U-Isaya 38:1-22
38 Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wacishe wafa. + Kwabe sekufika u-Isaya umprofethi + indodana ka-Amozi kuye wathi, “Yilokhu uJehova akushoyo: ‘Nikeza umndeni wakho* iziqondiso, ngoba uzofa; ngeke ululame.’ ” +
2 UHezekiya waphenduka wabheka odongeni wathandaza kuJehova, wathi:
3 “O Jehova, ngiyakuncenga, ngicela ukhumbule + indlela engihambe ngayo phambi kwakho ngokwethembeka nangenhliziyo ephelele, + ngenze okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wabe esekhala kakhulu.
4 Izwi likaJehova lafika ku-Isaya, lathi:
5 “Phindela emuva uthi kuHezekiya, + ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho akushoyo: “Ngiwuzwile umthandazo wakho. + Ngizibonile izinyembezi zakho. + Nginezela iminyaka engu-15 ekuphileni kwakho, *+
6 futhi ngizokusindisa wena naleli dolobha esandleni senkosi yase-Asiriya, ngizolivikela leli dolobha. +
7 Yilolu uphawu oluvela kuJehova ukuze ubone ukuthi uJehova uzoligcwalisa izwi alikhulumile: +
8 Bheka ngizokwenza ukuba isithunzi esisezitebhisini* zika-Ahazi siphindele emuva ngamagxathu ayishumi.” ’ ” + Ngakho ilanga labuyela emuva ngamagxathu ayishumi ezitebhisini elase lehlile kuzo.
9 Umbhalo kaHezekiya inkosi yakwaJuda ngesikhathi egula wabe eselulama ekuguleni kwakhe.
10 Ngathi: “Phakathi nokuphila kwamiNgizongena emasangweni eThuna.*
Ngizophucwa iminyaka yami esele.”
11 Ngathi: “Ngeke ngimbone uJah,* uJah ezweni labaphilayo. +
Ngeke ngisasibuka isintuLapho sengikanye nabahlala ezweni lokufa.
12 Indawo yami yokuhlala isishuliwe yasuswa kimi +Njengetende likamalusi.
Ngigoqe ukuphila kwami njengalapho umuntu osebenzisa uhlaka lokweluka indwangu egoqa indwangu;Unginquma njengemicu ohlakeni lokweluka.
Kusukela emini kuze kuhlwe ulokhu ungiletha esiphethweni. +
13 Ngiyaziduduza kuze kube sekuseni.
Njengebhubesi, uqhubeka ewaphula wonke amathambo ami;Kusukela emini kuze kuhlwe ulokhu ungiletha esiphethweni. +
14 Njengenkonjane noma iphothwe, ngilokhu ngitshiyoza; +Ngilokhu ngivukutha* njengejuba. +
Amehlo ami akhathele ukubheka phezulu; +‘O Jehova, ngicindezeleke kakhulu;Ngisekele!’ *+
15 Yini engingayisho?
Ukhulume nami wathatha isinyathelo.
Ngizohamba ngokuthobeka* yonke iminyaka yamiNgenxa yobuhlungu benhliziyo yami.
16 ‘O Jehova, wonke umuntu uphila ngalezi zinto,*Amandla okuphila kwami akuzo.
Wena uyongiphilisa ungilonde. +
17 Bheka! Esikhundleni sokuthula ngangisosizini;Kodwa wangilonda egodini lokubhubha,Ngenxa yokuthi uyangithanda. +
Zonke izono zami uziphonse ngemva kwakho. *+
18 Ngoba iThuna* ngeke likukhazimulise, +Ukufa ngeke kukudumise. +
Labo abehlela egodini abanakuthembela ekubeni kwakho neqiniso. +
19 Abaphilayo kuphela abangakudumisa,Njengoba nje ngikwazi namuhla.
Ubaba angawafundisa amadodana akhe ngokuba neqiniso kwakho. +
20 O Jehova ngisindise,Sizodlala izingoma zami ngezinsimbi zomculo ezinezintambo +
Zonke izinsuku zokuphila kwethu endlini kaJehova.’ ” +
21 U-Isaya wathi: “Lethani ikhekhe lamakhiwane omisiwe agxishiwe, nilibeke ethumbeni ukuze alulame.” +
22 UHezekiya wayebuzile wathi: “Yiluphi uphawu engizobona ngalo ukuthi ngizoya endlini kaJehova?” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “abendlu yakho.”
^ NgesiHebheru, “ezinsukwini zakho.”
^ Mhlawumbe lezi zitebhisi zazisetshenziselwa ukukala isikhathi.
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Umsindo owenziwa yijuba.
^ NgesiHebheru, “Ngiqinisekise.”
^ Noma, “ngihluneme.”
^ Okuwukuthi, amazwi nezenzo zikaNkulunkulu.
^ Noma, “uzisusile phambi kwakho.”
^ Noma, “iShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.