UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Ongaba Ngayo Umfundi Okhuthele WemiBhalo
Uyafisa yini ukuthembeka njengoDaniyeli lapho uvivinywa? UDaniyeli wayetadisha iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, ngisho neziprofetho ezijulile. (Dan 9:2) Ukutadisha iBhayibheli ngenkuthalo kungakusiza uhlale uthembekile. Kanjani? Kungakwenza ukholelwe nakakhulu ukuthi izithembiso zikaJehova zizogcwaliseka. (Josh 23:14) Kungakusiza nangokuba umthande nakakhulu uNkulunkulu, bese uba nesifiso sokwenza okulungile. (IHu 97:10) Kodwa ungaqalaphi? Cabanga ngala macebiso alandelayo.
-
Yini engingafunda ngayo? Enye indlela enhle yokutadisha njalo iwukulungiselela imihlangano yebandla. Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kungakuzuzisa nakakhulu uma uzinika isikhathi sokucwaninga ngamaphuzu ongawaqondi. Ngaphezu kwalokho, abanye baye bakhetha ukufunda okwengeziwe ngeziprofetho zeBhayibheli, izithelo ezihlukahlukene zomoya kaNkulunkulu, izindawo ezazihanjwa umphostoli uPawulu njengoba ayeyisithunywa sevangeli. Ungafunda ngisho nangendalo kaJehova. Uma uke wacabanga ngombuzo ophathelene neBhayibheli phakathi nosuku, wubhale phansi ukuze ucwaninge ngawo lapho usutadisha.
-
Ngingazitholaphi izinto engingazisebenzisa lapho ngitadisha? Ukuze uthole ezinye zezinto ongazisebenzisa, bukela ividiyo ethi Amathuluzi Okucwaninga Ukuze Uthole Amagugu Angokomoya. Ukuze uzihlole, cwaninga ngokuthi ingobani imibuso yezwe efanekiselwa izilo kuDaniyeli isahluko 7.
-
Ngingatadisha isikhathi esingakanani? Ukutadisha njalo yikona okuzokusiza uqinise ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Uma kudingeka, ungaqala ngokuchitha isikhashana nje utadisha, bese usandisa kancane kancane. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kufana nokumba ingcebo efihliwe; njengoba uqhubeka uyithola, uyofisa nakakhulu uqhubeka umba! (IzA 2:3-6) Uyolilangazelela ngokwengeziwe iZwi likaNkulunkulu futhi uyohlale ulitadisha njalo iBhayibheli.—1Pet 2:2.
ZIMELELANI IZILO EZIKUDANIYELI ISAHLUKO 7?
OMUNYE UMBUZO:
Wagcwaliseka kanjani uDaniyeli 7:8, 24?
ONGAKUFUNDA NGOKUZAYO:
Zimelelani izilo ezisencwadini yesAmbulo isahluko 13?