KwabaseRoma 4:1-25

  • U-Abrahama kwathiwa ulungile ngokholo (1-12)

    • U-Abrahama, uyise wabanokholo (11)

  • Isithembiso esatholakala ngokholo (13-25)

4  Njengoba kunjalo, sizothi wazuzani u-Abrahama, ukhokho wethu?  Ngokwesibonelo, ukube u-Abrahama kwathiwa ulungile ngenxa yemisebenzi, wayeyoba nesizathu sokuziqhayisa, kodwa hhayi ngoNkulunkulu.  Uthini umbhalo? Uthi, “U-Abrahama waba nokholo kuJehova,* wabhekwa njengolungile.” +  Kumuntu osebenzayo, iholo lakhe alibhekwa njengomusa omkhulu kodwa njengento okufanele ayithole.*  Ngakolunye uhlangothi, lapho umuntu eba nokholo kuNkulunkulu, enganciki emisebenzini, uNkulunkulu umbheka njengolungile ngenxa yokholo lwakhe. UNkulunkulu ongabheka izoni njengezilungile. +  Njengoba nje noDavide ekhuluma ngenjabulo yomuntu uNkulunkulu ambheka njengolungile ngaphandle kwemisebenzi, ethi:  “Bayajabula labo okuthethelelwe izenzo zabo zokungabi namthetho nabazono zabo zimboziwe;*  uyajabula umuntu uJehova* angeke asibale isono sakhe.” +  Ingabe le njabulo ifikela kuphela abantu abasokile noma ifikela nabantu abangasokile? + Ngoba sithi: “Ukholo luka-Abrahama lwamenza wabhekwa njengolungile.” + 10  Pho lwabalwa ngaphansi kwaziphi izimo njengokulunga? Lapho esesokile noma engasokile? Ngesikhathi engakasoki. 11  Futhi wamukela isibonakaliso +—okuwukuthi, ukusoka—saba uphawu* lokulunga ngokholo ayenalo lapho engasokile, ukuze abe uyise wabo bonke abanokholo + bebe bengasokile, ukuze babhekwe njengabalungile; 12  futhi abe uyise wenzalo esokile, hhayi owalabo abanamathela ekusokeni kuphela, kodwa nowalabo abahamba ngokuhleleka ezinyathelweni zokholo ubaba wethu u-Abrahama + ayenalo ngesikhathi engasokile. 13  Ngoba u-Abrahama noma inzalo* yakhe abasitholanga ngomthetho isithembiso sokuthi uyoba indlalifa yezwe, + kodwa kwakungokulunga ngokholo. + 14  Ngoba uma labo abanamathela emthethweni beyizindlalifa, ukholo luphenduka into engenamsebenzi nesithembiso siba yize. 15  Eqinisweni uMthetho ubangela ulaka, + kodwa lapho kungekho mthetho khona, akukho nokweqa umthetho. + 16  U-Abrahama wamukela isithembiso ngenxa yokholo, ukuze kube ngokomusa omkhulu, + ukuze isithembiso sigcwaliseke kuyo yonke inzalo* yakhe, + hhayi kulabo abanamathela eMthethweni nje kuphela, kodwa nakulabo abanamathela okholweni luka-Abrahama, ongubaba wethu sonke. + 17  (Lokhu kunjengoba nje kulotshiwe: “Ngikumise ukuba ube uyise wezizwe eziningi.”) + Lokhu kwakuphambi kukaNkulunkulu, ayenokholo kuye, ophilisa abafile futhi abize izinto ezingekho njengokungathi zikhona.* 18  Nakuba ayengasenathemba, nokho ngokusekelwe ethembeni, wayenokholo lokuthi wayezoba uyise wezizwe eziningi ngokuvumelana nalokho okwashiwo kuthiwa: “Iyoba ngako inzalo* yakho.” + 19  Nakuba engazange abe buthakathaka okholweni, wacabanga ngomzimba wakhe siqu, owawusufile (njengoba ayeseneminyaka engaba ngu-100 ubudala), + nangokuba inyumba kukaSara. + 20  Kodwa ngenxa yesithembiso sikaNkulunkulu, akazange antengantenge ngokuntula ukholo; kodwa waba namandla ngokholo lwakhe, enika uNkulunkulu inkazimulo 21  futhi eqiniseka ngokugcwele ukuthi lokho uNkulunkulu ayekuthembisile uyakwazi nokukwenza. + 22  Ngakho “wabhekwa njengolungile.” + 23  Nokho, amazwi athi “wabhekwa njengolungile” awalotshwanga ngenxa yakhe kuphela, + 24  kodwa nangenxa yethu, thina esibhekwa njengabalungile, ngoba sikholelwa kuLowo owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafile. + 25  Wanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu + futhi wavuswa ukuze kuthiwe silungile. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “njengesikweletu.”
Noma, “zithethelelwe.”
Noma, “isiqinisekiso.”
NgesiGreki, “imbewu.”
NgesiGreki, “imbewu.”
Noma kungaba, “abangele ukuba okungekho kube khona.”
NgesiGreki, “imbewu.”