U-Isaya 3:1-26
3 Ngoba bheka! iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,Isusa eJerusalema nakwaJuda zonke izinto ezibasekelayo neziyisidingo,Okuwukuthi isinkwa namanzi, +
2 Indoda enamandla neqhawe,Umahluleli nomprofethi, + umbhuli nendoda endala,
3 Induna yabangu-50, + isikhulu nomeluleki,Umenzi wemilingo ochwepheshile nomlumbi* onekhono. +
4 Ngizokwenza abafana babe yizikhulu zabo,Nabantu abaguquguqukayo bazobabusa.
5 Abantu bayocindezelana,Yilowo nalowo acindezele umuntu wakubo. +
Umfana uyohlasela ixhegu,Nodelelekile uyophikisana nohloniphekile. +
6 Yilowo nalowo uyobamba umfowabo endlini kayise, athi:
“Wena unejazi—yiba yinduna yethu.
Busa le ndawo eyincithakalo.”
7 Kodwa uyokwala ngalolo suku, athi:
“Ngeke ngibe umbophi wamanxeba akho;*Endlini yami anginakudla nangubo.
Ningangenzi induna yabantu.”
8 Ngoba iJerusalema likhubekile,NoJuda uwile,Ngoba ngezwi nangezenzo zabo bamelene noJehova;Bayadlubulunda ekubeni khona kwakhe okukhazimulayo. *+
9 Isimo sobuso babo sifakaza ngokumelene nabo,Bakhuluma ngesono sabo njengabantu baseSodoma; +Abazami ukusifihla.
Maye kubo ngoba bazilethela inhlekelele!
10 Tshelani abalungile ukuthi kuyobahambela kahle;Bayothola umvuzo ngezenzo zabo. *+
11 Maye komubi!
Uyokwehlelwa yinhlekelele,Ngoba lokho akwenze ngezandla zakhe kuyokwenziwa nakuye!
12 Ababela isizwe sami imisebenzi bayasihlukumeza,Sibuswa abesifazane.
Bantu bami, abaholi benu bayaninhlanhlathisa,Bayanidukisa ezindleleni okufanele nihambe ngazo. +
13 UJehova ulungela ukubeka abantu icala;Uyasukuma ukuze agwebe izizwe.
14 UJehova uyokwahlulela amadoda amadala nezikhulu zabantu bakhe.
“Niwashisile amasimu amagilebhisi,Ezindlini zenu kukhona izinto enizebe kwabampofu. +
15 Nisithathaphi isibindi sokucindezela abantu bamiNesokugaya ubuso babampofu emhlabathini?” + kusho iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho.
16 UJehova uthi: “Ngenxa yokuthi amadodakazi aseZiyoni ayaziphakamisa,Ahamba ngokuziqhenya,*Abuka ngamehlo akhanukayo, ahamba etshikizaEnza umsindo okhencezayo ngomhlobiso ofakwa ezinyaweni,
17 UJehova uzokwenza ukuba ukhakhayi lwekhanda lamadodakazi aseZiyoni lube notwayi,UJehova uzokwenza amakhanda awo angabi nazinwele. +
18 Ngalolo suku uJehova uyosusa ubuhle bamabhengela,Amabhande asekhanda nemihlobiso emise okwenyanga eyethwese, +
19 Amacici,* imihlobiso yasesandleni, amaveyili,
20 Iminqwazo, amaketanga okuhloba asemaqakaleni, amabhande okuhloba asesifubeni,Namagobolondo aneziqholo nokokuzihlobisa,*
21 Izindandatho zaseminweni, amacici afakwa ekhaleni,
22 Izingubo zemikhosi, izingubo zangaphezulu, amajazi nezikhwama ezincane,
23 Izibuko eziphathwayo + nezingubo zelineni,*Amaduku okushuqula namaveyili.
24 Esikhundleni samafutha ebhalsamu, + kuyoba khona iphunga lokubola;Esikhundleni sebhande, intambo;Esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle, impandla; +Esikhundleni sengubo ebizayo, ingubo yendwangu yesaka; +Uphawu olubekwe ngokushiswa* esikhundleni sobuhle.
25 Amadoda akho ayowa ngenkemba,Amaqhawe akho afele empini. +
26 Amasango eZiyoni ayolila adabuke, +Liyohlala phansi emhlabathini liyincithakalo.” +
Imibhalo yaphansi
^ Umuntu onekhono lokulutha izinyoka.
^ Noma, “umelaphi wakho.”
^ NgesiHebheru, “emehlweni enkazimulo yakhe.”
^ NgesiHebheru, “Bayodla izithelo zezenzo zabo.”
^ NgesiHebheru, “elule izintamo.”
^ Noma, “Imihlobiso yomgexo.”
^ Noma, “namagobolondo okuzihlobisa anomsinjwana.”
^ Noma, “nezingubo zangaphansi.”
^ Uphawu olwalubekwa emzimbeni wesigqila kusetshenziswa insimbi eshisayo.