Indlela Ongazuza Ngayo Kule Ncwajana
Le ncwajana izokusiza ukuba ujabulele ukufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. ImiBhalo esekugcineni kwesigaba ngasinye ibonisa ukuthi uzozitholaphi eBhayibhelini lakho izimpendulo zemibuzo ebhalwe ngokugqamile.
Lapho ufunda amavesi eBhayibheli, cabanga ngezimpendulo ozitholayo. Noma yimuphi uFakazi KaJehova uyothanda ukukusiza ukuba uqonde incazelo yalawo mavesi.—Funda uLuka 24:32, 45.
Phawula: Zonke izincwadi ezishiwo kule ncwajana zinyatheliswa oFakazi BakaJehova.