NgokukaLuka 20:1-47

  • Igunya likaJesu libekelwa inselele (1-8)

  • Umfanekiso wabalimi abangababulali (9-19)

  • UNkulunkulu noKhesari (20-26)

  • Umbuzo mayelana novuko (27-40)

  • Ingabe uKristu uyindodana kaDavide? (41-44)

  • Isixwayiso ngababhali (45-47)

20  Ngolunye lwalezo zinsuku lapho efundisa abantu ethempelini futhi ememezela izindaba ezinhle, kweza abapristi abakhulu nababhali namadoda amadala,  bathi kuye: “Sitshele ukuthi uzenza ngagunya lini lezi zinto? Noma ukuthi ubani okunike leli gunya?” +  Wabaphendula wathi: “Nami ngizonibuza umbuzo, nina ningiphendule:  Ingabe ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu?”  Babe sebefinyelela eziphethweni bebodwa, bethi: “Uma sithi, ‘Ezulwini,’ uzothi, ‘Kungani ningamkholwanga?’  Kodwa uma sithi, ‘Kubantu,’ abantu bonke ngothi lwabo bazosishaya ngamatshe basibulale, ngoba bayaqiniseka ukuthi uJohane wayengumprofethi.” +  Ngakho baphendula ngokuthi abazi ukuthi lwaluvelaphi.  UJesu wathi kubo: “Nami ngeke nginitshele ukuthi ngizenza ngagunya lini lezi zinto.”  Watshela abantu lo mfanekiso: “Umuntu othile watshala insimu yamagilebhisi, + wayiqashisa kubalimi, wayesehamba isikhathi eside waya kude. + 10  Ngenkathi efanele, wathumela inceku kubalimi ukuze bamnike ezinye zezithelo zensimu yamagilebhisi. Nokho, abalimi bayihambisa ingaphethe lutho ngemva kokuyishaya. + 11  Kodwa waphinda futhi wathumela enye inceku. Naleyo futhi bayishaya, bayihlazisa, bayihambisa ingaphethe lutho. 12  Nokho waphinda wathumela eyesithathu; nalena futhi bayilimaza bayixosha. 13  Umnikazi wensimu yamagilebhisi wathi, ‘Kufanele ngenzenjani? Ngizothumela indodana yami ethandekayo. + Cishe yona bazoyihlonipha.’ 14  Lapho abalimi beyibona, babonisana bethi, ‘Lena indlalifa. Masiyibulale ukuze ifa libe elethu.’ 15  Babe sebeyiphonsa ngaphandle kwensimu yamagilebhisi bayibulala. + Yini-ke umnikazi wensimu azoyenza kubo? 16  Uzoza ababulale laba balimi, insimu yamagilebhisi ayinike abanye.” Lapho bezwa lokhu, bathi: “Kwangathi kungelokothe kwenzeke lokho!” 17  Kodwa wababheka ngqo, wathi: “Kusho ukuthini-ke lokhu okulotshiwe: ‘Itshe elenqatshwa abakhi, selibe yitshe legumbi* eliyinhloko’? + 18  Wonke umuntu owela phezu kwalelo tshe uyophihlizeka. + Noma ubani eliwela phezu kwakhe, liyomgaya.” 19  Ababhali nabapristi abakhulu bafuna ukumbeka isandla ngalo kanye lelo hora, kodwa besaba abantu, ngoba baqonda ukuthi wayekhulume lo mfanekiso ecabanga ngabo. + 20  Ngemva kokumqaphisisa, bathumela abantu ababebaqashe ngasese ukuba bazishaye abalungile ukuze bathole iphutha enkulumweni yakhe, + ukuze bamnikele kuhulumeni nakumbusi. 21  Bambuza bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma futhi ufundisa iqiniso futhi awukhethi, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuvumelana neqiniso: 22  Kungokomthetho* yini ukuba sikhokhe intela kuKhesari noma cha?” 23  Kodwa wabubona ubuqili babo, wathi kubo: 24  “Ngiboniseni udenariyu.* Okabani umfanekiso nombhalo oqoshwe kuwo?” Bathi: “OkaKhesari.” 25  Wathi kubo: “Ngakho-ke, buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, + kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” + 26  Abakwazanga ukumbamba ngenkulumo yakhe phambi kwabantu, kodwa bemangazwe impendulo yakhe, bavele bathula. 27  Nokho, abanye kubaSadusi, labo abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza bathi: + 28  “Mfundisi, uMose wasilobela wathi, ‘Uma umfowabo womuntu efa eshiya umfazi, kodwa engazange abe nabantwana, umfowabo kufanele amngene* lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ + 29  Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala wathatha umfazi kodwa wafa engenabantwana. 30  Nowesibili 31  nowesithathu bamshada. Bonke abayisikhombisa benza into efanayo; bafa bangashiya bantwana. 32  Ekugcineni, owesifazane naye wafa. 33  Ngakho ovukweni ubani ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke abayisikhombisa.” 34  UJesu wathi kubo: “Abantwana balesi simiso sezinto* bayashada futhi bayashadiswa, 35  kodwa labo ababalwe njengabakufanele ukuzuza lesiya simiso sezinto nokuvuka kwabafile abashadi futhi abashadiswa. + 36  Eqinisweni, ngeke besafa, ngoba banjengezingelosi futhi bangabantwana bakaNkulunkulu ngokuba abantwana bovuko. 37  Kodwa ukuthi abafile bayavuswa, ngisho noMose wakwenza kwaziwa endabeni ephathelene nesihlahla sameva, lapho ebiza uJehova* ngokuthi ‘uNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe.’ + 38  UnguNkulunkulu wabaphilayo, akayena owabafile, ngoba bonke bayaphila kuye.” *+ 39  Besabela kulokhu, abanye bababhali bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” 40  Ngoba babengasenaso nesibindi sokumbuza ngisho nombuzo owodwa. 41  Yena wababuza wathi: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide? + 42  Ngoba uDavide ngokwakhe uthi encwadini yamaHubo, ‘UJehova* wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokudla sami 43  ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’ + 44  Njengoba uDavide embiza ngokuthi Nkosi, angaba kanjani indodana yakhe?” 45  Lapho bonke abantu besalalele, wathi kubafundi bakhe: 46  “Xwayani ababhali abathanda ukuhambahamba begqoke izingubo ezinde, nokubingelelwa ezimakethe, nezihlalo eziphambili* emasinagogeni, nezindawo ezivelele kunazo zonke ezidlweni zakusihlwa, + 47  abashaqa izindlu* zabafelokazi, benze nemithandazo emide ukuze babukise.* Laba bayothola isahlulelo esinzima kakhulu.”

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “lasekhoneni.”
Noma, “Kulungile.”
Noma, “amthathe abe umkakhe.”
Noma, “bale nkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “bayaphila ngokombono wakhe.”
Noma, “ezingcono.”
Noma, “izinto.”
Noma, “bezenzisa.”