AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela ELiechtenstein
LINGELINYE lamazwe amancane kunawo wonke emhlabeni, liseziNtabeni eziphakathi kweSwitzerland ne-Austria. Emakhulwini eminyaka, kwake kwahlala amaCelt, abaseRaetia amaRoma nama-Alemanni kule ndawo. Namuhla, bacishe babe izingxenye ezimbili kwezintathu abantu baseLiechtenstein abayinzalo yesizwe sama-Alemanni esafika kule ndawo eminyakeni engaba ngu-1 500 edlule.
Ulimi olusemthethweni lwaseLiechtenstein isiJalimane, nakuba luhluka kuye ngezigodi. Izidlo ezimbili ezivamile kule ndawo i-Tüarka-Rebel, eyenziwa ngommbila kanye ne-Käsknöpfle isidlo se-pasta esinoshizi.
I-Käsknöpfle
Imvunulo emibalabala
Ukuthatha uhambo kuleli zwe kwenza izivakashi zibone izintaba ezimbozwe yiqhwa, amathafa aluhlaza, izivini nezinhlobo ezihlukahlukene zezitshalo. Ngokwesibonelo, kuleli zwe elincane elisezintabeni kungatholakala izinhlobo ezicishe zibe ngu-50 zama-orchid asendle. ILiechtenstein iphinde ibe naneminyuziyamu, izindawo zemidlalo yeshashalazi nezindawo okwenziwa kuzo iwayini. Ngakho, kuba nezivakashi ubusika nehlobo kuleli zwe.
OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eLiechtenstein kusukela ngawo-1920. Njengamanje, cishe bangu-90 futhi bafundisa abantu bendawo nezivakashi