Febhuwari 16-22

ISAYA 36-37

Febhuwari 16-22

Ingoma 150 Nomthandazo | Amazwi Okuvula (1 umz.)

INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU

1. “Ungesabi Ngenxa Yamazwi Owezwile”

(10 imiz.)

URabishake waya eJerusalema eyokwesabisa abantu bakaJehova (Isay 36:​1, 2; it-E “Hezekiya” No. 1 ¶14)

Wazama ukubaqeda amandla nethemba (Isay 36:8; ip-1 387 ¶10)

Wahlekisa ngabo ngoba bethembele kuJehova, wahlekisa nangalabo ababehola (Isay 36:​7, 18-20; ip-1 388 ¶13-14)

Abantu bakaJehova akudingeki bethuswe abantu abazama ukubesabisa.—Isay 37:​6, 7

ENINGAKWENZA EKUKHULEKELENI KOMNDENI: Bukelani IVIDIYO ethi “O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe,” bese nixoxa ngezifundo enizifundile.

2. Amagugu Angokomoya

(10 imiz.)

  • Isay 37:29—UJehova wawafaka ngamuphi umqondo amatomu emlonyeni weNkosi uSaneheribi? (it-E “Amatomu” ¶4)

  • Yimaphi amagugu owathole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?

3. Ukufundwa KweBhayibheli

THUTHUKISA AMAKHONO AKHO ENSIMINI

4. Ukuqala Ingxoxo

(3 imiz.) ENDLINI NGENDLU. Xoxa nomuntu ngeqiniso elisesithasiselweni A sencwajana ethi Thanda Abantu. (lmd isifundo 1 iphuzu 4)

5. Ukuqala Ingxoxo

(4 imiz.) UKUSHUMAYELA NGOKWETHUKELA. (lmd isifundo 3 iphuzu 5)

6. Chaza Izinkolelo Zakho

(5 imiz.) Umboniso. ijwbq isihloko 110 ¶1-4—Isihloko: Luyini Ubhapathizo? (th isifundo 17)

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingoma 118

7. “Yini Lena Othembele Kuyo?”

(15 imiz.) Ingxoxo.

Ukhona yini umuntu owake wangabaza izinkolelo zakho noma wahlekisa ngawe ngoba ukholelwa kuNkulunkulu, ngoba ukholelwa eBhayibhelini noma wahlekisa ngesinqumo sakho sokuba uFakazi KaJehova? Uma kunjalo, kungenzeka waphatheka kabi noma wesaba. Okushiwo abanye kungaze kukwenze ube nokungabaza. Yini engakusiza ukuze ulwe nokungabaza?

Funda u-Isaya 36:4. Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Kungani kubalulekile ukuba izinkolelo zethu zibe nesisekelo esiqinile?

Dlala IVIDIYO ethi Ubusha Bami—Kunengqondo Yini Ukukholelwa KuNkulunkulu? Ngemva kwalokho, buza izilaleli:

  • Yini u-Elibaldo noCrystal abayenza ukuze baqiniseke ngezinto abazikholelwayo?

  • Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uNkulunkulu ukhona?

  • Yimaphi amavesi eBhayibheli akuqinisekisa ngokuthi . . .

    uJehova uyakuthanda?

    uJehova uyohlale ekusiza?

    usubatholile abantu bakaNkulunkulu?

8. ISifundo SeBhayibheli Sebandla

(30 imiz.) lfb isifundo 62-63

Amazwi Okuphetha (3 imiz.) | Ingoma 9 Nomthandazo