Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-INDONESIA

Sasingeke Siyekethise Okholweni Lwethu

UDaniel Lokollo

Sasingeke Siyekethise Okholweni Lwethu
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1965

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1986

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Iphayona elikhethekile elama laqina lapho lishushiswa.

NGO-April 14, 1989, ngangiqhuba umhlangano edolobheni laseMaumere, eFlores Island, lapho izikhulu zikahulumeni zingena ngendlov’ iyangena endlini, zangibopha mina nabanye abathathu esasinabo.

Onogada ejele lendawo bazama ukusiphoqa ukuba sishayele ifulege indesheni. Lapho senqaba, basishaya, basikhahlela, basimisa elangeni elikhipha umkhovu etsheni izinsuku ezinhlanu. Ebusuku sasiqhaqhazela ngenxa kasimende esasimi kuwo ezitokisini zethu ezincane, ezingcolile, sikhathele namanxeba enkenketha. Umqaphi wejele wayelokhu ethi asiyekethise, kodwa saphendula, “Siyoze sife singazange siyishaye indesheni.” Njengawo wonke amanye amaKristu angaphambi kwethu, sazizwa sinelungelo ‘lokuhlupheka ngenxa yokulunga.’—1 Pet. 3:14.