U-Isaya 31:1-9
31 Maye kulabo abaya eGibhithe beyofuna usizo, +Labo abathembela emahhashini, +Abathembela ezinqoleni zempi ngenxa yokuthi ziningi,Nasemahhashini empi* ngoba enamandla.
Kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli,Abamfuni uJehova.
2 Kodwa yena uhlakaniphile futhi uyoletha inhlekelele,Ngeke awahoxise amazwi akhe.
Uyovuka amelane nendlu yabenzi bokubiNalabo abasiza abenza okubi. +
3 Nokho, abaseGibhithe bangabantu nje, abayena uNkulunkulu;Amahhashi abo ayinyama, awawona umoya. +
Lapho uJehova elula isandla sakhe,Noma ubani osizayo uyokhubeka,Nalowo osizwayo uyowa;Bonke bayoshabalala kanyekanye.
4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi:
“Njengoba nje ibhubesi ligwavuma, iwundlu lebhubesi elinamandla* ligwavuma lilwela inyamazane yalo,Lapho kubizwa iviyo labelusi ukuba bazolihlasela,Alithuswa amazwi aboNoma lesatshiswe ukuphithizela kwabo;Ngendlela efanayo uJehova wamabutho uyokwehla ukuze alweleINtaba iZiyoni negquma layo.
5 Njengezinyoni ezindiza zehlele phansi, uJehova wamabutho uyolivikela ngendlela efanayo iJerusalema. +
Uyolivikela alisindise.
Uyoliphephisa alikhulule.”
6 “Buyelani kuLowo enimvukele ingcaca, nina bantu bakwa-Israyeli. +
7 Ngoba ngalolo suku yilowo nalowo uyobalahla onkulunkulu bakhe besiliva abangasizi ngalutho nonkulunkulu bakhe begolide abangenanzuzo, izandla zenu ezinenzele bona ngesono.
8 UmAsiriya* uyofa ngenkemba, hhayi eyomuntu;Inkemba okungeyona eyomuntu iyomshwabadela. +
Uyobaleka ngenxa yenkemba,Izinsizwa zakhe ziyokwenziwa izigqila.
9 Idwala lakhe liyoshabalala ngenxa yokwethuka,Izikhulu zakhe ziyokwesaba kakhulu ngenxa yesigxobo esiwuphawu,” kusho uJehova,Okukhanya kwakhe* kuseZiyoni nosithando sakhe somlilo siseJerusalema.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Nasemadodeni agibele amahhashi.”
^ Noma, “ibhongo lengonyama elinomhlwenga.”
^ Kushiwo i-Asiriya njengesizwe.
^ Noma, “Omlilo wakhe.”