Januwari 26–Febhuwari 1

ISAYA 28-29

Januwari 26–Febhuwari 1

Ingoma 28 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. Dumisa UJehova Ngezindebe Zakho Nangenhliziyo Yakho

(10 imiz.)

U-Isaya wabalahla abaholi benkolo bangosuku lwakhe ngenxa yokuzenzisa kwabo (Isay 29:13; ip-1 299 ¶23)

UJesu wasebenzisa amazwi ka-Isaya kubaholi benkolo bekhulu lokuqala (Mat 15:​7-9; w21.05 9 ¶7)

UJehova ulindele ukuba abakhulekeli bakhe bamlalele “ngokusuka enhliziyweni” (Rom 6:17; w24.06 10 ¶8)

UJehova uyasibona lapho senza lokho esikufundisayo futhi ajabule

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Isay 29:1—Kungani igama elithi Ariyeli lilifanela iJerusalema? (it-E “Ariyeli” ¶1; it-E “Ariyeli” No. 3)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

THUTHUKISA AMAKHONO AKHO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(2 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. Thola ukuthi yini athanda ukuxoxa ngayo umuntu okhuluma naye, bese uhlela ukuba niphinde nixoxe. (lmd isifundo 1 iphuzu 5)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Phendula umbuzo umuntu awubuze lapho nixoxa ngokwedlule. (lmd isifundo 9 iphuzu 3)

6. Ukwenza Abafundi

(2 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Cela ukuqhubela umuntu isifundo seBhayibheli. (lmd isifundo 10 iphuzu 3)

7. Ukwenza Abafundi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 89

8. “Ngaso Sonke Isikhathi Ngenza Izinto Ezimjabulisayo”

(8 imiz.) Ingxoxo.

UJesu wake wathi: ‘Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezijabulisa [uJehova].’ (Joh 8:29) Silingisa uJesu ngokuthi sizame ukwenza okusemandleni ethu ukwenza izinto ngendlela kaJehova. Nakuba kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi noma kushelele, kuyazuzisa njalo nje.

Dlala IVIDIYO ethi Yenza Izinto Ngendlela KaJehova. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Yini oyifundile mayelana nokwenza izinto ngendlela kaJehova lapho ubhekene nokushushiswa, amathonya okuba uziphathe kabi nogibe lokuqhosha?

9. Izidingo Zebandla

(7 imiz.)

10. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 55 Nomthandazo