UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Philela Ukudumisa UJehova!
Ukuphila kuyisipho esiyigugu. Indlela esisisebenzisa ngayo lesi sipho usuku ngalunye ibonisa ukuthi sisithanda kangakanani. Njengoba singoFakazi BakaJehova, silwela ukusebenzisa amathalente namakhono ethu ukuze sihloniphe futhi sidumise uJehova, uMniki-Kuphila. (IHu 36:9; IsAm 4:11) Yize kunjalo, izinkathazo zokuphila kwansuku zonke zingenza singasazinaki izinto ezisisiza sisondelane noJehova. (Mar 4:18, 19) Kungakuhle ngamunye wethu azibuze: ‘Ingabe lokho engikunika uJehova kungokungcono kakhulu ngempela? (Hos 14:2) Umsebenzi wami noma lokho engihlela ukuziphilisa ngako kuyithinta kanjani inkonzo engiyinikela kuJehova? Imiphi imigomo enginayo ezongenza ngisondelane noJehova? Ngingayandisa kanjani inkonzo yami?’ Uma uthola ukuthi kukhona lapho ongathuthukisa khona, cela usizo kuJehova ngomthandazo bese wenza ushintsho oludingekayo. Akungatshazwa ukuthi ukudumisa uJehova usuku ngalunye kungasenza saneliseke ekuphileni futhi sijabule!—IHu 61:8.
Uwasebenzisaphi amathalente onawo?
BUKELA IVIDIYO ETHI SEBENZISA ITHALENTE ONALO UKUZE UDUMISE UJEHOVA, BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:
-
Kungani kungahlakaniphile ukulisebenzisela izwe likaSathane ithalente onalo? (1Joh 2:17)
-
Iziphi izibusiso ezitholwa yilabo abanika uJehova okungcono kakhulu?
-
Imiphi imikhakha yenkonzo engcwele ongase unikele amathalente namakhono akho kuyo?