U-Isaya 29:1-24
29 “Maye nge-Ariyeli,* i-Ariyeli, idolobha uDavide akanisa kulo! +
Qhubekani unyaka nonyaka;Imijikelezo yemikhosi + mayiqhubeke.
2 Kodwa ngizoletha ukucindezeleka e-Ariyeli, +Kuyoba khona ukukhala nesililo, +Kimi liyoba njengeziko le-altare likaNkulunkulu. +
3 Ngiyokanisa nxazonke zakho ngikuhlasele,Ngiyokuvimbezela ngothango lwezigxobo ezicijileNgakhe izindonga zokukuvimbezela. +
4 Uyothotshiswa;Uyokhuluma usemhlabathini,Uthuli luyobangela ukuba kungezwakali okushoyo.
Izwi lakho liyovela emhlabathini +Njengezwi losebenzelana nemimoya,Izwi lakho liyotshiyoza livela othulini.
5 Isixuku sezitha zakho* siyoba njengokusampuphu okucolekile, +Isixuku sabacindezeli sibe njengamakhoba apheshulwa umoya. +
Kuyokwenzeka ngomzuzwana, ngokuzumayo. +
6 UJehova wamabutho uyokunaka ukuze akukhululeNgokuduma, ngokuzamazama nangomsindo omkhulu,Ngesivunguvungu nesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.” +
7 Isixuku sazo zonke izizwe ezilwa ne-Ariyeli, +—Bonke labo abalwa nalo,Imibhoshongo yokulivimbezela,Nalabo abalilethela ukucindezeleka—Bayoba njengephupho, umbono wasebusuku.
8 Yebo, kuyoba njengalapho umuntu olambile ephupha edla,Kodwa avuke elambile,Nanjengalapho umuntu owomile ephupha ephuza,Kodwa avuke ekhathele futhi omile.
Kuyokwenzeka kanjalo ngesixuku sazo zonke lezi zizweEzilwa neNtaba iZiyoni. +
9 Shaqekani nimangale; +Valani amehlo nibe yizimpumputhe. +
Badakiwe kodwa abadakiwe yiwayini;Bayadiyazela kodwa akungenxa yotshwala.
10 Ngoba uJehova uthululele kini umoya wobuthongo obukhulu; +Uwavalile amehlo enu, nina baprofethi, +Umboze amakhanda enu, nina baboni bemibono. +
11 Kini yonke imibono iba njengamazwi encwadi evaliwe. + Lapho beyinika umuntu okwazi ukufunda, bethi: “Sicela ufunde la ngokuzwakalayo,” uyothi: “Angikwazi ngoba ivaliwe.”
12 Lapho le ncwadi beyinika umuntu ongakwazi ukufunda, bethi: “Sicela ufunde la,” uyothi: “Angikwazi nhlobo ukufunda.”
13 UJehova uthi: “Lesi sizwe sithi siza kimiSingidumisa ngezindebe zaso, +Kodwa inhliziyo yaso ikude nami;Singesaba ngenxa yemiyalo esiyifundiswe ngabantu. +
14 Ngakho-ke, Mina ngiyophinde ngenze izinto ezimangalisayo ngalesi sizwe, +Isimangaliso phezu kwesimangaliso;Ukuhlakanipha kwabantu baso abahlakaniphile kuyoshabalala,Nokuqonda kwabantu baso abanokuqonda kuyophela.” +
15 Maye kulabo abajula kakhulu ekufihleleni uJehova amacebo* abo. +
Izinto abazenzayo bazenza ebumnyameni,Kuyilapho bethi: “Ngubani osibonayo?
Ngubani owaziyo ngathi?” +
16 Yeka indlela enisonta ngayo izinto!*
Ingabe umbumbi kufanele abhekwe njengobumba? +
Into eyenziwe kufanele yini ithi ngomenzi wayo:
“Akangenzanga”? +
Into ebunjiwe iyasho yini ngombumbi wayo ukuthi:
“Akaqondi”? +
17 Maduzane iLebhanoni liyophendulwa ingadi yezithelo, +Ingadi yezithelo iyobhekwa njengehlathi. +
18 Ngalolo suku abayizithulu bayozwa amazwi ale ncwadi,Ebumnyameni abayizimpumputhe bayobona. +
19 Abamnene bayothokoza ngoJehova,Nabampofu esintwini bayojabula ngoNgcwele ka-Israyeli. +
20 Ngoba umcindezeli uyobe engasekho,Nozigabisayo kuyophela ngaye,Nabo bonke abahlala bebheke ithuba lokwenza okulimazayo bayobhujiswa, +
21 Labo ngamanga abo abenza abanye babe necala,Ababekela umuntu ovikelayo* izicupho esangweni ledolobha, +Nalabo ngezimpikiswano ezingathi shu abenza ukuba olungile angabutholi ubulungisa. +
22 Ngakho yilokhu uJehova owakhulula u-Abrahama + akushoyo endlini kaJakobe:
“UJakobe ngeke esaba namahloni,Ubuso bakhe ngeke busaphaphatheka. *+
23 Ngoba lapho ebona abantwana bakhe,Umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, +Bayongcwelisa igama lami;Impela bayomngcwelisa oNgcwele kaJakobe,Bayoma bemangele ngenxa kaNkulunkulu ka-Israyeli. +
24 Labo abadukile bayothola ukuqonda,Nalabo abakhonondayo bayokwamukela isiqondiso.”
Imibhalo yaphansi
^ Cishe kusho ukuthi “Iziko Le-altare LikaNkulunkulu,” ngokusobala kushiwo iJerusalema.
^ NgesiHebheru, “salabo ongabazi.”
^ Noma, “injongo.”
^ Noma, “Yeka ukonakala kwenu!”
^ NgesiHebheru, “oyalayo.”
^ Okuwukuthi, ngenxa yamahloni nokudumazeka.