Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isifo Sikashukela—Ungawanciphisa Yini Amathuba Okuba Naso?

Isifo Sikashukela—Ungawanciphisa Yini Amathuba Okuba Naso?

INANI labantu abanesifo sikashukela lenyuka ngamandla kangangokuba lesi sifo sesiyinkinga ekhungethe umhlaba wonke. Kunezinhlobo ezimbili eziyinhloko zesifo sikashukela. Uhlobo 1 luqala ikakhulu ebuntwaneni futhi okwamanje odokotela abazi ukuthi lungavinjelwa kanjani. Lesi sihloko sikhuluma ngohlobo 2, futhi abantu abangamaphesenti angu-90 abanesifo sikashukela banalolu hlobo.

Nakuba esikhathini esidlule isifo sikashukela sohlobo 2 sasibhekwa njengesifo sabantu abadala, muva nje sesiyazihlasela nezingane. Nokho, ochwepheshe bathi amathuba okuba umuntu abe nohlobo 2 lwesifo sikashukela angancishiswa. Ulwazi nje oluncane mayelana nalesi sifo esihlasela isinyelela lungaba usizo kuwe. *

Siyini Isifo Sikashukela?

Isifo sikashukela inkinga yempilo ebangela ukuba umuntu abe noshukela omningi ngokweqile egazini. Lesi sifo siphazamisa inqubo evamile yokudluliselwa kukashukela usuka emithanjeni yegazi uya emangqamuzaneni awudingayo ukuze abe namandla. Umphumela uba ukulimala kwezitho zomzimba ezibalulekile nokuphazamiseka kokujikeleza kwegazi, ngezinye izikhathi okuholela ekunqanyulweni kozwane noma unyawo, ukuba yimpumputhe noma isifo sezinso. Inani elikhulu labantu abanesifo sikashukela libulawa ukumelwa yinhliziyo noma ukushaywa unhlangothi.

Ukukhuluphala kungaba nomthelela omkhulu ekungenweni yisifo sikashukela sohlobo 2. Ochwepheshe bakholelwa ukuthi amafutha anqwabelene esiswini nasokhalweni angaba uphawu lokuthi umuntu usengozini enkulu yokuba nesifo sikashukela. Uma singagwegwesi, amafutha asobendeni noma esibindini kubonakala ekuphazamisa ukulawulwa kukashukela osegazini. Yini ongayenza ukuze unciphise ingozi yokuba sikungene?

 Izinyathelo Ezintathu Ezinganciphisa Amathuba Okuba Nesifo Sikashukela

1. Hlola izinga likashukela osegazini uma useqenjini elisengozini yokuba nalesi sifo. Inkinga yempilo eyaziwa ngokuthi isandulela sesifo sikashukela—isimo lapho ushukela osegazini usezingeni eliphakeme kakhudlwana kunelifanele—ngokuvamile yandulela isifo sikashukela sohlobo 2. Zombili lezi zinkinga zempilo ziyingozi, kodwa zinomahluko: Nakuba isifo sikashukela singalawuleka, kodwa okwamanje aselapheki. Ngakolunye uhlangothi, labo ababenesandulela sesifo sikashukela baye bakwazi ukwehlisa izinga likashukela egazini labo labuyela esimweni esivamile. Abanesandulela sesifo sikashukela bangase bangabi nazo izimpawu ezisobala. Ngenxa yalokho, lesi sigaba sesifo singase singaphawuleki. Ngokwemibiko, cishe abantu abayizigidi ezingu-316 emhlabeni jikelele banesandulela sesifo sikashukela; noma kunjalo, abaningi kubo abakwazi lokho. Ngokwesibonelo, e-United States nje kuphela, abantu abangamaphesenti angu-90 abanesandulela sesifo sikashukela abazi ukuthi banaso.

Nokho, isandulela sesifo sikashukela asiyona inkinga engenangozi. Ngaphandle kokuthi sandulela isifo sikashukela sohlobo 2, muva nje siye sahlotshaniswa namathuba okuba nenkinga yokuhanjelwa yingqondo. Uma kuwukuthi ukhuluphele, awuzivocavoci noma emndenini kunomuntu oke waba nesifo sikashukela, kungenzeka usunaso kakade isandulela sesifo sikashukela. Ukuhlola igazi kungembula ukuthi unaso yini.

2. Khetha ukudla okunomsoco. Kungase kukuzuzise ukwenza lokhu okulandelayo noma nini uma kungenzeka: Yidla kancane kunokuvamile. Esikhundleni sokuphuza ijusi yezithelo enoshukela noma iziphuzo ezine-asidi, phuza amanzi, itiye noma ikhofi. Yidla isinkwa sikakolo, ilayisi nepasta ngokulinganisela—kunokudla ukudla okuhlungiwe. Yidla inyama engenawo amanoni, inhlanzi, izinhlobo ezihlukahlukene zamakinati nobhontshisi.

3. Hlale uvivinya umzimba. Ukuvivinya umzimba kungehlisa izinga likashukela egazini futhi kungakusiza uhlale unesisindo esifanele. Iseluleko somunye uchwepheshe siwukuthi esikhundleni sokubukela ithelevishini, zivocavoce.

Awunakukwazi ukushintsha izakhi zakho zofuzo, kodwa ungayishintsha indlela yakho yokuphila. Ukwenza konke esingakwenza ukuze sithuthukise impilo yethu kuwufanele umzamo.

^ isig. 3 Alukho uhlobo lokudla noma indlela yokuzivocavoca i-Phaphama! ekutusayo. Umuntu ngamunye kufanele akuhlole ngokucophelela angakhetha kukho futhi athintane nodokotela ngaphambi kokuba enze isinqumo esithinta impilo.