Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungokwemvelo Yini Ukuzizwa Ngale Ndlela?

Kungokwemvelo Yini Ukuzizwa Ngale Ndlela?

OTHILE owashonelwa uyabhala: “Ngesikhathi ngiseyingane ngihlala eNgilandi, ngafundiswa ukungayivezi imizwa yami. Ngikhumbula ubaba owayeke waba yisosha, uma kukhona okungizwise ubuhlungu, wayekhuluma nami ehlanganise amazinyo athi, ‘Ungalokothi ukhale!’ Angikhumbuli noma umama wake wasiqabula yini noma wasigona thina zingane (sasibane). Ngangineminyaka engu-56 lapho ngibona ubaba efa. Ngazizwa ngilahlekelwe kakhulu. Kodwa ekuqaleni, angikwazanga ukukhala.”

Kwamanye amasiko, abantu bayiveza obala imizwa yabo. Kungakhathaliseki ukuthi baneme noma badabukile, abanye bayayazi indlela abazizwa ngayo. Ngakolunye uhlangothi, kwezinye izingxenye zomhlaba, ngokuphawulekayo enyakatho Yurophu naseBrithani, abantu, ikakhulukazi amadoda, baye bafundiswa ukufihla imizwa yabo, ukucindezela imizwelo yabo, badle imihlathi, futhi bafele ngaphakathi. Kodwa uma ulahlekelwa othandekayo, ingabe ngandlela-thile akulungile yini ukuluveza obala usizi? IBhayibheli lithini?

Labo Abakhala EBhayibhelini

IBhayibheli labhalwa amaHeberu asesifundeni esingasempumalanga yeMedithera, ayengabantu abangayifihli indlela abazizwa ngayo. Linezibonelo eziningi zabantu abaluveza obala usizi lwabo lokufelwa. INkosi uDavide yakhalela ukulahlekelwa yindodana yayo u-Amnoni, eyabulawa. Eqinisweni, ‘yakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.’ (2 Samuweli 13:28-39) Yaze yalusizi ngisho nangokulahlekelwa yindodana yayo engathembekile u-Abisalomu, eyayizame ukuketula ubukhosi bayo. Ukulandisa kweBhayibheli kusitshela ukuthi: “Yayisidabuka kakhulu inkosi [uDavide], yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: ‘Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!’” (2 Samuweli 18:33) UDavide walila njenganoma yimuphi ubaba ovamile. Futhi kukangaki abazali befisa sengathi nga kufe bona esikhundleni sezingane zabo! Kubonakala kungekhona okwemvelo ukuba ingane ife ngaphambi komzali.

UJesu wasabela kanjani ekufeni komngane wakhe uLazaru? Lapho esesondela ethuneni lakhe wakhala. (Johane 11:30-38) Kamuva, uMariya Magdalena wakhala ngesikhathi esondela ethuneni likaJesu. (Johane 20:11-16) Yiqiniso, umKristu oliqondayo ithemba leBhayibheli lovuko akabi lusizi ngokungaduduzeki, njengoba kwenza labo abangenaso isisekelo seBhayibheli esicacile ngezinkolelo zabo ngokuphathelene nesimo sabafileyo. Kodwa njengomuntu onemizwa efana neyabanye, ngisho noma umKristu weqiniso enethemba lovuko, uyaba lusizi futhi alilele ukulahlekelwa yinoma yimuphi othandekayo.—1 Thesalonika 4:13, 14.

