INGOMA 85

Yamukelanani

Yamukelanani

(Roma 15:7)

  1. 1. Niyemukelwa nonk’ enilapha

    Nizofunda iZwi likaJah.

    Usifundis’ iqiniso sonke;

    Masisabele, sibonis’ ukubonga.

  2. 2. Siyajabula ngabazalwane,

    Abenz’ okumthokozisayo.

    Masibathande abafowethu,

    Samukele nabanye abeze lapha.

  3. 3. UJah umema bonke abantu,

    Bathol’ iqiniso baphile.

    Usikhethile ngoJesu Kristu.

    Ngakho masamukelane sithandane.