UZefaniya 1:1-18
1 Leli yizwi likaJehova elafika kuZefaniya* indodana kaKushi indodana kaGedaliya indodana ka-Amariya indodana kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya + indodana ka-Amoni + inkosi yakwaJuda:
2 “Ngizokuqeda konke okuphezu komhlaba,” kusho uJehova. +
3 “Ngizoqeda umuntu kanye nesilwane.
Ngizoqeda izinyoni zamazulu nezinhlanzi zolwandle, +Nezikhubekiso *+ kanye nababi;Ngizosusa abantu phezu komhlaba,” kusho uJehova.
4 “Ngizokwelula isandla sami ngimelane noJudaNgimelane nabo bonke abakhile eJerusalema,Ngizosusa zonke izinsalela* zikaBhali + kule ndawo,Igama labapristi bonkulunkulu bezinye izizwe kanye nabapristi bamanga, +
5 Nalabo abakhothamela ibutho lasemazulwini bephezu kophahla lwezindlu, +Nalabo abakhothamayo, bafunge ukuthi bazoba qotho kuJehova +Bebe befunga ukuthi bazoba qotho nakuMalkamu; +
6 Nalabo abayekayo ukulandela uJehova +Abangamfuni uJehova noma abangabuzi kuye.” +
7 Thula phambi kweNkosi EnguMbusi uJehova, ngoba usuku lukaJehova luseduze. +
UJehova ulungiselele umhlatshelo; ubangcwelisile labo abamemile.
8 “Ngosuku lomhlatshelo kaJehova ngiyojezisa izikhulu,Amadodana enkosi + nabo bonke abagqoka izingubo zezinye izizwe.
9 Ngalolo suku ngiyojezisa wonke umuntu ogibela esiteji,*Labo abagcwalisa indlu yamakhosi abo ngodlame nangenkohliso.
10 Ngalolo suku,” kusho uJehova,“Kuyoba khona umsindo wokukhala eSangweni Lezinhlanzi, +Nesililo eNgxenyeni Entsha yedolobha, +Nokuphahlazeka okukhulu emagqumeni.
11 Lilani nina zakhamuzi zaseMakiteshi,*Ngoba bonke abahwebi* babulewe;*Bonke labo abakala isiliva babhujisiwe.
12 Ngaleso sikhathi ngiyolihlola ngokucophelela iJerusalema ngezibani,Ngiyojezisa labo abazithele ngabandayo,* abathi enhliziyweni yabo,‘UJehova ngeke akwenze okuhle futhi ngeke akwenze okubi.’ +
13 Umcebo wabo uyophangwa nezindlu zabo ziyocekelwa phansi. +
Bayokwakha izindlu kodwa ngeke bahlale kuzo;Bayotshala amasimu amagilebhisi kodwa ngeke baliphuze iwayini lawo. +
14 Usuku olukhulu lukaJehova luseduze! +
Luseduze, lusondela ngokushesha! *+
Umsindo wosuku lukaJehova uyesabisa. +
Iqhawe liyakhala khona. +
15 Lolo suku luwusuku lolaka, +Usuku lokucindezeleka nosizi, +Usuku lwesiphepho nencithakalo,Usuku lobumnyama nesigayegaye, +Usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, +
16 Usuku lophondo nolwenhlabamkhosi, +Ngokumelene namadolobha anezivikelo eziqinile nemibhoshongo ephakeme esemakhoneni. +
17 Ngiyobangela abantu ukuba bacindezeleke,Bayohamba njengezimpumputhe, +Ngoba bonile kuJehova. +
Igazi labo liyothululwa njengothuli,Nenyama yabo* njengobulongwe. +
18 Isiliva labo negolide labo ngeke likwazi ukubasindisa ngosuku lolaka lukaJehova; +Ngoba wonke umhlaba uyoshwabadelwa umlilo wentshiseko yakhe, +Uyoqothula bonke abahlala emhlabeni ngendlela eyesabeka kakhulu.” +
Imibhalo yaphansi
^ Incazelo: “UJehova Uthukusile (Uqongelele).”
^ Ngokusobala, izinto noma imisebenzi ehlobene nokukhonza izithixo.
^ Noma, “umkhondo.”
^ Noma, “esitubhini.” Mhlawumbe isiteji sesihlalo sobukhosi.
^ NgesiHebheru, “bathulisiwe.”
^ Cishe kushiwo ingxenye yeJerusalema engaseSangweni Lezinhlanzi.
^ Noma, “abathengisi.”
^ NgesiHebheru, “abajiyayo enhleseni yabo,” njengasembizeni yewayini.
^ Noma, “lushesha kakhulu.”
^ NgesiHebheru, “Namathumbu abo.”

