisa isihloko esithi “Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?” esitholakala ku-jw.org. Ukuze nihlale nazi ukuthi yini eyenzekayo edilini lomshado wenu, ningacabangela ukuba ‘nomqondisi wedili’ ongumzalwane ovuthiwe. (Joh. 2:8) Uma nimchazela ngokucacile izinhlelo zomshado wenu, anganisiza niqikelele ukuthi umshado wenu uhlale unesizotha futhi izinto zihamba ngohlelo.
20. Yini abashadayo okufanele bayikhumbule ngomshado wabo?
20 Ningase nizizwe nikhungathekile njengoba nicabanga ngazo zonke izinto ezihilelekile ekuhleleni umshado wenu. Nokho, khumbulani ukuthi usuku lwenu lomshado usuku olulodwa nje kuphela. Luwusuku lokuqala lokuphila okumnandi nikhonza uJehova ndawonye. Yenzani konke eningakwenza ukuze nigcine umshado wenu uhloniphekile futhi ungenayo imicikilisho eminingi. Thembelani kuJehova. Ngesiqondiso sakhe, ningakwazi ukuhlela umshado eniyothi uma nicabanga ngawo nibe nezinkumbulo ezimnandi nezijabulisayo futhi ningazisoli ngawo.—IHu. 37:3, 4.
INGOMA 107 Isibonelo Saphezulu Sothando
a INCAZELO YEGAMA: Ezindaweni eziningi, umshado uhlanganisa ukuba abashadayo benze izifungo phambi kukaNkulunkulu. Ngemva kwalokho kungase kulandele idili lomshado. Ezindaweni eziningi umshado uhlanganisa inkulumo yomshado, ukufakana amaringi, ukwenza izifungo kanye nedili lomshado. Kodwa kwezinye izindawo, abashadayo abazenzi ezinye zalezi zinto noma zonke lezi zinto. Kodwa basengazuza ngokuhlonipha izimiso zeBhayibheli ngosuku lwabo lomshado.
b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nombono wamaKristu ngokubhalisa umshado ngokusemthethweni, bheka isihloko esithi “Imishado Ehloniphekayo Phambi KukaNkulunkulu Nabantu” kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 15, 2006.
c Bheka ividiyo ethi Bube Khona Yini Utshwala? ku-jw.org.

