NgokukaMarku 16:1-8
-
UJesu uvusiwe (1-8)
16 Ngakho lapho iSabatha + seliphelile, uMariya Magdalena, uMariya + unina kaJakobe noSalome, bathenga iziqholo ukuze bamgcobe ngazo emzimbeni. +
2 Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lwesonto lapho ilanga seliphumile, bafika ethuneni. +
3 Babethi komunye nomunye: “Ubani ozosigingqela itshe alisuse emnyango wethuna?”
4 Kodwa lapho bephakamisa amehlo, babona ukuthi itshe ligingqiwe lasuswa, nakuba lalilikhulu kakhulu. +
5 Lapho bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokudla igqoke ingubo emhlophe, bashaqeka.
6 Yathi kubo: “Musani ukushaqeka. + Nifuna uJesu umNazaretha, obulawelwe esigxotsheni. Uvusiwe. + Akekho lapha. Bhekani! Nansi indawo abebembeke kuyo. +
7 Kodwa hambani, nitshele abafundi bakhe noPetru ukuthi, ‘Usendleleni eya eGalile. + Nizombona khona, njengoba nje enitshelile.’ ” +
8 Ngakho lapho bephuma ethuneni, babaleka, bethuthumela futhi beshaqekile ngenxa yokwesaba. Abashongo lutho kumuntu ngoba babesaba. *+
Imibhalo yaphansi
^ Ngokwemibhalo yokuqala enokwethenjelwa, iVangeli LikaMarku liphela ngamazwi atholakala evesini 8. Bheka iSithasiselo A3.