uJobe 30:1-31
30 “Manje bayangihleka +—Abancane ngeminyakakunami,Oyise engangiyokwenqabaUkubabeka nezinja ezaziqapha umhlambi wami.
2 Amandla ezandla zabo ayengisiza ngani?
Ubungqabavu babo buphelile.
3 Bazacile ngenxa yokuswela nendlala;Baququda umhlabathi owomileOwawusuwonakele futhi ushiywe dengwane.
4 Bakha amacembe anosawoti ezihlahleniNezimpande ezibabayo ezihlahleni ukuze badle.
5 Bayaxoshwa emphakathini; +Abantu babamemeza njengokungathi bamemeza isela.
6 Bahlala emiqanseni yezigodi,*Emigodini nasemadwaleni.
7 Bakhala phakathi kwezihlahla,Baqoqane ndawonye phakathi kwezimbabazane.
8 Njengoba bengamadodana abantu abangenangqondo nabangelutho,Baxoshiwe ezweni.
9 Kodwa manje bahlekisa ngami ngisho nasezingomeni zabo; +Sengiphenduke inhlekisa* kubo. +
10 Bayanginyanya futhi bayangibalekela; +Abanamahloni okungikhafulela ebusweni. +
11 Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ungiphuce izikhali* zami wangithobisa,Sebeyazenzela nje kimi.
12 Bavumbuka ngakwesokudla sami beyiqulu,Bangijahe,Babeke izikhubekiso endleleni yami ukuze ngehlelwe inhlekelele.
13 Badale umonakalo ezindleleni zamiBandisa usizi lwami, +Kungenamuntu ozobanqanda.*
14 Bangena njengokungathi bangena ngembobo enkulu odongeni;Batheleka phezu kwesimo esibucayi.
15 Ngikhungethwe ukwesaba;Isithunzi sami sipheshulwe njengomoya,Ithemba lokukhululwa kwami linyamalala njengefu.
16 Manje ukuphila kwami kuyawohloka; +Ngiququdwa usizi + usuku nosuku.
17 Amathambo ami ayankenketha* ebusuku, +Nezinhlungu ezingiququdayo azipheli. +
18 Ngenxa yamandla amakhulu ingubo yami isontekile;*Njengesiphika sengubo yami, iyangiklinya.
19 UNkulunkulu ungiphonse phansi odakeni;Sengifana nothuli nomlotha.
20 Ngikhala kuwe ngicela usizo, kodwa awungiphenduli; +Ngiyasukuma, kodwa uvele ungibuke nje.
21 Usungijikele kabuhlungu; +Ngesandla sakho esinamandla amakhulu uyangihlasela.
22 Uyangithatha ungiphakamisele emoyeni,Bese ungijikijela ngapha nangapha esiphephweni.*
23 Ngoba ngiyazi ukuthi uyongiyisa ekufeni,Endlini okuyohlangana kuyo wonke umuntu ophilayo.
24 Kodwa akekho ongashaya umuntu owohlokile *+Njengoba ekhalela usizo ngesikhathi senhlekelele.
25 Angibakhalelanga yini labo abawe ngezikhathi ezinzima?*
Angibalilelanga yini abampofu. +
26 Nakuba ngangilindele okuhle, kwafika okubi;Ngangilindele ukukhanya, kodwa kwafika ubumnyama.
27 Isisu sami asiyekanga ukuphenduka;*Ngaficwa izinsuku zokuhlupheka.
28 Ngihambahamba ebumnyameni; + akukho ukukhanya kwelanga.
Ngiyasukuma ebandleni ngicele usizo.
29 Sengiphenduke umfowabo wezimpungusheNomngane wamadodakazi entshe. +
30 Isikhumba sami sesimnyama futhi sixebukile; +Amathambo ami ayasha.*
31 Ihabhu lami elabalilayo kuphela,Negemfe lami elabakhalayo kuphela.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “yemihosha.”
^ NgesiHebheru, “isaga.”
^ NgesiHebheru, “umcibisholo.”
^ Noma kungaba, “Kungenamuntu obasizayo.”
^ NgesiHebheru, “abhotshoziwe.”
^ Noma kungaba, “Usizi lwami oluxakile luyangivithiza.”
^ Noma kungaba, “Bese ungiphahlaza.”
^ NgesiHebheru, “inqwaba yezibi.”
^ Noma, “labo abanosuku olubi.”
^ Noma, “ukuxhuxhuzela.”
^ Noma kungaba, “Nginemfiva.”