Joshuwa 19:1-51

  • Ifa likaSimeyoni (1-9)

  • Ifa likaZebhuloni (10-16)

  • Ifa lika-Isakare (17-23)

  • Ifa lika-Asheri (24-31)

  • Ifa likaNafetali (32-39)

  • Ifa likaDani (40-48)

  • Ifa likaJoshuwa (49-51)

19  Kwabe sekuphuma isabelo + sesibili, saphumela isizwe sikaSimeyoni + ngokwemindeni yaso. Ifa laso laliphakathi kwefa lesizwe sakwaJuda. +  Ifa laso kwakuyiBheri-sheba + kanye neSheba, iMolada, +  iHazari-shuwali, + iBala, i-Ezemi, +  i-Elitoladi, + iBhetuli, iHorma,  iZikilagi, + iBheti-marikabhoti, iHazari-susa,  iBheti-lebhawoti + neSharuheni—amadolobha angu-13 nemizi engaphansi kwawo;  i-Ayini, iRimoni, i-Etere ne-Ashani +—amadolobha amane nemizi engaphansi kwawo;  nayo yonke imizi eyayiseduze kwala madolobha kuze kuyofika eBhahalati-bheri, iRama laseningizimu. Leli kwakuyifa lesizwe sakwaSimeyoni ngokwemindeni yaso.  Ifa lenzalo kaSimeyoni lakhishwa esabelweni sakwaJuda ngoba isabelo sakwaJuda sasisikhulu kakhulu. Ngakho inzalo kaSimeyoni yathola ifa efeni lakwaJuda. + 10  Ngokulandelayo isabelo + sesithathu saphumela inzalo yakwaZebhuloni + ngokwemindeni yayo, umngcele wefa layo wawuze ufike eSaridi. 11  Umngcele wabo wawukhuphukela ngasentshonalanga uye eMareyali uze ufike eDabesheti bese udlulela esigodini esiphambi* kweJokineyamu. 12  Wawusuka eSaridi uye empumalanga emngceleni weKhisiloti-thabhori, bese udlulela eDaberati, + ukhuphukele eJafiya. 13  Ukusuka lapho wawuqhubekela empumalanga uye eGati-heferi, + udlulele e-Eti-kazini, udlule uye eRimoni uze uyofika eNeya. 14  Umngcele wawulizungeza ngasenyakatho uye eHanathoni, uphelele eSigodini Sase-Jifita-yeli. 15  Indawo yabo yayihlanganisa neKathati, iNahalali, iShimroni, + i-Idala neBhetlehema +—amadolobha angu-12 nemizi engaphansi kwawo. 16  Leli kwakuyifa lenzalo kaZebhuloni ngokwemindeni yayo. + Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo. 17  Isabelo + sesine saphumela u-Isakare, + saba esenzalo ka-Isakare ngokwemindeni yayo. 18  Umngcele wabo wawufinyelela eJizreyeli, + eKhesuloti, eShunemi, + 19  eHafarayimi, eShiyoni, e-Anaharati, 20  eRabiti, eKishiyoni, e-Ebezi, 21  eRemeti, e-Eni-ganimi, + e-Eni-hada naseBheti-phazezi. 22  Umngcele wawudlulela eThabori, + eShahazuma naseBheti-shemeshi, uphelele eJordani—amadolobha angu-16 nemizi engaphansi kwawo. 23  Leli kwakuyifa lesizwe sakwa-Isakare ngokwemindeni yaso, + amadolobha nemizi engaphansi kwawo. 24  Isabelo + sesihlanu saphumela isizwe sakwa-Asheri + ngokwemindeni yaso. 25  Umngcele wabo kwakuyiHelikati, + iHali, iBetheni, i-Akishafu, 26  i-Alameleki, i-Amadi neMishali. Wawufinyelela ngasentshonalanga eKarmeli + naseShihori-libhinati, 27  bese ubuyela ngasempumalanga eBheti-dagoni ufike kwaZebhuloni naseSigodini Sase-Jifita-yeli enyakatho, uye eBheti-emeki naseNeyiyeli, ufike eKhabuli kwesobunxele, 28  nase-Ebroni, eRehobe, eHamoni naseKana kuze kufike eSidoni, + idolobha elikhulu. 29  Umngcele wawubuyela emuva eRama uze ufike edolobheni laseThire + elinezivikelo eziqinile. Wawube usubuyela emuva eHosa, bese uphelela olwandle ezweni lase-Akizibi, 30  e-Uma, e-Afeki + naseRehobe +—amadolobha angu-22 nemizi engaphansi kwawo. 31  Leli kwakuyifa lesizwe sakwa-Asheri ngokwemindeni yaso. + Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo. 32  Isabelo + sesithupha saphumela inzalo kaNafetali, saba esenzalo kaNafetali ngokwemindeni yayo. 33  Umngcele wabo wasuka eHelefi, esihlahleni esikhulu eZahananimu, + nase-Adami-nekebi naseJabineyeli kuze kufike eLakumi; waphelela eJordani. 34  Lo mngcele wabuyela emuva ngasentshonalanga e-Azinoti-thabori, wadlula waya eHukikoki waze wayofika kwaZebhuloni eningizimu, kwa-Asheri entshonalanga nakwaJuda eJordani ngasempumalanga. 35  Amadolobha ayenezivikelo eziqinile kwakuyiZidimi, iZeri, iHamati, + iRakhati, iKhinereti, 36  i-Adama, iRama, iHazori, + 37  iKedeshi, + i-Edireyi, i-Eni-hazori, 38  iYironi, iMigidali-eli, iHoremi, iBheti-anati neBheti-shemeshi +—amadolobha angu-19 nemizi engaphansi kwawo. 39  Leli kwakuyifa lesizwe sakwaNafetali ngokwemindeni yaso, + amadolobha nemizi engaphansi kwawo. 40  Isabelo sesikhombisa + saphumela isizwe sakwaDani + ngokwemindeni yaso. 41  Umngcele wefa labo kwakuyiZora, + i-Eshitawoli, i-Iri-shemeshi, 42  iShahalabhini, + i-Ajaloni, + i-Ithila, 43  i-Eloni, iThimna, + i-Ekroni, + 44  i-Elitekehi, iGibhethoni, + iBhahalati, 45  iJehudi, iBhene-bheraki, iGati-rimoni, + 46  iMe-jarikoni neRakhoni, umngcele ubhekene neJopha. + 47  Kodwa indawo yabakwaDani yayincane kakhulu. + Ngakho bakhuphuka bayokulwa neLeshemu + balinqoba balibhuqa ngenkemba. Balithatha bahlala kulo, bashintsha igama leLeshemu balibiza ngokuthi kukwaDani, igama likakhokho wabo uDani. + 48  Leli kwakuyifa lesizwe sakwaDani ngokwemindeni yaso. Lawa kwakungamadolobha nemizi engaphansi kwawo. 49  Baqeda kanjalo-ke ukuhlukanisa izwe ukuze libe yifa ngokwezindawo zalo. Ama-Israyeli abe esenika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwawo. 50  Bamnika idolobha alicela, iThimnati-sera, + elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngokuvumelana nomyalo kaJehova. Walivuselela leli dolobha wabe esehlala kulo. 51  Lawa amafa u-Eleyazare umpristi, uJoshuwa indodana kaNuni nezinhloko zemindeni yoyise yezizwe zakwa-Israyeli abawaba + ngenkatho eShilo + phambi kukaJehova, emnyango wetende lokuhlangana. + Ngakho baqeda ukuhlukanisa izwe.

Imibhalo yaphansi

Noma, “emhosheni ophambi.”