Ukhale Noma Ungakhali

Kuthiwani ngendlela esisabela ngayo namuhla? Ukuthola kunzima yini noma kukubangela amahloni ukuveza imizwa yakho? Abeluleki batusa ukuba kwenziwe njani? Imibono yabo yesimanje ngokuvamile imane inanela ukuhlakanipha kweBhayibheli kwamandulo okuphefumulelwe. Bathi kufanele siluveze obala usizi lwethu lokufelwa, singalucindezeli. Lokhu kusikhumbuza amadoda akudala athembekile, anjengoJobe, uDavide noJeremiya, izinkulumo zawo zosizi ezitholakala eBhayibhelini. Ngempela abazange bayivalele ngaphakathi imizwa yabo. Ngakho-ke, akukhona ukuhlakanipha ukuba unkom’ idla yodwa. (IzAga 18:1) Yebo, ukulila kwenziwa ngezindlela ezihlukene emasikweni ahlukene, kuxhomeke nasekutheni yiziphi izinkolelo ezivelele kuleyo ndawo. *

Kuthiwani uma kuthi khala? Ukukhala kuyingxenye yobuntu. Khumbula futhi isenzakalo sokufa kukaLazaru, lapho uJesu ‘ebubula emoyeni . . . ekhala izinyembezi.’ (Johane 11:33, 35) Ngaleyo ndlela wabonisa ukuthi ukukhala kuyindlela yemvelo yokusabela lapho kufa othandekayo.

Kungokwemvelo ukuba lusizi nokukhala lapho kufa othandekayo

Lokhu kufakazelwa indaba kamama othile, u-Anne, ongane yakhe uRachel yabulawa iSIDS (Sudden Infant Death Syndrome [Ukufa Kwezinsana Ngokuzumayo]). Umyeni wakhe wathi: “Into eyamangalisa ukuthi mina no-Anne asizange sikhale emngcwabeni. Bonke babekhala.” Mayelana nalokhu, u-Anne wathi: “Yebo, kodwa sengikhale kakhulu ngikhalela thina sobabili. Ngicabanga ukuthi ngazwela kakhulu emasontweni ambalwa ngemva kwesifo, ngesikhathi sengingedwa endlini ngolunye usuku. Ngakhala usuku lonke. Kodwa ngikholelwa ukuthi kwangisiza. Ngazizwa ngingcono. Kwakudingeka ngikhalele ukulahlekelwa umntanami. Empeleni ngikholelwa ukuthi abantu abasosizini lokufelwa kufanele bakhale. Nakuba kuvamile ngabanye ukuba bathi, ‘Ungakhali,’ lokho akusizi ngempela.”

Indlela Abanye Abasabela Ngayo

Abanye baye basabela kanjani lapho bedangaliswe ukulahlekelwa othandekayo? Ngokwesibonelo, cabanga ngoJuanita. Uyazi ukuthi kunjani ukulahlekelwa umntwana. Wayesephuphunyelwe izisu ezinhlanu. Manje wayesephinde wakhulelwa. Ngakho lapho ingozi yemoto imphoqa ukuba alaliswe esibhedlela, kuyaqondakala ukuthi kungani ayekhathazekile. Kwadlula amasonto amabili wabe eseba nemihelo—ngaphambi kwesikhathi. Ngokushesha ngemva kwalokho uVanessa omncane wazalwa—enesisindo esicishe sibe ikhilogremu elilodwa. “Ngangijabule kakhulu,” kukhumbula uJuanita. “Ekugcineni ngase ngingumama!”

Kodwa injabulo yakhe yaba ngeyesikhashana. Ngemva kwezinsuku ezine uVanessa washona. UJuanita uyakhumbula: “Kwaphela nasozwaneni. Ngase ngiphuciwe ukuba umama. Ngazizwa ngingaphelele. Kwakubuhlungu ukufika ekhaya egumbini esase sililungiselele uVanessa nokubuka izingutshana ezincanyana engase ngimthengele zona. Ezinyangeni ezimbalwa ezalandela, ngaphinde ngalubona ngamehlo engqondo usuku azalwa ngalo. Ngangingafuni kuhlangana namuntu.”

