Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Izilwanyana Ezidla Uwoyela

Izilwanyana Ezidla Uwoyela

NGO-2010, kwachitheka uwoyela ongahluziwe olinganiselwa emiphongolweni engaphezu kwezigidi ezinhlanu (amalitha ayizigidi ezingu-800) eGulf of Mexico ngemva kokuqhuma nokuzika kwesikhungo sokumba uwoyela. Nokho, ngemva kwezinyanga nje ezimbalwa, uwoyela omningi wawungasekho emanzini. Kwenzeka kanjani lokho?

Cabanga ngalokhu: Ucwaningo lososayensi lubonise ukuthi izinhlobo ezihlukahlukene zezilwanyana zasemanzini ziyakwazi ukudla izinhlayiya ezakha uwoyela. Uprofesa uTerry Hazen oyisazi sesayensi yezinto ezincane eziphilayo, wachaza lezi zilwanyana ngokuthi “imicibisholo efuna uwoyela.” Lezo zilwanyana zaba nesandla kulokho okwenzeka eGulf of Mexico, njengoba kuchazwe ekuqaleni kwalesi sihloko.

“Ngomqondo othile, akumangazi ukuthi ulwandle lunezilwanyana ezinjalo ezidla uwoyela,” kusho umbiko we-BBC. Kakade, sekuphele iminyaka eminingi “iziphethu zemvelo ezisekujuleni kolwandle zikhiphela uwoyela emanzini asolwandle.”

Kuyavunywa, imizamo yabantu yokuhlanza uwoyela ochithekile, iye yaphumelela. Nokho, ngisho nemizamo yabantu engcono kakhulu yokukhuculula uwoyela ochithekile, ingabangela umonakalo omkhulu kunokusiza. Amakhemikhali athelwa emanzini athikameza inqubo engokwemvelo yokuhlanza uwoyela. Ngaphezu kwalokho, amakhemikhali anjalo anobuthi, futhi adala umonakalo ongalungiseki kalula emvelweni. Nokho indlela engokwemvelo yokuhlanza uwoyela, ehlanganisa izilwanyana ezidla uwoyela, yenza ulwandle lukwazi ukuzihlanza ngaphandle kokuba kube nemiphumela emibi eba khona uma kusetshenziswa izindlela ezingezona ezingokwemvelo. *

Ucabangani? Ingabe izilwanyana zasolwandle ezidla uwoyela zaba khona ngengozi, noma ingabe zaklanywa?

^ isig. 6 Kusazothatha isikhathi ukubona imiphumela yesikhathi eside ingozi eyenzeka eGulf of Mexico okungenzeka yaba nayo ezintweni eziphila olwandle.