U-Isaya 51:1-23

  • IZiyoni liyabuyiselwa libe njengensimu yase-Edene (1-8)

  • Induduzo evela kuMenzi weZiyoni onamandla (9-16)

  • Indebe yolaka lukaJehova (17-23)

51  “Ngilaleleni nina enifuna ukulunga,Nina enifuna uJehova. Bhekani idwala enasikwa kuloNenkwali enambiwa kuyo.   Bhekani u-Abrahama uyihloNoSara + owanizala.* Ngoba wayeyedwa lapho ngimbiza, +Ngambusisa ngayandisa inzalo yakhe. +   UJehova uyoliduduza iZiyoni. + Uyoziduduza zonke izindawo zalo ezibhuqiwe, +Uyokwenza ihlane lalo libe njenge-Edene +Nethafa lalo eliwugwadule libe njengengadi kaJehova. + Intokozo nenjabulo kuyotholakala kulo,Ukubonga nengoma emnandi. +   Nginakeni bantu bami,Ningilalele sizwe sami. + Ngoba ngiyokhipha umthetho, +Ngimise ubulungisa bami njengokukhanya ezizweni. +   Ukulunga kwami kuyasondela. + Insindiso yami iyophuma, +Ngiyosebenzisa amandla ami ukuze ngahlulele izizwe. + Iziqhingi ziyothembela kimi, +Zilindele amandla* ami.   Phakamiselani amehlo enu emazulwini,Bese nibuka phansi emhlabeni. Ngoba amazulu ayonyamalala njengentuthu;Umhlaba uyoguga njengengubo,Abahlala kuwo bayofa njengensensane.* Kodwa insindiso yami iyoba khona kuze kube phakade, +Nokulunga kwami ngeke kuphele. *+   Ngilaleleni nina enazi ukulunga,Bantu abanomthetho* wami ezinhliziyweni zabo. + Ningakwesabi ukuklolodelwa abantu,Ningethuki ngenxa yezinhlamba zabo.   Ngoba bayodliwa yinundu* njengengubo baphele;Inundu* edla izingubo iyobadla njengoboya. + Kodwa ukulunga kwami kuyoba khona kuze kube phakade,Nensindiso yami ibe kuzo zonke izizukulwane.” +   Vuka! Vuka! Zembathise amandla,Ngalo kaJehova! + Vuka njengasezinsukwini zakudala, njengasezizukulwaneni ezadlula. Akuwena yini owaphihliza uRahabi *+ waba yizicucu,Owagwaza isilwane esikhulu sasolwandle? + 10  Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asendaweni ejulile? + Owenza ukujula kolwandle kwaba umgwaqo wokuwela abahlengiwe? + 11  Abakhululiwe bakaJehova bayobuya. + Bayoza eZiyoni bememeza ngenjabulo, +Intokozo engapheli iyoba ngumqhele wabo. *+ Bayothokoza bajabule,Usizi nokububula kubaleke. + 12  “Mina nginguMduduzi + Kungani kufanele wesabe umuntu ozokufa +Nendodana yomuntu eyobuna njengotshani obuluhlaza? 13  Kungani ukhohlwa uJehova uMenzi wakho, +Lowo owelula amazulu + wabeka nesisekelo somhlaba? Usuku lonke wawulokhu wesaba ulaka lomcindezeli,*Njengokungathi wayengakuqothula. Luphi-ke ulaka lomcindezeli? 14  Lowo oqhothe emaketangeni uzokhululwa maduze; +Ngeke afe, ngeke aye egodini,Noma aswele ukudla. 15  Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho,Onyakazisa ulwandle enze amagagasi alo ahlokome +—NguJehova wamabutho igama lakhe. + 16  Ngizofaka amazwi ami emlonyeni wakho,Ngikumboze ngethunzi lesandla sami, +Ukuze ngitshale amazulu ngibeke nesisekelo somhlaba +Ngithi kulo iZiyoni, ‘Uyisizwe sami.’ + 17  Phaphama! Phaphama! Vuka Jerusalema, +Wena ophuze esandleni sikaJehova indebe yakhe yolaka. Uyiphuzile indebe;Uyiminyile indebe ebangela ukudiyazela. + 18  Akukho neyodwa kuwo wonke amadodana alo elawazala ezolihola,Akukho neyodwa kuwo wonke amadodana elawakhulisa ebambe isandla salo. 19  Lezi zinto ezimbili zikwehlele. Ubani ozozwelana nawe? Ukubhujiswa nokucekelwa phansi, indlala nenkemba! + Ubani ozokududuza? + 20  Amadodana akho aqulekile. + Alele kuwo wonke amakhona emigwaqo*Njengezimvu zasendle enethini. Ulaka lukaJehova luthululelwe kuwo, ukukhuza kukaNkulunkulu wakho.” 21  Ngakho ngicela ulalele lokhu,Wena wesifazane ohluphekayo nodakiwe, kodwa ongadakiwe yiwayini. 22  Yilokhu iNkosi yakho uJehova ekushoyo, uNkulunkulu wakho olwela abantu bakhe: “Bheka! Ngiyoyithatha esandleni sakho indebe ebangela ukudiyazela, +Isitsha sokuphuza, indebe yolaka lwami;Ngeke uphinde uyiphuze. + 23  Ngizoyibeka esandleni salabo abakuhluphayo, +Labo abathe kuwe, ‘Khothama ukuze sihambe phezu kwakho!’ Ngakho umhlane wakho wawenza waba njengomhlabathi,Njengomgwaqo ukuze bahambe kuwe.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “owanizala ngezinhlungu zokubeletha.”
Noma, “ingalo.”
Isinambuzane esifana nomiyane.
Noma, “kuphihlizwe.”
Noma, “abanomyalo.”
Noma, “isinambuzane esidla izingubo.”
Noma kungaba, “Isibungu.”
NgesiHebheru, “iyoba semakhanda abo.”
Noma, “lwalowo okucindezelayo.”
NgesiHebheru, “ekuqaleni kwayo yonke imigwaqo.”