UMalaki 4:1-6
4 “Bheka! luyeza usuku oluvutha njengesithando somlilo, + lapho bonke abagabadelayo nabo bonke abenza okubi beyoba njengezinhlanga. Usuku oluzayo ngokuqinisekile luyobashwabadela,” kusho uJehova wamabutho, “ngeke lubashiyele mpande nagatsha.
2 Kodwa ilanga lokulunga liyokhanya kini, nina enihlonipha* igama lami, linokwelapha emisebeni yalo;* niyogxumagxuma njengamathole akhuluphele.”
3 “Niyobanyathela ababi, ngoba bayoba njengothuli ngaphansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyothatha ngalo isinyathelo,” kusho uJehova wamabutho.
4 “Khumbulani uMthetho KaMose inceku yami, iziqondiso nezahlulelo engamyala ngazo eHorebe ukuze wonke u-Israyeli alalele. +
5 “Bhekani! Ngithumela kini u-Eliya umprofethi + ngaphambi kokuza kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. +
6 Uyokwenza izinhliziyo zoyise zibe njengezabantwana, + nezinhliziyo zabantwana zibe njengezoyise,* ukuze ngingafiki ngishaye umhlaba ngiwubhubhise.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “enesaba.”
^ NgesiHebheru, “emaphikweni alo.”
^ Noma, “Uyobuyisela izinhliziyo zoyise kubantwana, nezinhliziyo zabantwana koyise.”