uJobe 8:1-22
8 UBhilidadi + umShuhi + waphendula wathi:
2 “Kuyoze kube nini ulokhu ukhuluma kanje? +
Amazwi omlomo wakho amane nje awumoya onamandla!
3 Ingabe uNkulunkulu uyophendukezela ubulungisa,Noma ingabe uMninimandla Onke uyophendukezela ukulunga?
4 Uma amadodana akho onile kuye,Uyawayeka ajeziswe ngenxa yokuvukela kwawo;*
5 Kodwa ukube wena ubuyovele ubheke kuNkulunkulu +Uncenge umusa kuMninimandla Onke,
6 Futhi ukube ubumsulwa ngempela futhi uqotho, +Ubeyokunaka*Akubuyisele endaweni yakho efanele.
7 Nakuba isiqalo sakho sasisincane,Ikusasa lakho liyoba lihle kakhulu. +
8 Ngicela ubuze isizukulwane sangaphambili,Unake izinto oyise baso abazithola. +
9 Ngoba thina sizalwe izolo nje, asazi lutho,Ngoba izinsuku zethu emhlabeni ziyithunzi.
10 Ngeke yini bakufundiseBakutshele abakwaziyo?*
11 Ibungu* lingakhula yini lapho kungenaxhaphozi khona?
Umhlanga ungakhula yini ngaphandle kwamanzi?
12 Lapho kusaqhakaza, kungakakhiwa,Kuyokoma kuqala kunazo zonke ezinye izitshalo.
13 Lona umphumela* wabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu,Ngoba ithemba longenaNkulunkulu* liyoshabalala,
14 Lowo ukuqiniseka kwakhe okuyize,Nonethemba elibuthaka njengobulwembu* besicabucabu.
15 Uyoncika ngendlu yakhe, kodwa iyobhidlika;Uyozama ukubambelela kuyo, kodwa ngeke ime iqine.
16 Uyisitshalo esigcwele amanzi elangeni,Izitshalo zakhe ezihlumayo zisabalala engadini. +
17 Izimpande zakhe zithandela enqwabeni yamatshe;Ufuna indlu phakathi kwamatshe.
18 Kodwa lapho esishulwa* endaweni yakhe,Leyo ndawo iyomphika, ithi ‘Angikaze ngikubone.’ +
19 Ngempela, iyona ndlela ayonyamalala ngayo leyo; *+Ngemva kwalokho kuyovela abanye othulini.
20 Nakanjani uNkulunkulu ngeke abalahle labo abaqotho* kuye;Futhi ngeke abasekele* ababi,
21 Ngoba uyokwenza uphinde uhleke,Uphinde umemeze ngenjabulo.
22 Labo abakuzondayo bayombozwa ngamahloni,Netende lababi ngeke lisaba khona.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Wawathumela esandleni sokuvukela kwawo.”
^ Noma, “Ubeyovuka ngenxa yakho.”
^ NgesiHebheru, “Sikhiphe amazwi enhliziyweni yaso?”
^ Isitshalo esifana nomhlanga.
^ NgesiHebheru, “Zinjalo izindlela.”
^ Noma, “lesihlubuki.”
^ NgesiHebheru, “njengendlu.”
^ Noma, “egwinywa.”
^ Noma, “lokho ukuphela kwendlela yakhe.”
^ Noma, “abangasoleki.”
^ NgesiHebheru, “ababambe ngesandla.”