Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO

Usuku Lokwahlulela—Luyini?

Usuku Lokwahlulela—Luyini?

UCABANGA ukuthi lunjani uSuku Lokwahlulela? Abaningi bacabanga ukuthi umuntu ngamunye ezigidigidini zabantu uyomiswa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Uma eselapho, ahlulelwe. Abanye bayothola umvuzo wasezulwini, kanti abanye bayojeziswa ngokuhlushwa kwaphakade. IBhayibheli nokho lisinikeza umbono ohlukile walesi sikhathi. IZwi likaNkulunkulu lisichaza njengesikhathi sethemba nesokwakha kabusha, hhayi isikhathi esesabisayo.

Encwadini yesAmbulo 20:11, 12, sifunda incazelo kamphostoli uJohane yoSuku Lokwahlulela: “Ngabona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nalowo owayehlezi kuso. Umhlaba nezulu kwabaleka phambi kwakhe, indawo yako ayibange isatholakala. Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi, futhi imiqulu yavulwa. Kodwa nomunye umqulu wavulwa; umqulu wokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.” Ubani lo maHluleli ochazwa lapha?

UJehova uNkulunkulu uyena maHluleli omkhulu wesintu. Noma kunjalo, umsebenzi wokwahlulela uwuphathise othile. Ngokusho kwezEnzo 17:31, umphostoli uPawulu wathi uNkulunkulu “umise usuku ajonge ukwahlulela ngalo umhlaba owakhiwe ngokulunga ngomuntu ammisile.” Lo maHluleli omisiwe nguJesu Kristu ovusiwe. (Johane 5:22) Luqala nini-ke kodwa lolu Suku Lokwahlulela? Lude kangakanani?

Incwadi yesAmbulo ibonisa ukuthi uSuku Lokwahlulela luqala ngemva kwempi ye-Armagedoni, lapho kuyobhujiswa khona isimiso sikaSathane. * (IsAmbulo 16:14, 16; 19:19–20:3) Ngemva kwe-Armagedoni, uSathane namademoni akhe bayovalelwa kwalasha iminyaka eyinkulungwane. Phakathi naleso sikhathi, izindlalifa zasezulwini ezingu-144 000 ziyoba abahluleli futhi zibuse “njengamakhosi kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 14:1-3; 20:1-4; Roma 8:17) USuku Lokwahlulela alusona isenzakalo sokubhuduzela samahora angu-24 nje kuphela. Luthatha iminyaka eyinkulungwane.

Ngaleso sikhathi seminyaka eyinkulungwane, uJesu Kristu ‘uyokwahlulela abaphilayo nabafileyo.’ (2 Thimothewu 4:1) “Abaphilayo” kuyoba “isixuku esikhulu” esiyosinda nge-Armagedoni. (IsAmbulo 7:9-17) Umphostoli uJohane wabona ‘nabafileyo bemi phambi kwesihlalo sobukhosi’ sokwahlulela. Njengoba uJesu athembisa, ‘bonke abasemathuneni bayokhunjulwa futhi bezwe izwi [likaKristu] baphume’ ngokuba bavuswe. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Kodwa kuyobe kusekelwephi ukwahlulelwa kwabo bonke?

Embonweni kamphostoli uJohane, “imiqulu yavulwa,” “abafileyo bahlulelwa ngokwalezo zinto ezazilotshwe emiqulwini ngokwezenzo zabo.” Ingabe le miqulu iwumbhalo wezenzo zabantu zesikhathi esidlule? Cha, abantu ngeke bahlulelwe ngokwalokho abakwenza bengakafi. Sikwazi kanjani lokho? IBhayibheli lithi: “Ofile ukhululiwe esonweni sakhe.” (Roma 6:7) Ngakho abavusiwe babuyela ekuphileni sekusulwe zonke izono zabo zangaphambili. Ngakho-ke le miqulu kumelwe ukuba imelela izimfuneko zikaNkulunkulu ezengeziwe. Ukuze abayosinda e-Armagedoni kanye nabavusiwe baphile phakade, kuyodingeka balalele imiyalo kaNkulunkulu, kuhlanganise nanoma yiziphi izimfuneko ezintsha uJehova angase azembule phakathi neminyaka eyinkulungwane. Ngakho, abantu bayokwahlulelwa ngokwalokho abayokwenza phakathi noSuku Lokwahlulela.

USuku Lokwahlulela luyonikeza izigidigidi zabantu ithuba lokuqala lokufunda intando kaNkulunkulu futhi bayenze. Kusho ukuthi kuyoba nomsebenzi omkhulu kakhulu wokufundisa. Ngempela, “abakhileyo ezweni elikhiqizayo ngokuqinisekile bayofunda ukulunga.” (Isaya 26:9) Yize kunjalo, akubona bonke abayoyenza intando kaNkulunkulu. U-Isaya 26:10 uthi: “Nakuba omubi engase aboniswe umusa, uyomane angakufundi ukulunga. Ezweni lobuqotho uyokwenza ngendlela engenabulungisa futhi ngeke akubone ukuphakama kukaJehova.” Phakathi noSuku Lokwahlulela laba bantu ababi bayobulawa bangaphinde babe khona.—Isaya 65:20.

Lapho luphela uSuku Lokwahlulela, abantu abayobe besindile bayobe ‘sebephila’ ngokugcwele njengabantu abaphelele. (IsAmbulo 20:5) Ngakho ngoSuku Lokwahlulela, isintu siyobuyiselwa esimweni saso sokuqala sokuphelela. (1 Korinte 15:24-28) Kuyobe sekulandela uvivinyo lokugcina. USathane uyodedelwa abese evunyelwa ukuba azame ukudukisa isintu okokugcina ngcí. (IsAmbulo 20:3, 7-10) Labo abayomelana naye bayobona ukugcwaliseka okugcwele kwalesi sithembiso seBhayibheli: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Yebo, uSuku Lokwahlulela luyoba isibusiso kuso sonke isintu esithembekile!

^ isig. 1 Mayelana ne-Armagedoni, siza ubheke i-Insight on the Scriptures, umQulu 1, amakhasi 594-5, 1037-8, nesahluko 20 sencwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, zombili ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.