U-Isaya 34:1-17

  • Impindiselo kaJehova ezizweni (1-4)

  • U-Edomi uzokwenziwa incithakalo (5-17)

34  Sondelani nina zizwe ukuze nizwe,Nilalele nina bantu. Mawulalele umhlaba nalokho okuwugcwalisile,Izwe nawo wonke umkhiqizo walo.   Ngoba uJehova uzithukuthelele zonke izizwe, +Ucasukele wonke amabutho azo. + Uyozibhubhisa;Uyozibulala. +   Ababulewe kuzo bayoshiywa bedindilize emhlabathini,Iphunga lezidumbu zabo liyonyuka; +Izintaba ziyoncibilika ngenxa yegazi labo. *+   Lonke ibutho lamazulu liyobola liphele,Namazulu ayogoqwa njengomqulu. Lonke ibutho lawo liyobuna,Njengeqabunga elibunile liwa esihlahleni samagilebhisiNanjengekhiwane elishwabene liwa esihlahleni somkhiwane.   “Ngoba inkemba yami iyomatiswa emazulwini. + Iyokwehlela phezu kuka-Edomi lapho ahlulelwa, +Phezu kwabantu enginqume ukubabhubhisa.   UJehova unenkemba; iyogcwala igazi. Iyombozwa ngamanoni, +Ngegazi lezinqama nelezimbuzi,Ngamanoni ezinso zezinqama. Ngoba uJehova unomhlatshelo eBhozira,Ukubulala okukhulu ezweni lakwa-Edomi. +   Izinkunzi zasendle ziyokwehla kanye nazo,Izinkunzi ezisencane kanye nabanamandla. Izwe labo liyomatiswa yigazi,Nothuli lwabo luyogcwala amanoni.”   Ngoba uJehova unosuku lwempindiselo, +Unyaka wokujezisa ngenxa yecala lomthetho ngeZiyoni. +   Imifudlana yalo* iyoguqulwa ibe yitiyela,Nothuli lwalo lube yisibabule,Izwe lalo liyoba njengetiyela elivuthayo. 10  Ngeke licinywe ebusuku noma emini;Intuthu yalo iyokhuphuka njalo kuze kube phakade. Liyoba yincithakalo izizukulwane ngezizukulwane;Akukho muntu oyodabula kulo kuze kube phakade naphakade. + 11  Liyoba yindawo yevuba nengungumbane,Izikhova ezinamadlebe amade namagwababa kuyohlala kulo. Uyokwelulela phezu kwalo intambo yokukalaNomthofu wokukala* ukuze abonise ukuthi liyosala lingenamuntu futhi lingabi yinto yalutho. 12  Asikho nesisodwa isicukuthwane salo esiyoba yinkosi,Zonke izikhulu zalo ziyoba yize. 13  Kuyomila ameva emibhoshongweni yalo yokuhlala enezivikelo eziqinile,Izimbabazane nokhula olunameva ezindaweni zalo ezivikelekile. Liyoba yindawo yezimpungushe, +Ikhaya lezintshe. 14  Izilwane zasogwadule ziyohlangana nezilwane ezihewulayo,Nembuzi yasendle* iyomemeza umngane wayo. Yebo, uzavolo uyohlala lapho azitholele indawo yokuphumula. 15  Inyoka iyokwakha isidleke sayo khona izalele amaqanda,Iyowachamisela iwabuthele emthunzini wayo. Yebo, oheshane bayoqoqana lapho, yilowo nalowo nomngane wakhe. 16  Funani encwadini kaJehova niyifunde ngokuzwakalayo. Akukho nokukodwa kuzo okuyobe kungekho;Akukho nokukodwa kuzo okuyobe kungenamngane,Ngoba ngumlomo kaJehova okhiphe lo myalo,Ngumoya wakhe okuqoqele ndawonye. 17  NguYe ozenzele inkatho,Isandla sakhe sizabele indawo.* Iyoba ngeyazo kuze kube phakade;Ziyohlala kuyo izizukulwane ngezizukulwane.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ziyogobhoza igazi labo.”
Ngokusobala kubhekiselwa eBhozira, inhloko-dolobha yakwa-Edomi.
NgesiHebheru, “Namatshe.”
Noma kungaba, “Nedemoni elimise okwembuzi.”
NgesiHebheru, “sizihlukanisele indawo ngentambo yokukala.”