IzAga 24:1-34
24 Ungabi namona ngabantu ababi,Ungakuhaleli ukuba mdibi munye nabo, +
2 Ngoba inhliziyo yabo izindla ngobudlova,Nezindebe zabo zikhuluma inkathazo.
3 Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha, +Ngokuqonda imiswa iqine.
4 Amakamelo ayo agcwaliswa ngolwaziNgayo yonke ingcebo enhle neyigugu. +
5 Umuntu ohlakaniphile unamandla, +Ngolwazi umuntu wandisa amandla akhe.
6 Ngesiqondiso esihlakaniphile* uyolwa impi yakho, +Ngabeluleki abaningi kukhona ukunqoba. *+
7 Isiwula asinakukuthola ukuhlakanipha kweqiniso; +Asinalutho esingalusho esangweni ledolobha.
8 Noma ubani oceba ukwenza okubi,Kuyothiwa ungungqondongqondo weqili. +
9 Amacebo awubuwula* ayisono,Abantu bayamzonda umhleki wosulu. +
10 Uma udikibala ngosuku lokucindezeleka,*Amandla akho ayoba mancane.
11 Sindisa labo abayiswa ekufeniUbambe nalabo abayendayendela ekuhlatshweni. +
12 Uma uthi: “Kodwa besingakwazi lokhu,”
Lowo ohlola izinhliziyo* akayiqondi yini imicabango yakho? +
Yebo, Lowo okuqaphayo uyoyaziFuthi uyobuyisela kumuntu ngamunye ngokomsebenzi wakhe. +
13 Ndodana yami, yidla uju ngoba luyasiza;Uju lwamakhekheba lumnandi.
14 Ngendlela efanayo, yazi ukuthi ukuhlakanipha kuwusizo kuwe. +
Uma ukuthola, uyoba nekusasa elihleNethemba lakho ngeke liqedwe. +
15 Ungacuthi eduze komuzi wolungile unezisusa ezimbi;Ungayicekeli phansi indawo yakhe yokuphumula.
16 Ngoba olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke, +Kodwa ababi bayokwehlelwa inhlekelele bawe unomphela. +
17 Lapho isitha sakho siwa ungajabuli,Nalapho sikhubeka, ungayivumeli inhliziyo yakho ukuba ijabule; +
18 Ngaphandle kwalokho, uJehova uyobona adumale,Futhi ngeke esasithukuthelela. *+
19 Ungacasuki* ngenxa yabantu ababi;Ungabi namona ngabantu abakhohlakele,
20 Ngoba alikho ikusasa ngomuntu omubi; +Isibani sababi siyocinywa. +
21 Ndodana yami yesaba uJehova nenkosi. +
Ungazihlanganisi nabantu abaphikisayo, *+
22 Ngoba inhlekelele iyobehlela ngokuphazima kweso. +
Kwazi bani ukuthi bobabili* bayobalethela yiphi inhlekelele? +
23 La mazwi angawabahlakaniphile:
Akukuhle ukukhetha lapho wahlulela. +
24 Noma ubani othi komubi, “Wena ulungile,” +Abantu bayomqalekisa, alahlwe nayizizwe.
25 Kodwa kuyobahambela kahle labo abamsolayo; +Bayobusiswa ngezinto ezinhle. +
26 Abantu bayoqabula izindebe zalowo ophendula ngokwethembeka. *+
27 Lungisa umsebenzi wakho wangaphandle, ulungise zonke izinto ensimini;Ngemva kwalokho wakhe indlu yakho.
28 Ungafakazi ngokumelene nomakhelwane wakho ngaphandle kwesizathu. +
Izindebe zakho ungazisebenziseli ukukhohlisa abanye. +
29 Ungasho ukuthi: “Ngizokwenza kuye njengoba nje enzile kimi;Ngizombuyisela ngalokho akwenzile.” +
30 Ngadlula ngasensimini yomuntu oyivila +Nangasesivinini somuntu ontula ukuhlakanipha.*
31 Ngabona ukuthi kwakugcwele ukhula;Kwakumile imbabazane* yonke indawo,Nodonga lwamatshe lwaludilikile. +
32 Ngakubuka lokhu ngakufaka enhliziyweni;Ngakubona ngafunda lesi sifundo:*
33 Ukulala kancane, ukozela kancane,Ukusonga izandla kancane ukuze uphumule,
34 Ukuhlupheka kuyobe sekukufikela njengesela,Nokuswela kuyokufikela njengomuntu ohlomile. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ngokuqondisa okunekhono.”
^ Noma, “impumelelo; insindiso.”
^ Noma, “esiwula.”
^ Noma, “ngezikhathi zosizi.”
^ Noma, “izisusa.”
^ Okuwukuthi, isitha.
^ Noma, “Ungafuthelani.”
^ Noma, “nalabo abafuna ushintsho.”
^ Okuwukuthi, uJehova nenkosi.
^ Noma kungaba, “Ukuphendula ngendlela eqondile kufana nokuqabula.”
^ NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
^ Noma, “imbati.”
^ NgesiHebheru, “ngamukela lesi siyalo.”