Ingabe lokhu ukusabela okweqisayo? Kungase kube nzima ngabanye ukuqonda, kodwa labo, njengoJuanita, asebeke badlula kukho bachaza ukuthi baba lusizi ngokushonelwa ingane yabo ngendlela abebengaba lusizi ngayo ngomuntu obesephile isikhathi esithile. Bathi ngaphambi kokuba ingane izalwe, isuke isithandwa abazali bayo. Kusuke sekwakheke ubuhlobo obukhethekile nonina. Lapho lowo mntwana eshona, umama uba nomuzwa wokuthi kusuke kufe umuntu wangempela. Futhi yilokho kanye abanye okudingeka bakuqonde.

Indlela Intukuthelo Nomuzwa Wokuba Necala Okungakuthinta Ngayo

Omunye umama wazwakalisa imizwa yakhe lapho etshelwa ukuthi indodana yakhe eneminyaka eyisithupha ife ngokuzumayo, ibulawa isifo senhliziyo eyayizalwe naso. “Ngasabela ngezindlela ezihlukahlukene—ukuba ndikindiki, ukungakholelwa, umuzwa wecala, ukuthukuthelela umyeni wami nodokotela ngokungaqapheli ukuthi isimo sakhe sasibucayi kangakanani.”

Intukuthelo ingaba olunye uphawu lokuba lusizi ngenxa yokufelwa. Kungase kube ukuthukuthelela odokotela nabahlengikazi, ube nomuzwa wokuthi kufanele ngabe benze okwengeziwe ekunakekeleni umufi. Noma kungase kube ukuthukuthelela abangane nezihlobo okubonakala sengathi basho noma benze izinto ezingalungile. Abanye bathukuthelela umufi ngokungayinakekeli impilo yakhe. UStella uyakhumbula: “Ngikhumbula ngithukuthelela umyeni wami ngoba ngangazi ukuthi ngabe akubanga njena. Wayebangwa nezibi, kodwa akazinakanga izixwayiso zodokotela.” Futhi ngezinye izikhathi umufi uthukuthelelwa ngenxa yemithwalo ukufa kwakhe okuyithwesa osele.

Abanye bazizwa benecala ngenxa yentukuthelo—okusho ukuthi, bangase bazisole ngoba bethukuthele. Abanye bazisola bona ngokufa kothandekayo wabo. Bazitshela ukuthi, “Ubengeke afe ukube nje bengimtshele masinyane ukuba aye kudokotela” noma “ukube bengimkhuthazile ukuba aye komunye udokotela” noma “ukube bengimenze wathi ukuyinakekela kangconywana impilo yakhe.”

Ukulahlekelwa ingane kuyisigemegeme esibuhlungu kabi—uzwela lwangempela nobubele kungabasiza abazali

Kwabanye umuzwa wecala udlulela ngalé kwalokho, ikakhulukazi uma othandekayo wabo efe ngokuzumayo nangokungazelele. Baqala ukukhumbula izikhathi ababemthukuthelele ngazo umufi noma ababexabana ngazo naye. Noma bangase babe nomuzwa wokuthi abazange babe yilokho okwakufanele babe yikho kumufi.

Inqubo ende yokuba lusizi komama abaningi ngenxa yokufelwa isekela lokho okushiwo ochwepheshe abaningi, ukuthi ukulahlekelwa ingane kubangela usizi olungapheli kubazali, ikakhulukazi kumama.

Lapho Ulahlekelwa Umngane Womshado

Ukulahlekelwa umngane womshado kungolunye uhlobo lwesigemegeme esibuhlungu, ikakhulukazi uma bobabili bebephila ukuphila okumatasa kakhulu. Kungasho ukushabalala kwayo yonke indlela yokuphila abebeyiphila, ukuvakasha, umsebenzi, ukuzijabulisa nokuncika komunye nomunye.

U-Eunice uchaza okwenzeka ngesikhathi umyeni wakhe ebulawa isifo senhliziyo ngokuzuma. “Ngesonto lokuqala, ngangindikindiki ngokomzwelo, njengokungathi ngangingaphili. Ngangingakwazi ngisho nokunambitha noma ukuhogela. Nokho, ingqondo yami yaqhubeka isebenza kahle. Ngenxa yokuthi ngangilokhu nginomyeni wami ngesikhathi bezama ukwenza ngcono isimo sakhe ngokumphefumulisa nangemithi, angizange ngibe nezimpawu ezivamile zokungakwamukeli. Nakuba kunjalo, nganginomuzwa onamandla wokukhungatheka, njengokungathi ngangibukela imoto ishona ngalé kwewa kungekho lutho engingalwenza.”

