Isethulo

Isethulo

Ingabe izinto eziphilayo zadalwa, noma wena ungumkhiqizo wezenzakalo ezinhlakanhlaka ezingenanjongo? Lona umbuzo oyindida kakhulu. Noma kunjalo, impendulo yawo ibaluleke kakhulu. Le ncwajana iphendula imibuzo enjengale:

  • Ingabe umhlaba wethu waklanyelwa ukuba ube nezinto eziphilayo?

  • Yini esingayifunda emiklamweni esiyibona endalweni?

  • Ingabe imfundiso yokuziphendukela kwemvelo isekelwe emaqinisweni?

  • Ingabe isayensi iyakuphikisa ukulandisa kweBhayibheli ngendalo?

  • Kungani kubalulekile lokho okukholelwayo?