ISIFUNDO 13
Zithini Izindaba Ezinhle Ngenkolo?
1. Ingabe zonke izinkolo zilungile?
Bakhona abantu abaqotho kuzo zonke izinkolo. Kuyizindaba ezinhle ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyababona labo bantu futhi uyabakhathalela. Kodwa ngokudabukisayo, ziningi izinto ezimbi eziye zenziwa egameni lenkolo. (2 Korinte 4:3, 4; 11:13-15) Ngokwemibiko yabezindaba, ezinye izinkolo zize zihileleke kwezobuphekula, ukuqothulwa kohlanga, izimpi nokuhlukunyezwa kwezingane. Yeka ukuthi lokhu kubadabukisa kanjani abakhulekeli bakaNkulunkulu abaqotho!—Funda uMathewu 24:3-5, 11, 12.
Njengoba inkolo yeqiniso ikhazimulisa uNkulunkulu, eyamanga iyamcasula. Ifundisa izinto ezingekho eBhayibhelini, kuhlanganise nezimfundiso ezingamanga ngoNkulunkulu nabafileyo. Kodwa uJehova ufuna abantu bazi iqiniso ngaye.—Funda uHezekeli 18:4; 1 Thimothewu 2:3-5.
2. Zithini izindaba ezinhle ngenkolo?
Ngokujabulisayo, uNkulunkulu akakhohliswa izinkolo ezithi ziyamthanda kodwa zibe zithanda izwe likaSathane. (Jakobe 4:4) IZwi likaNkulunkulu libiza zonke izinkolo zamanga ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.” IBhabhiloni laliwumuzi wasendulo okwaqala kuwo inkolo yamanga ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Maduzane, uNkulunkulu uzoyiqeda kungalindelekile inkolo ekhohlisa futhi icindezele isintu.—Funda isAmbulo 17:1, 2, 5, 16, 17; 18:8.
Kusekhona ezinye izindaba ezinhle. UJehova akabakhohliwe abaqotho abagcwele ezinkolweni zamanga emhlabeni wonke. Uyabaqoqa ngokubafundisa iqiniso.—Funda uMika 4:2, 5.
3. Yini okufanele yenziwe abaqotho?
Inkolo yeqiniso yenza abantu babe nobunye
UJehova uyabakhathalela abantu abathanda okuyiqiniso nokuhle. Ubanxusa ukuba baphume enkolweni yamanga. Abantu abathanda uNkulunkulu bazimisele ukwenza izinguquko ukuze bamthokozise.—Funda isAmbulo 18:4.
Ngekhulu lokuqala, lapho abaqotho bezwa izindaba ezinhle kubaphostoli, bajabula. UJehova wabafundisa indlela entsha yokuphila, indlela ejabulisayo, enenjongo nethemba. Bayisibonelo esihle kithi ngoba bazamukela izindaba ezinhle babeka uJehova kuqala ekuphileni kwabo.—Funda eyoku-1 Thesalonika 1:8, 9; 2:13.
UJehova uyabamukela emkhayeni wabakhulekeli bakhe abantu abashiya inkolo yamanga. Uma usamukela isimemo esifudumele esivela kuJehova, uyoba umngane wakhe, uthole umkhaya omusha nonothando wabantu abakhonza uJehova, uthole nokuphila okuphakade.—Funda uMarku 10:29, 30; 2 Korinte 6:17, 18.
4. UNkulunkulu uyoyiletha kanjani injabulo emhlabeni wonke?
Kuyizindaba ezinhle ukwazi ukuthi inkolo yamanga izokwahlulelwa. Lokho kuyoqeda ukuphathwa kabi kwabantu emhlabeni. Inkolo yamanga ngeke iphinde idukise futhi ihlukanise abantu. Bonke abaphilayo bayokhonza uNkulunkulu weqiniso ngobunye.—Funda isAmbulo 18:20, 21; 21:3, 4.