ISIFUNDO 12

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?

1. Ingabe uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo?

UNkulunkulu umema abantu bazo zonke izizwe ukuba basondele kuye ngomthandazo. (IHubo 65:2) Kodwa akalaleli noma amukele yonke imithandazo. Ngokwesibonelo, imithandazo yendoda ephatha kabi umkayo ingase ithiyeke. (1 Petru 3:7) Kanti nalapho ama-Israyeli ephikelela nokwenza okubi, uNkulunkulu wenqaba ukulalela imithandazo yawo. Kuyacaca ukuthi umthandazo uyilungelo. Noma kunjalo, uNkulunkulu uyayilalela imithandazo yezoni ezimbi kakhulu uma ziphenduka.—Funda u-Isaya 1:15; 55:7.

Bukela ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Ulalela Yonke Imithandazo?

2. Kufanele sithandaze kanjani?

Umthandazo uyingxenye yokukhulekela kwethu, ngakho kufanele sithandaze kuphela kuMdali wethu uJehova. (Mathewu 4:10; 6:9) Okunye futhi, njengoba singaphelele, kufanele sithandaze egameni likaJesu ngoba wafela izono zethu. (Johane 14:6) UJehova akafuni siphindaphinde imithandazo esiyibambe ngekhanda noma ebhalwe phansi. Ufuna sithandaze ngokusuka enhliziyweni.—Funda uMathewu 6:7; Filipi 4:6, 7.

UMdali wethu uzwa ngisho nemithandazo esiyisho ngenhliziyo. (1 Samuweli 1:12, 13) Usicela ukuba sithandaze zikhathi zonke, njengalapho sivuka nalapho silala, lapho sidla nalapho sibhekene nezinkinga.—Funda iHubo 55:22; Mathewu 15:36.

3. Kungani amaKristu ehlangana ndawonye?

Ukusondela kuNkulunkulu akulula ngoba siphila phakathi kwabantu abangenalo ukholo kuNkulunkulu nabahlekisa ngesithembiso sakhe sokuletha ukuthula emhlabeni. (2 Thimothewu 3:1, 4; 2 Petru 3:3, 13) Ngakho siyakudinga ukuhlangana nesikholwa nabo ukuze sikhuthazane.—Funda eyamaHebheru 10:24, 25.

Ukuhlangana nabantu abathanda uNkulunkulu kuyasisiza sisondele kuye. Imihlangano yoFakazi BakaJehova isinika ithuba elihle lokuzuza okholweni lwabanye.—Funda eyabaseRoma 1:11, 12.

4. Ungasondela kanjani kuNkulunkulu?

Ungasondela kuJehova ngokuzindla ngezinto ozifunde eZwini lakhe. Cabanga ngezinto azenzayo, izeluleko zakhe nezithembiso zakhe. Ukuzindla nokuthandaza kwenza siqonde ubukhulu bothando nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.—Funda uJoshuwa 1:8; IHubo 1:1-3.

Ungasondela kuNkulunkulu kuphela uma umethemba futhi unokholo kuye. Kodwa ukholo lufana nento ephilayo edinga ukondliwa. Kumelwe ngaso sonke isikhathi wondle ukholo lwakho ngokubuyekeza isisekelo sezinkolelo zakho.—Funda uMathewu 4:4; Hebheru 11:1, 6.

5. Kuyokuzuzisa kanjani ukusondela kuNkulunkulu?

UJehova uyabakhathalela abantu abamthandayo. Angabavikela kunoma yini engabeka engozini ukholo nethemba labo lokuphila okuphakade. (IHubo 91:1, 2, 7-​10) Usixwayisa ngezindlela zokuphila ezibeka impilo nenjabulo yethu engozini. UJehova usifundisa indlela enhle kakhulu yokuphila.—Funda iHubo 73:27, 28; Jakobe 4:4, 8.