INGOMA 77
Ukukhanya Ezweni Elisemnyameni
-
1. Ezweni El’semnyameni,
Sibon’ ukukhanya.
Kufana nalapho kusa
Kuqala usuku.
(CHORUS)
Umyalezo wethu,
Uletha ukukhanya.
Ulethe nethemba—
Uba njengokusa,
Okuxosh’ ubumnyama—
Kukhanye bha!
-
2. Olele makenz’ avuke
Is’khathi s’yaphela.
Sinika bonke ithemba,
Sibathandazele.
(CHORUS)
Umyalezo wethu,
Uletha ukukhanya.
Ulethe nethemba—
Uba njengokusa,
Okuxosh’ ubumnyama—
Kukhanye bha!
(Bheka noJoh. 3:19; 8:12; Roma 13:11, 12; 1 Pet. 2:9.)

