U-Isaya 4:1-6

  • Abesifazane abayisikhombisa endodeni eyodwa (1)

  • Lokho uJehova akwenza kuhlume kuyokhazimula (2-6)

4  Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, + bathi: “Sizodla esethu isinkwaSigqoke ezethu izingubo;Kuphela masibizwe ngegama lakhoUkuze kusuke ihlazo lethu.” *+  Ngalolo suku, lokho uJehova akwenza ukuba kuhlume kuyoba kuhle kukhazimule, abasindile bakwa-Israyeli bayoziqhenya ngezithelo zezwe, zibe yinto yabo enhle. +  Noma ubani osele eZiyoni nosele eJerusalema kuyothiwa ungcwele, bonke labo ababhalwe phansi ukuba baphile eJerusalema. +  Lapho uJehova egeza ukungcola* kwamadodakazi aseZiyoni, + esusa negazi* ngaphakathi eJerusalema ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa, *+  uJehova uyoletha ifu kanye nentuthu emini, nomlilo ovutha amalangabi ebusuku phezu kwayo yonke indawo eseNtabeni iZiyoni naphezu kwendawo yemihlangano yalo; + ngoba phezu kwazo zonke izinto ezikhazimulayo kuyoba khona isivikelo.  Kuyoba khona idokodo ukuze libe ngumthunzi ekushiseni kwasemini, + libe yisiphephelo nesivikelo lapho kunesiphepho nemvula. +

Imibhalo yaphansi

Okuwukuthi, ihlazo lokungashadi nokungabi nazingane.
NgesiHebheru, “indle.”
Noma, “necala legazi; nokuchithwa kwegazi.”
Noma, “wokulahla.”