Ukuhlakanipha Kuyamemeza —Ingabe Uyakuzwa?
“Ukuhlakanipha akuqhubeki yini kumemeza, nokuqonda akuqhubeki yini kuzwakalisa izwi lako? Kumi esiqongweni sezindawo eziphakeme, ngasendleleni, empambanweni yemigwaqo. Kuqhubeka kumemeza kakhulu. . . . ekungeneni kweminyango.”
UKUHLAKANIPHA kuyigugu kakhulu. Ngaphandle kwako, besiyokwenza amaphutha njalo nje. Kodwa ukuhlakanipha kwangempela kungatholakalaphi? Umlobi wencwadi yezAga wayecabanga ngokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa koMdali wethu. Ngaphezu kwalokho, cishe sonke isintu singakuthola ukuhlakanipha kwaKhe ngosizo lwencwadi ekhetheke kakhulu, iBhayibheli. Cabanga ngalokhu okulandelayo:
I-World Book Encyclopedia ithi: “IBhayibheli liyincwadi esakazwe kakhulu kunazo zonke emlandweni. Liye lahunyushwa ngokuphindaphindiwe futhi nangezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi.” Manje, iBhayibheli litholakala liphelele noma liyingxenye ngezilimi ezingaba ngu-2 600, okulenza litholakale kubantu abangaphezu kwamaphesenti angu-90 esintwini sisonke.
Ukuhlakanipha “kuqhubeka kumemeza” nangendlela engokoqobo ngokwengeziwe. KuMathewu 24:14 siyafunda: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela [kwezwe elikhona manje] kuyofika.”
Lezo “zindaba ezinhle” ziwukuhlakanipha kwangempela ngoba zibhekisela kokuyilona khambi likaNkulunkulu elihlakaniphile lezinkinga zesintu
OFakazi BakaJehova bakubheka njengelungelo ukumemezela uMbuso kaNkulunkulu emazweni angu-239! Yebo, ukuhlakanipha

