ISIFUNDO 6
Liyini Ithemba Ngabafileyo?
1. Zithini izindaba ezinhle ngabafileyo?
Lapho uJesu efika eBhethaniya eduze kwaseJerusalema, uLazaru umngane wakhe wayesenezinsuku ezine efile. UJesu waya emathuneni noMarta noMariya, odadewabo bakamufi. Ngokushesha kwaqoqana isixuku. Ungayicabanga injabulo kaMarta noMariya lapho uJesu evusa uLazaru?—Funda uJohane 11:21-24, 38-44.
UMarta wayesezazi izindaba ezinhle ngabafileyo. Wayazi ukuthi uJehova uzobavusa abafileyo baphinde baphile emhlabeni.—Funda uJobe 14:14, 15.
2. Siyini isimo sabafileyo?
UNkulunkulu wathi ku-Adamu: “Uluthuli, uyobuyela othulini.”—GENESISE 3:19.
Abantu benziwe ngothuli. (Genesise 2:7; 3:19) Asiwona umoya ophila ngaphakathi emzimbeni wenyama. Siyizidalwa zenyama, ngakho akunalutho kithi olusindayo lapho sifa. Lapho sifa, nezingqondo zethu ziyafa, imicabango yethu ishabalale. Yingakho uLazaru engashongo lutho ngokwakwenzeke kuye ngesikhathi esafile ngoba abafileyo abazi lutho.—Funda iHubo 146:4; UmShumayeli 9:5, 6, 10.
Ingabe uNkulunkulu uhlupha abantu emlilweni lapho sebefile? Njengoba iBhayibheli lithi abafileyo abazi lutho, kuyacaca ukuthi imfundiso yesihogo somlilo iyimfundiso engamanga enyundela uNkulunkulu. Umqondo wokuhlupha abantu emlilweni uyenyanyeka kuye.—Funda uJeremiya 7:31.
Bukela ividiyo ethi Siyini Isimo Sabantu Abafile?
3. Abafileyo bangakhuluma yini nathi?
Abafileyo abakwazi ukukhuluma nokuzwa. (IHubo 115:17) Kodwa ezinye izingelosi zimbi futhi zingase zikhulume nabantu zizenze abantu abafile. (2 Petru 2:4) UJehova uyakwenqabela ukuzama ukukhuluma nabafileyo.—Funda uDuteronomi 18:10, 11.
4. Obani abayovuswa?
Izigidi zabantu abasemathuneni ziyovuswa ziphile emhlabeni. Kuyovuswa ngisho nabanye ababenza izinto ezimbi ngoba bengamazi uNkulunkulu.—Funda uLuka 23:43; IzEnzo 24:15.
Abavusiwe bayokwazi ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu futhi babonise ukholo kuJesu ngokumlalela. (IsAmbulo 20:11-13) Labo abayovuswa futhi benze izinto ezinhle bayophila phakade emhlabeni.—Funda uJohane 5:28, 29.
5. Uvuko lusitshelani ngoJehova?
UNkulunkulu wenza ukuba abantu abafile babe nethemba ngokuthumela iNdodana yakhe ukuba izosifela. Ngakho, uvuko lusitshela ngothando lukaJehova nangomusa wakhe ongafanele. Lapho abafileyo bevuswa, ubani ofuna ukumbona ngokukhethekile?—Funda uJohane 3:16; Roma 6:23.