ISITHASISELO
UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe
UKUZE asisize sibone ukuthi uMesiya ungubani, uJehova uNkulunkulu waphefumulela abaprofethi beBhayibheli abaningi ukuba banikeze imininingwane ngokuzalwa, ngenkonzo, kanye nokufa kwalo Mkhululi othenjisiwe. Zonke lezi ziprofetho zeBhayibheli zagcwaliseka kuJesu Kristu. Zinembile futhi ziningiliza ngendlela
emangalisayo. Ukuze sibonise lokhu, ake sifunde ngeziprofetho ezimbalwa ezabikezela izenzakalo eziphathelene nokuzalwa nokukhula kukaMesiya.Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi uMesiya wayeyoba inzalo yeNkosi uDavide. (Isaya 9:7) Ngempela uJesu wazalwa ohlwini lozalo lukaDavide.—Mathewu 1:1, 6-17.
Mika 5:2) Ngenkathi kuzalwa uJesu, kwakunemizi emibili kwa-Israyeli eyayibizwa ngokuthi iBhetlehema. Omunye wawuseduze kwaseNazaretha esifundeni esisenyakatho yezwe, omunye useduze neJerusalema kwaJuda. IBhetlehema eseduze kwaseJerusalema ngaphambili yayibizwa ngokuthi i-Efratha. UJesu wazalelwa kulo muzi, njengoba nje isiprofetho sasibikezele!—Mathewu 2:1.
UMika, omunye umprofethi kaNkulunkulu, wabikezela ukuthi lo mntwana ekugcineni wayezoba umbusi nokuthi wayeyozalelwa ‘eBhetlehema-Efratha.’ (Esinye isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ‘yayiyobizwa iphume eGibhithe.’ Umntwana onguJesu wayiswa eGibhithe. Wabuyiswa ngemva kokufa kukaHerode, ngaleyo ndlela kwagcwaliseka isiprofetho.—Hoseya 11:1; Mathewu 2:15.
Eshadini elisekhasini 200, imibhalo engaphansi kwesihloko esithi “Isiprofetho” inemininingwane mayelana noMesiya. Siza uqhathanise le mibhalo kanye naleyo engaphansi kwesihloko esithi “Ukugcwaliseka.” Ukwenza kanjalo kuyoluqinisa ngokwengeziwe ukholo lwakho ekutheni iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso.
Njengoba uhlola le miBhalo, khumbula ukuthi leyo eyisiprofetho yabhalwa kusasele amakhulu eminyaka ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. UJesu wathi: “Zonke izinto ezilotshwe ngami emthethweni kaMose nakubaProfethi nakumaHubo kumelwe zigcwaliseke.” (Luka 24:44) Njengoba ungazibonela eBhayibhelini lakho, zagcwaliseka isibili—konke okwakubikezelwe!