ISIFUNDO 10
Ungayibona Kanjani Inkolo Yeqiniso?
1. Ingabe kunenkolo eyodwa kuphela yeqiniso?
“Qaphelani abaprofethi bamanga.”—MATHEWU 7:15.
UJesu wafundisa abalandeli bakhe inkolo eyodwa kuphela, inkolo yeqiniso. Ifana nendlela eyisa ekuphileni okuphakade. UJesu wathi: “Bambalwa abayitholayo” leyo ndlela. (Mathewu 7:14) UNkulunkulu wamukela kuphela ukukhulekela okusekelwe eZwini lakhe leqiniso. Bonke abakhulekeli beqiniso bahlanganiswe ukholo olulodwa.—Funda uJohane 4:23, 24; 14:6; Efesu 4:4, 5.
Bukela ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Wamukela Zonke Izindlela Zokukhonza?
2. UJesu wathini ngamaKristu amanga?
“Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.”—THITHU 1:16.
UJesu waxwayisa ngabaprofethi bamanga ababeyongcolisa ubuKristu. Ngaphandle, abaprofethi bamanga babukeka njengabakhulekeli beqiniso. Amasonto abo athi angawobuKristu. Kodwa ungakubona lokho abayikho ngempela. Kanjani? Ukukhulekela kweqiniso kuphela okuveza amaKristu eqiniso anezimfanelo ezinhle nezenzo ezinhle.—Funda uMathewu 7:13-23.
3. Ungababona kanjani abakhulekeli beqiniso?
Cabangela lezi zimpawu ezinhlanu:
-
Abakhulekeli beqiniso bahlonipha iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Balwela ukuphila ngezimiso zalo. Ngakho inkolo yeqiniso ihlukile enkolweni esekelwe emibonweni yabantu. (Mathewu 15:7-9) Abakhulekeli beqiniso abashumayeli okunye benze okunye.—Funda uJohane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17.
-
igama likaNkulunkulu ngokulenza laziwe. Wasiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu futhi wabafundisa ukuba bathandazele ukungcweliswa kwegama laKhe. (Mathewu 6:9) Endaweni yangakini, iyiphi inkolo eyenza igama likaNkulunkulu laziwe?—Funda uJohane 17:26; Roma 10:13, 14.
Abalandeli bakaJesu beqiniso bayalihlonipha igama likaNkulunkulu elithi Jehova. UJesu walihlonipha -
AmaKristu eqiniso ashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu wathumela uJesu ukuba azoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu. UJesu washumayela ngawo kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Luka 4:43; 8:1; 23:42, 43) Wathi abalandeli bakhe bayoshumayela ngawo. Uma umuntu eza kuwe ezoxoxa nawe ngoMbuso kaNkulunkulu, cishe usuke evela kuyiphi inkolo?—Funda uMathewu 24:14.
-
Abalandeli bakaJesu abayona ingxenye yaleli zwe elibi. Ungababona ngokungangeni kwezombusazwe nasezingxabanweni zomphakathi. (Johane 17:16; 18:36) Futhi abayilingisi imikhuba elimazayo yaleli zwe nendlela elicabanga ngayo.—Funda uJakobe 4:4.
-
AmaKristu eqiniso athandana ngendlela emangalisayo. EZwini likaNkulunkulu afunda ukuhlonipha abantu bazo zonke izizwe. Nakuba izinkolo zamanga ziye zazisekela kakhulu izimpi zezizwe, abakhulekeli beqiniso bayenqaba ukwenza kanjalo. (Mika 4:1-3) Kunalokho, amaKristu eqiniso asisebenzisa ngokuzithandela isikhathi nezinto zawo ukuze asize futhi akhuthaze abanye.—Funda uJohane 13:34, 35; 1 Johane 4:20.
4. Ingabe uyayibona inkolo yeqiniso?
Iyiphi inkolo esekela zonke izimfundiso zayo eBhayibhelini, ehlonipha igama likaNkulunkulu nememezela ngoMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu? Iyiphi inkolo ethandanayo nenqaba ukuya empini? Ucabanga ukuthi iyiphi?—Funda eyoku-1 Johane 3:10-12.