uJobe 16:1-22
16 UJobe waphendula wathi:
2 “Ngizwe izinto eziningi ezifana nalezi ngaphambili.
Nonke ningabaduduzi abayinkathazo! +
3 Ayaphela yini amazwi angathi shu?*
Yini enenza niphendule kanje?
4 Nami bengingakhuluma njengani.
Ukube benisesimweni engikuso,Bengiyonigxeka,Ngininikinele ikhanda. +
5 Kunalokho, bengiyoniqinisa ngamazwi omlomo wami,Induduzo yezindebe zami ibiyonilethela impumuzo. +
6 Uma ngikhuluma, ubuhlungu bami abupheli, +Uma ngiyeka ukukhuluma, izinhlungu zami zincipha kangakanani?
7 Kodwa manje uNkulunkulu ungenze ngadinwa; +Wonke umndeni wami* uwenze incithakalo.
8 Uphinde ungibambe, futhi sekube ubufakazi,Kangangokuba ukuzaca kwami kuyaphakama kufakaze ebusweni bami.
9 Intukuthelo yakhe ingidwengule ngaba izicucu, futhi ungifukamelela inzondo. +
Ungigedlela amazinyo.
Amehlo esitha sami athe njo kimi. +
10 Bawuvule kakhulu umlomo wabo ngokumelene nami, +Bashaye izihlathi zami ngendelelo;Bangihlasela beyibutho elikhulu. +
11 UNkulunkulu unginikela kubafanyana,Angijikijele ezandleni zababi. +
12 Bengingenazinkathazo, kodwa wangichoboza; +Wangibamba ngentamo wangiphihliza;Wangenza isisulu sakhe.
13 Abacibisheli bakhe bangihaqile; +Uqhekeza izinso zami + angabi nabubele;Uthululela inyongo yami emhlabathini.
14 Uyangibhodloza evula izimbobo ngezimbobo;Ugijimela kimi njengeqhawe.
15 Ngithunge indwangu yesaka ukuze ngembathise umzimba wami, +Isithunzi* sami ngisingcwabe emhlabathini. +
16 Ubuso bami bubomvu ngenxa yokukhala, +Kunobumnyama obuzungeze amehlo ami,
17 Nakuba izandla zami zingenzanga bubiNomthandazo wami umsulwa.
18 O mhlaba, ungalimbozi igazi lami! +
Mangingathuliswa ekukhaleni kwami!
19 Ngisho kwamanje, ufakazi wami usemazulwini;Ongangifakazela usezindaweni eziphakeme.
20 Abangane bami bayangihleka +Njengoba iso lami likhalela* uNkulunkulu. +
21 Makube nomahluleli phakathi komuntu noNkulunkulu,Njengoba ebengahlulela phakathi komuntu nomuntu wakubo. +
22 Ngoba iminyaka ezayo imbalwa,Ngiyohamba ngingaphinde ngibuye. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “awumoya.”
^ Noma, “labo ababa kanye nami.”
^ Noma, “Amandla.”
^ Noma kungaba, “lithe njo.”