Wakhala yini? “Ngokuqinisekile ngakhala, ikakhulukazi lapho ngifunda amakhulukhulu amakhadi okungizwela engangiwatholile. Ngangibe ngisafunde khadi, ngikhale. Kwakungisiza ngikwazi ukubhekana nalo lonke usuku. Kodwa kwakungangisizi neze ukulokhu ngibuzwa ukuthi ngizizwa kanjani. Vele ngangisosizini nje.”

Yini eyasiza u-Eunice ukuba abhekane nosizi lwakhe? Uthi: “Ngingaqaphele, ngenza isinqumo sokuqhubeka nokuphila kwami. Nokho, okusangizwisa ubuhlungu ukukhumbula ukuthi umyeni wami, owayekuthanda kangaka ukuphila, akasekho manje ukuba akujabulele.”

“Ungabavumeli Abanye Bakushayele Umthetho . . . ”

Abalobi bencwadi ethi Leavetaking—When and How to Say Goodbye bayeluleka: “Ungabavumeli abanye bakushayele umthetho ngokuthi kufanele wenzenjani noma uzizwe kanjani. Indaba yokuba lusizi iyehlukahluka kithi sonke. Abanye bangase bacabange ukuthi ulusizi ngokweqile noma ngokungenele—futhi bakutshele ukuthi bacabanga kanjalo. Bathethelele bese uyakhohlwa. Ngokuzama ukuziphoqa ukuba uvumelane nesimo esakhiwe abanye noma umphakathi wonkana, uzivimbela ukuba ungalulami ngokomzwelo.”

Yiqiniso, abantu abehlukene balusingatha ngezindlela ezihlukene usizi lwabo. Asizami ukusikisela ukuthi indlela ethile ingcono kunenye kuwo wonke umuntu. Nokho, ingozi iphakama lapho umuntu engalulami, lapho umuntu okhungethwe usizi engasakwazi ukuzivumelanisa nesimo esingokoqobo. Khona-ke, kungase kudingeke usizo lwabangane abanesihawu. IBhayibheli lithi: “Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.” Ngakho, ungesabi ukufuna usizo futhi ukhulume, ukhale.—IzAga 17:17.

Ukuba lusizi kuyindlela yemvelo yokusabela ekufeni kothile, futhi akukho lutho olungalungile ngokubonakalisa usizi lwakho kwabanye. Kodwa kuneminye imibuzo edinga izimpendulo: ‘Ngingaphila kanjani nosizi engikulo? Ingabe kungokwemvelo ukuba nemizwa yecala nentukuthelo? Kufanele ngibhekane kanjani nalezi zindlela zokusabela? Yini engangisiza ukuba ngikhuthazelele ukufelwa nosizi?’ Ingxenye elandelayo izophendula leyo mibuzo kanye neminye.

^ isig. 8 Ngokwesibonelo, abantu baseNigeria abangamaYoruba banenkolelo eyisiko yokuphindukuzalwa komphefumulo. Ngakho lapho umama elahlekelwa ingane, kuba khona usizi olunamandla kodwa oluthatha isikhashana, ngoba njengoba ingoma yesiYoruba isho: “Amanzi achithekile. Igula alifanga.” NgokwamaYoruba, lokhu kusho ukuthi igula lamanzi, umama, lisengazala enye ingane—mhlawumbe kube ukuphindukuzalwa kwengane efile. OFakazi BakaJehova abalandeli masiko asekelwe ezinkolelweni eziyize ezivela emibonweni engamanga yomphefumulo ongafi nokuphindukuzalwa, engasekelwe eBhayibhelini.—UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4, 20.