ISIFUNDO 1

Zithini Izindaba Ezinhle?

Zithini Izindaba Ezinhle?

1. Zithini izindaba ezivela kuNkulunkulu?

UNkulunkulu ufuna ukuba abantu baphile kamnandi emhlabeni. Wadala umhlaba nakho konke okukuwo ngoba ethanda abantu. Maduzane, uzothatha isinyathelo sokunikeza abantu ikusasa elihle emhlabeni wonke. Uzoqeda izimbangela zokuhlupheka kwabantu.—Funda uJeremiya 29:11.

Awukho uhulumeni oke wakwazi ukuqeda ubudlova, izifo noma ukufa. Kodwa kukhona izindaba ezinhle. Maduzane, uNkulunkulu uzoqeda bonke ohulumeni babantu, amise uhulumeni wakhe esikhundleni sabo. Abantu ababuswa yilo hulumeni bayoba nokuthula nempilo enhle.—Funda u-Isaya 25:8; 33:24; Daniyeli 2:44.

2. Kungani kuphuthuma ukushumayela izindaba ezinhle?

Ukuhlupheka kuyophela lapho uNkulunkulu esusa ababi emhlabeni. (Zefaniya 2:3) Kuyokwenzeka nini lokho? IZwi likaNkulunkulu labikezela izimo ezisongela isintu namuhla. Izenzakalo ezenzeka manje zibonisa ukuthi sesiseduze isikhathi sokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.

3. Yini okufanele siyenze?

Kufanele sifunde ngoNkulunkulu eZwini lakhe, iBhayibheli. Linjengencwadi evela kubaba onothando. Lisitshela indlela esingaphila ngayo kangcono manje neyokuthola ukuphila okuphakade esikhathini esizayo. Yiqiniso, abanye bangase bangajabuli lapho bekubona ufundelwa iBhayibheli. Kodwa asifuni ukuvumela abantu basenze silahlekelwe yithuba lokuthola ikusasa elingcono.—Funda izAga 29:25; IsAmbulo 14:6, 7.