UNahume 2:1-13

  • INineve liyokwenziwa incithakalo (1-13)

    • “Amasango emifula ayovulwa” (6)

2  Umuntu ohlakazayo ukhuphukile ukuze amelane nawe. *+ Qapha izindawo ezinezivikelo eziqinile. Gada umgwaqo. Yima ngomumo ubuyise wonke amandla akho.   Ngoba uJehova uyobuyisela ukuziqhenya kukaJakobeKanye nokuziqhenya kuka-Israyeli,Ngoba ababhubhisayo bababhubhisile; +Balimaze izithombo zabo.   Amahawu amadoda akhe anamandla adaywe aba bomvu,Amaqhawe akhe agqoke okubomvu klebhu. Izinto zensimbi zezinqola zakhe zempi zibanika njengomliloNgosuku alungiselela ngalo impi,Amaqhawe avilizisa imikhonto yomjunipha.   Izinqola zempi zigijimisa okohlanya emigwaqweni. Zehla zenyuka ngesivinini esikhulu ezigcawini. Zikhanya njengesibani esivuthayo, zibanike njengombani.   Uyobiza izikhulu zakhe. Ziyokhubeka njengoba zihamba. Ziphuthuma odongeni lwakhe;Zimisa imigoqo.   Amasango emifula ayovulwa,Nesigodlo siyodilika.*   Kukhishwe umyalo:* Wembuliwe,Uyathwalwa futhi izincekukazi zakhe ziyakhala;Umsindo wazo unjengowamajuba njengoba zishaya amabele* azo.   Kuzo zonke izinsuku zalo iNineve + lalinjengechibi lamanzi,Kodwa manje bayabaleka. “Yimani! Yimani!” Kodwa akekho ophendukayo. +   Phangani isiliva, phangani igolide! Ingcebo ayipheli. Ligcwele zonke izinhlobo zezinto eziyigugu. 10  Idolobha alinamuntu, liyincithakalo, libhujisiwe! + Izinhliziyo zabo ziyancibilika ngenxa yokwesaba, amadolo abo ayaxega, izinqulu zabo ziyathuthumela;Bonke ubuso babo buphaphathekile. 11  Uphi umgede wamabhubesi, + lapho amawundlu amabhubesi edla khona,Lapho ibhubesi liphuma khona lihola umntwana walo,Kungekho muntu owenza esabe? 12  Ibhubesi ladwengulela amawundlu alo izinyamazane ezanele,Labulalela amabhubesi alo ensikazi. Lagcina imigede yalo igcwele izinyamazane,Nezindawo zalo zigcwele izilwane ezidwenguliwe. 13  “Bheka! Ngimelene nawe,” kusho uJehova wamabutho, +“Izinqola zakhe zempi ngiyozishisa zingqongqe, +Inkemba iyoshwabadela amabhubesi akho amancane. Ngiyoqeda izinyamazane zakho emhlabeni,Umsindo wezithunywa zakho ngeke uphinde uzwakale.” +

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, iNineve.
Noma, “siyoncibilika.”
Noma, “Kunqunyiwe.”
NgesiHebheru, “izinhliziyo.”