U-Isaya 62:1-12

  • Igama elisha leZiyoni (1-12)

62  Ngenxa yeZiyoni ngeke ngithule, +Nangenxa yeJerusalema ngeke ngihlale ngithuleKuze kube yilapho ukulunga kwalo kukhanya njengokukhanya okukhulu +Nensindiso yalo ivutha njengesibani. +   “Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, wena wesifazane, +Nawo wonke amakhosi abone inkazimulo yakho. + Uyobizwa ngegama elisha, +Oyoliqanjwa umlomo kaJehova uqobo.   Uyoba ngumqhele omuhle esandleni sikaJehova,Nomshuqulo wasebukhosini esandleni sikaNkulunkulu wakho.   Ngeke kusathiwa ungowesifazane olahliwe, +Nezwe lakho ngeke kusathiwa liyincithakalo. + Kodwa uyobizwa ngokuthi unguNjabulo Yami Ikuye, +Nezwe lakho ngokuthi Owesifazane Oshadile. Ngoba uJehova uyojabula ngawe,Izwe lakho liyoba njengowesifazane oshadile.   Njengoba nje insizwa ishada nentombi nto,Amadodana akho ayokushada. UNkulunkulu wakho uyojabula ngawe +Njengoba umkhwenyana ejabula ngomakoti.   O Jerusalema, ngimise abalindi phezu kwezindonga zakho. Usuku lonke nobusuku bonke, njalo, mabangathuli. Nina enikhuluma ngoJehova,Maningathuli,   Ningathuli aze alimise ngokuqinile iJerusalema,Yebo, aze alimise njengendumiso emhlabeni.” +   UJehova ufunge ngesandla sakhe sokudla nangengalo yakhe enamandla wathi: “Ngeke ngisanika izitha zakho ukudla kwakho okusanhlamvu ukuba kube ngukudla kwazo,Abezinye izizwe ngeke besaliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekele. +   Kodwa ukudla okusanhlamvu kuyodliwa yilabo abakubuthayo futhi bayomdumisa uJehova;Nalabo abaqoqa iwayini bayoliphuzela emagcekeni ami angcwele.” + 10  Phumani, phumani ngamasango, Lungiselani abantu indlela. + Yakhani, yakhani umgwaqo omkhulu. Susani amatshe kuwo. + Phakamiselani izizwe isibonakaliso. *+ 11  Bhekani! UJehova umemezele emikhawulweni yomhlaba wathi: “Thanini endodakazini yaseZiyoni,‘Bheka! Insindiso yakho iyeza. + Bheka! Uphethe umvuzo wakhe,Nenkokhelo ayikhokhayo iphambi kwakhe.’ ” + 12  Bayobizwa ngokuthi abantu abangcwele, abahlengwe nguJehova, +Wena uyobizwa ngokuthi Ofunwayo, iDolobha Elingashiywanga. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “isigxobo esiwuphawu.”