Januwari 19-25

ISAYA 24-27

Januwari 19-25

Ingoma 159 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Lona NguNkulunkulu Wethu!”

(10 imiz.)

Sinezizathu eziningi zokuziqhayisa ngoNkulunkulu wethu, uJehova (Isay 25:9; cl 15 ¶21)

Usibekele izinto eziningi ezinhle ezweni elisha—ezihlanganisa nokudla okuningi okumnandi (Isay 25:6; w24.12 6 ¶14)

Uyosinikeza ukuphila okuphakade (Isay 25:​7, 8; w25.01 28-29 ¶11-12)

ZIBUZE, ‘Lapho ngizenzela imisebenzi yami evamile kuleli sonto, ubani engingamxoxela ngezithembiso zikaJehova?’

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Isay 26:3—Amazwi ka-Isaya akuleli vesi abasiza kanjani ababhekene nezimo ezinzima? (w24.12 24-25 ¶18)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

THUTHUKISA AMAKHONO AKHO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) UKUSHUMAYELA EZINDAWENI ZOMPHAKATHI. Thola ukuthi yini athanda ukuxoxa ngayo umuntu okhuluma naye. Mbonise iwebusayithi yethu ethi jw.org bese nixoxa ngayo. (lmd isifundo 1 iphuzu 3)

5. Ukubuyela Koxoxe Naye

(4 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Xoxa nomuntu ngeqiniso elisesithasiselweni A sencwajana ethi Thanda Abantu. (lmd isifundo 9 iphuzu 4)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Umboniso. ijwbq isihloko 160—Isihloko: Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu? (th isifundo 3)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 144

7. Ncika KuJehova Ngokuphelele Lapho Ulungiselela Ukwelashwa Noma Ukuhlinzwa

(15 imiz.) Ingxoxo.

UJehova uyabaqapha ‘labo abancika kuye ngokuphelele.’ (Funda u-Isaya 26:3.) Lapho silungiselela izimo ezidinga ukuba selashwe, singabonisa ukuthi sincike kuJehova ngokusebenzisa amalungiselelo asinikeze wona.

Dlala IVIDIYO ethi Ingabe Uzilungele Izimo Ezidinga Ukuba Welashwe? Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Iziphi izinto ezintathu ezingasisiza ukuba silungele izimo ezidinga ukuba selashwe?

  • Kungani sithi ukwaziswa kwezokwelapha a kuhlelwe ngendlela ehloselwe ukusisiza?

  • Kunini lapho kungcono khona kakhulu ukuxhumana neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela?

  • Uzizwa kanjani ngala malungiselelo othando?

Isithembiso esiku-Isaya 26:3 esithi uJehova uyosinika “ukuthula okuhlala njalo” asisho ukuthi uyosivikela ezinkingeni zempilo. Kunalokho, esebenzisa amalungiselelo othando enhlangano yakhe, uyasisiza sizizwe silondekile futhi sinokuthula ngalezo zikhathi.

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) lfb isifundo 54-55

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 53 Nomthandazo

a Ukwaziswa Okuphathelene Nawomama Abakhulelwe (S-401), Ukwaziswa Okuphathelene Neziguli Ezidinga Ukuhlinzwa Noma I-Chemotherapy (S-407) Nokwaziswa Kwabazali Abanezingane Ezidinga Ukwelashwa (S-55) kungacelwa kubadala lapho kudingeka.