U-Isaya 5:1-30
5 Mangiculele engimthandayo ingomaIngoma ngalowo engimthandayo nangensimu yakhe yamagilebhisi. +
Lowo engimthandayo wayenensimu yamagilebhisi egqumeni elivundile.
2 Wayimba, wakhipha amatshe.
Watshala kuyo amagilebhisi abomvu ekhethelo,Wakha umbhoshongo maphakathi nayo,Waqopha itshe wenza isikhamo sewayini kuyo. +
Wayelokhu ethemba ukuthi izothela amagilebhisi amahle,Kodwa yavele yathela amagilebhisi asendle kuphela. +
3 “Manje, nina bantu baseJerusalema nani madoda akwaJuda,Ngicela nahlulele phakathi kwami nensimu yami. +
4 Yini enye ebengingayenza ngensimu yami yamagilebhisiEngingakayenzi kakade? +
Kungani ithele amagilebhisi asendle kuphela,Kuyilapho bengithembe ukuthi izothela amagilebhisi amahle?
5 Ngicela ukunitshelaNgalokho engizokwenza ensimini yami yamagilebhisi:
Ngizosusa uthango lwayo,Ishiswe ngomlilo. +
Ngizobhidliza udonga lwayo lwamatshe,Futhi iyonyathelwa.
6 Ngizoyenza ibe yincithakalo; +Ngeke ithenwe noma ihlakulwe.
Kuzomila izihlahla zameva nokhula kuyo, +Ngizoyala amafu ukuba angayilethi imvula phezu kwayo. +
7 Insimu yamagilebhisi kaJehova wamabutho iyindlu ka-Israyeli; +Abantu bakwaJuda bayinsimu* ayeyithanda.
Wayelokhu ethemba ukubona ubulungisa, +Kodwa, bheka! babungekho ubulungisa;Ukuthola ukulunga,Kodwa, bheka! ukukhala ngenxa yokucindezeleka.” +
8 Maye kulabo abahlanganisa indlu nenye indlu +Nakulabo abathasisela insimu kwenye insimu +Kuze kuphele indawoNize nihlale nodwa ezweni!
9 UJehova wamabutho ufunge ezindlebeni zamiUkuthi izindlu eziningi, nakuba zizinkulu futhi zizinhle,Ziyoba yinto eshaqisayo,Kungabi namuntu ohlala kuzo. +
10 Ngoba insimu yamagilebhisi engama-eka ayishumi* iyothela ibhathi* elilodwa kuphela,Nehomere* lembewu liyothela i-efa* kuphela. +
11 Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze baphuze utshwala, +Abahlala kuze kube sebusuku baze badakwe yiwayini!
12 Kunehabhu nensimbi yomculo enezintambo,Ithamborini, umtshingo newayini emadilini abo;Kodwa abawunaki umsebenzi kaJehova,Abawuboni umsebenzi wezandla zakhe.
13 Ngakho abantu bami bayodingiswaNgenxa yokuthi abangazi; +Amadoda abo akhazimulayo ayobulawa yindlala, +Bonke abantu babo bayokoma.
14 Ngakho iThuna* lizinwebileLawuvula kakhulu umlomo walo; +Ubukhazikhazi* beJerusalema, isixuku salo esinomsindo, nabantu balo abathanda injabuloBayokwehlela kulo nakanjani.
15 Umuntu uyokhothama,Umuntu uyothotshiswa,Namehlo abaziphakamisayo ayothotshiswa.
16 UJehova wamabutho uyophakanyiswa ngenxa yesahlulelo* sakhe;UNkulunkulu weqiniso, oNgcwele, + uyozingcwelisa ngokulunga. +
17 Amawundlu ayoklaba njengasedlelweni lawo;Izifiki ziyodla endaweni eyincithakalo okwakudla kuyo izilwane ezondlekile.
18 Maye kulabo abaqamba amanga! Ngamanga abo badonsa isiphambeko nesonoNjengesilwane esidonsa inqola ngezintambo;
19 Labo abathi: “Makawusheshise umsebenzi wakhe;Mawufike ngokushesha ukuze siwubone.
Mayifezeke injongo* yoNgcwele ka-IsrayeliUkuze siyazi!” +
20 Maye kulabo abathi okuhle kubi nokubi kuhle, +Labo ababeka ubumnyama esikhundleni sokukhanya nokukhanya esikhundleni sobumnyama,Labo ababeka okubabayo esikhundleni sokumnandi nokumnandi esikhundleni sokubabayo!
21 Maye kulabo abazibona behlakaniphile emehlweni aboNabazibona benokuqonda! +
22 Maye kulabo abadume ngokuphuza iwayiniNasemadodeni angompetha bokudidiyela utshwala, +
23 Labo abathi omubi akanacala ukuze bathole isifumbathiso +Nabangamenzeli ubulungisa olungile! +
24 Ngakho-ke, njengoba nje ilangabi lishisa izinhlangaNotshani obomile buphelela emalangabini,Zona kanye izimpande zabo ziyobola,Nezimbali zabo ziyosakazeka njengothuli,Ngoba bawalile umthetho* kaJehova wamabuthoBadelela izwi loNgcwele ka-Israyeli. +
25 Yingakho intukuthelo kaJehova ibavuthela abantu bakhe,Uyokwelula isandla sakhe ngokumelene nabo abashaye. +
Izintaba ziyozamazama,Nezidumbu zabo ziyoba njengemfucumfucu emigwaqweni. +
Ngenxa yakho konke lokhu,* akayekanga ukubathukuthelela,Kodwa isandla sakhe sisalokhu siluliwe ukuze abashaye.
26 Usiphakamisele isibonakaliso* isizwe esikude; +Wasishayela ikhwela ukuba size sivela emkhawulweni womhlaba; +Bheka! siza ngejubane. +
27 Akekho okhathele nokhubekayo kuso.
Akekho owozelayo nolalayo.
Amabhande asezinkalweni zabo awaxegi,Nemichilo yezimbadada zabo ayigqashukile.
28 Yonke imicibisholo yaso icijile,Nayo yonke iminsalo yaso ilungele ukuciba.*
Izinselo zamahhashi aso zinjengetshe eliqinile,*Namasondo ezinqola zaso anjengesivunguvungu. +
29 Ukubhonga kwaso kunjengokwebhubesi;Sibhonga njengamabhongo amabhubesi. *+
Sizogwavuma sibambe inyamazaneSihambe nayo kungekho muntu ozoyikhulula.
30 Ngalolo suku, sizogwavuma ngenxa yayoNjengokuduma kolwandle. +
Noma ubani ogqolozela izwe, uyobona ubumnyama obucindezelayo;Ngisho nokukhanya sekumnyama ngenxa yamafu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bayizitshalo.”
^ NgesiHebheru, “elinywa yizipani eziyishumi ngosuku.” Okungaba amahektare amane.
^ Bheka iSithasiselo B14.
^ Bheka iSithasiselo B14.
^ Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “Izicukuthwane.”
^ Noma, “iShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “yobulungisa.”
^ Noma, “isinqumo; iseluleko.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Kubhekiselwa ezenzweni ezimbi zabantu bakaNkulunkulu.
^ Noma, “isigxobo esiwuphawu.”
^ Noma, “igotshiwe.”
^ Noma, “zinjengensengetsha.”
^ Noma, “njengamabhubesi asemancane anomhlwenga.”