UmShumayeli 11:1-10

  • Lisebenzise kahle ithuba (1-8)

    • Phonsa isinkwa sakho emanzini (1)

    • Hlwanyela imbewu kusukela ekuseni kuze kuhlwe (6)

  • Bujabulele ngokuhlakanipha ubusha bakho (9, 10)

11  Phonsa isinkwa sakho emanzini, + ngoba uyophinde usithole ngemva kwezinsuku eziningi. +  Yipha* abantu abayisikhombisa noma ngisho abangu-8, + ngoba awazi ukuthi iyiphi inhlekelele eyoba khona emhlabeni.  Uma amafu egcwele amanzi, ayokwehlisa imvula emhlabeni; uma isihlahla siwela eningizimu noma enyakatho, endaweni esiwela kuyo yilapho esiyolala khona.  Obheka umoya ngeke ahlwanyele mbewu, nalowo obheka amafu ngeke avune. +  Njengoba nje ungazi ukuthi umoya usebenza kanjani emathanjeni osana olusesiswini* sowesifazane okhulelwe, + awuwazi nomsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, owenza zonke izinto. +  Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasivumeli isandla sakho siphumule kuze kube kusihlwa; + ngoba awazi ukuthi iyiphi eyohluma, ukuthi yilena noma yileya, noma ukuthi ziyohluma zombili yini.  Kumnandi ukukhanya, kuhle nokuthi amehlo abone ilanga.  Ngoba uma umuntu ephila iminyaka eminingi, makayijabulele yonke. + Kodwa kufanele akhumbule ukuthi izinsuku zobumnyama zingase zibe ziningi; konke okuzolandela kuyize. +  Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho mayijabule ezinsukwini zobusha bakho. Hamba ezindleleni zenhliziyo yakho, uye lapho amehlo akho ekuholela khona; kodwa yazi* ukuthi uNkulunkulu weqiniso uyokwahlulela* ngenxa yazo zonke lezi zinto. + 10  Ngakho khipha ukukhathazeka enhliziyweni yakho, ugweme izinto ezilimazayo emzimbeni wakho, ngoba ubusha nobungqabavu bokuphila kuyize. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Yabela.”
NgesiHebheru, “emathanjeni esibeletho.”
Noma, “khumbula; ungakhohlwa.”
Noma, “uyokwenza ulandise.”