uJobe 6:1-30
6 UJobe waphendula wathi:
2 “Ukube nje ukukhathazeka kwami + bekungakalwa konkeKubekwe ezikalini kanye nokuhlupheka kwami!
3 Ngoba manje kusinda ngaphezu kwezihlabathi zezilwandle.
Yingakho amazwi ami abengasho lutho. *+
4 Ngoba imicibisholo yoMninimandla Onke ingihlabile,Umoya wami uphuza ubuthi bayo; +Izinto ezisabisayo ezivela kuNkulunkulu zilinde ukumelana nami.
5 Imbongolo yasendle + iyokhala yini lapho inotshani,Noma inkunzi iyobhonga yini lapho inefolishi?
6 Ukudla okuduma kuyadleka yini ngaphandle kukasawoti,Noma bukhona yini ubumnandi ejusini yezithelo ezinamfukayo?
7 Ngenqabile ukuthinta izinto ezinjalo.
Zifana nobuthi ekudleni kwami.
8 Ukube nje isicelo sami besingamukelwa,UNkulunkulu anginike engikufisayo!
9 Ukube uNkulunkulu ubengazimisela ukungichoboza,Ukube ubengelula isandla sakhe aqede ngami! +
10 Ngoba nalokho bekuyongiduduza;Bengiyogxumagxuma yinjabulo naphezu kobuhlungu obungapheli,Ngoba angizange ngiwaphike amazwi oNgcwele. +
11 Nginawo yini amandla okuqhubeka ngilindile? +
Ngiyophelelaphi uma ngiqhubeka ngiphila?*
12 Ingabe amandla ami anjengawedwala?
Noma ingabe inyama yami yenziwe ngethusi?
13 Ingabe ikhona indlela engingazisiza ngayoNjengoba ingasekho indlela engizisekela ngayo?
14 Noma ubani ogodlela umuntu wakubo uthando oluqotho +Uyoyeka ukwesaba uMninimandla Onke. +
15 Abangane bami* bangikhohlise + njengomfula wasebusika,Njengamanzi emifula yasebusika eshayo.
16 Imnyama ngenxa yeqhwa,Kuyo kufihleke iqhwa elincibilikayo.
17 Kodwa ngenkathi efanele ayibi nawo amanzi bese iyaphela;Lapho kushisa, iyoma.
18 Imizila yayo iphambukisiwe;Igelezela ogwadule ishabalale.
19 Izihambi ezivela eThema + ziyayibheka;Izihambi ezivela eSheba *+ ziyilindile.
20 Zinamahloni ngoba beziqiniseka ngokuthi zizothola amanzi;Zifike khona zadumazeka.
21 Ngoba yilokho eseniphenduke khona kimi; +Nilubonile usizi lwami olwesabisayo, nethuka. +
22 Ngike ngasho yini ukuthi, ‘Nginikeni okuthile,’
Noma ngacela ukuba ningiphe isipho engcebweni yenu?
23 Ngike ngacela yini ukuba ngisindiswe esandleni sesitha,Noma ukuba ngisindiswe* kubacindezeli?
24 Ngiyale, mina ngizothula; +Ngisize ngiqonde iphutha lami.
25 Amazwi ashiwo ngobuqotho awabuhlungu! +
Kodwa iyiphi inzuzo engatholakala ekusoleni kwenu? +
26 Ingabe niceba ukusola amazwi ami,Amazwi omuntu ophelelwe ithemba, + apheshulwa umoya?
27 Niyokwenza ngisho nezinkatho ngentandane +Nithengise* ngomngane wenu! +
28 Manje phendukani ningibheke,Ngoba ngeke ngiqambe amanga kini.
29 Ngicela nicabangisise—ningangahluleli ngokungeyikho—Ngiyanicela, cabangisisani, ngoba ukulunga kwami akukashintshi.
30 Ingabe ulimi lwami lukhuluma okungalungile?
Ingabe ulwanga lwami alukwazi ukuzwa ukuthi kukhona okungalungile?

