UZefaniya 3:1-20
3 Maye kulo idolobha elidlubulundayo, elingcolile nelicindezelayo! +
2 Alilalelanga zwi; + alisamukelanga isiyalo. +
Alithembelanga kuJehova; + alisondelanga kuNkulunkulu walo. +
3 Izikhulu zalo phakathi kwalo zingamabhubesi abhongayo. +
Abahluleli balo bayizimpisi ebusuku;Abashiyi ngisho nethambo abangaliququda kuze kube sekuseni.
4 Abaprofethi balo bayeyisa, bayakhohlisa. +
Abapristi balo bangcolisa okungcwele; +Bayawephula umthetho. +
5 UJehova ulungile phakathi kwalo; + akakwenzi okubi.
Njalo ekuseni wenza izahlulelo zakhe zaziwe, +Aziphuthi njengemini.
Kodwa ongalungile akalazi ihlazo. +
6 “Ngabhubhisa izizwe; imibhoshongo yazo esemakhoneni yasala iyincithakalo.
Ngacekela phansi imigwaqo yazo, kwangaba namuntu odlula kuyo.
Amadolobha azo asala engamanxiwa, engenamuntu, engahlali muntu. +
7 Ngathi, ‘Ngokuqinisekile uzongesaba wamukele isiyalo,’ *+
Ukuze lingabhuqwa *+—Kufanele ngilijezise* ngenxa yazo zonke lezi zinto.
Kodwa bonke babeshesha ukwenza ngokukhohlakala. +
8 ‘Ngakho hlalani ningilindele,’ *+ kusho uJehova,‘Kuze kube usuku engivuka ngalo ukuze ngiphange impango,*Ngoba isinqumo sami sokwahlulela siwukuqoqela izizwe ndawonye, ukuhlanganisa imibuso,Ukuze ngithululele phezu kwayo ulaka lwami, yonke intukuthelo yami evuthayo; +Ngoba wonke umhlaba uyoshwabadelwa umlilo wentshiseko yami. +
9 Ngaleso sikhathi ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile,Ukuze zonke zibize igama likaJehova,Ukuze zimkhonze ngobunye.’ *+
10 Abangincengayo, okungukuthi, indodakazi yabahlakazekile bami,Bayoletha isipho kimi besuka esifundeni semifula yaseTopiya. +
11 Ngalolo suku ngeke uhlazekeNgazo zonke izenzo zakho ongivukele ngazo, +Ngoba ngaleso sikhathi ngiyosusa abaqhoshayo phakathi kwakho;Ngeke uphinde uzikhukhumeze entabeni yami engcwele. +
12 Ngiyovumela ukuba kusale phakathi kwakho abantu abathobekile nabaphansi, +Bayophephela egameni likaJehova.
13 Labo abasele bakwa-Israyeli + ngeke bakwenze ukungalungi; +Ngeke baqambe amanga, nolimi olukhohlisayo ngeke lutholakale emilonyeni yabo;Bayodla* balale, akukho muntu oyobenza besabe.” +
14 Memeza ngenjabulo ndodakazi yaseZiyoni!
Memeza ngokwenama Israyeli! +
Jabula uthokoze ngayo yonke inhliziyo yakho, ndodakazi yaseJerusalema! +
15 UJehova uzisusile izahlulelo ngokumelene nawe. +
Usixoshile isitha sakho. +
INkosi ka-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho. +
Ngeke usayesaba inhlekelele. +
16 Ngalolo suku kuyothiwa eJerusalema:
“Ungesabi Ziyoni. +
Ungapheli amandla.*
17 UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho. +
NjengoNamandla, uyosindisa.
Uyothokoza ngawe ngentokozo enkulu. +
Uyokwaneliseka ngenxa yothando akuthanda ngalo.*
Uyojabula ngawe amemeze ngenjabulo.
18 Ngiyobabuthela ndawonye labo abasosizini ngenxa yokuthi babengekho emikhosini yakho; +Babengekho kuwe, ngoba babethwele ihlazo lalo. +
19 Ngaleso sikhathi ngiyobathathela isinyathelo bonke abakucindezelayo; +Ngiyomsindisa oxhugayo, +Ngizobaqoqela ndawonye abahlakazekile. +
Ngiyobenza badunyiswe, bathole udumo*Kuwo wonke amazwe ababehlazeka kuwo.
20 Ngaleso sikhathi ngizonibuyisa ekhaya,Ngaleso sikhathi ngiyoniqoqela ndawonye.
Ngoba ngizonenza nithole udumo* futhi nidunyiswe + kuzo zonke izizwe zomhlaba,Lapho ngibutha bonke abathunjiwe benu ngibabuyisa phambi kwenu,” kusho uJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “uvume ukulungiswa.”
^ NgesiHebheru, “indawo yalo yokuhlala ingabhujiswa.”
^ Noma, “lilandise.”
^ Noma, “ningilinde ngesineke.”
^ Noma kungaba, “ukuze ngibe ufakazi.”
^ Noma, “ngokubambisana.”
^ Noma, “Bayoklaba.”
^ NgesiHebheru, “Ungazivumeli izandla zakho ziyethe.”
^ NgesiHebheru, “Uyothula othandweni lwakhe.”
^ NgesiHebheru, “bazakhele igama.”
^ NgesiHebheru, “igama.”