uJobe 39:1-30
39 “Uyasazi yini isikhathi izimbuzi zezintaba ezizala ngaso? +
Uke wayibona yini inyamazane izala? +
2 Uyazibala yini izinyanga ezisuke zimithi ngazo?
Uyasazi yini isikhathi ezizala ngaso?
3 Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo,Futhi imihelo yazo iyaphela.
4 Amazinyane azo aba namandla, akhulele endle;Ayahamba, angabuyeli kuzo.
5 Ubani owakhulula imbongolo yasendle, +Ubani owaqaqa izintambo zayo?
6 Ngenze ithafa eliwugwadule laba ikhaya layoNezwe likasawoti laba indawo yayo yokuhlala.
7 Iyayihleka inhlokomo yedolobha;Ayikuzwa ukumemeza komuntu oyiqondisayo.
8 Ihambahamba emagqumeni ukuze ithole idlelo,Ifuna zonke izitshalo eziluhlaza.
9 Inkunzi yasendle iyafuna yini ukukukhonza? +
Iyobuchitha yini ubusuku emkhombeni wakho?
10 Uyoyibopha yini ngentambo inkunzi yasendle uyiyise emseleni,Noma, iyokulandela yini iyolima* esigodini?
11 Uyothembela yini emandleni ayo amakhulu,Uyivumele ikwenzele umsebenzi onzima?
12 Uyothembela yini kuyo ukuba ikulethele isivuno* sakho,Iyosiletha yini esibuyeni* sakho?
13 Amaphiko entshe yensikazi abhakuza ngenjabulo,Kodwa izimpaphe nezinsiba zayo ziyafana yini nezikanogolantethe? +
14 Ngoba ishiya amaqanda ayo emhlabathiniFuthi iwagcina efudumele othulini.
15 Iyakhohlwa ukuthi angase achotshozwe unyawo oluthileNoma ukuthi isilwane sasendle singase siwanyathele.
16 Ibaphatha kabuhlungu abantwana bayo, njengokungathi akubona abayo; +Ayisabi ukuthi ingase isebenzele ize.
17 Ngoba uNkulunkulu uyenze yantula* ukuhlakanipha,Akayinikanga ukuqonda.
18 Kodwa lapho isukuma ibhakuzisa amaphiko ayo,Iyalihleka ihhashi nomgibeli walo.
19 Nguwe yini onika ihhashi amandla alo? +
Uyayembathisa yini intamo yalo umhlwenga oyimvukumvuku?
20 Ungalenza yini ukuba ligxume njengentethe?
Ukuthimula kwalo ngamandla kuyethusa. +
21 Liphanda umhlabathi esigodini, lijabule ngamandla; +Liyaphuma liye empini. *+
22 Liyayihleka into esabisayo, alesabi lutho. +
Alibuyeli emuva ngenxa yenkemba.
23 Isikhwama semicibisholo siyakhehlezela njengoba sithinta ihhashi,Umkhonto nengcula kuyabanika njengoba lihamba.
24 Ligajwe yinjabulo, liyagabavula liye phambili,*Alikwazi ukuma linganyakazi* lapho kukhala uphondo.
25 Lapho kukhala uphondo, lithi, ‘Nazo-ke!’
Liyihogela lisekude impi,Lizwe ukumemeza kwezinduna nesiqubulo sempi. +
26 Ingabe ukuqonda kwakho okwenza uheshe undizele phezulu,Welulele amaphiko awo eningizimu?
27 Noma ingabe ukhozi luyalwa nguwe ukuba lundizele phezulu, +Lwakhe isidleke salo phezulu, +
28 Ukuba luhlale ubusuku bonke eweni,Luhlale endaweni yalo eqinile eseweni?
29 Lufuna ukudla lulapho; +Amehlo alo abona emajukujukwini.
30 Amaphuphu alo amunca igazi;Nomaphi lapho kunezidumbu khona, lukhona nalo.” +

